Bible

Elevate

Your Sunday Morning Worship Service

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 129

:
Zulu - 2020
1 Bangihluphe kakhulu, kusukela ebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.
2 Bangihlupha kakhulu, kodwa abangehlulanga.
3 Kwaphambana imivimbo emhlane wami, kwangathi yimisele edatshulwe ngabalimi ensimini.
4 USimakade ulungile, uzinqumile izintambo zezikhohlakali.
5 Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva bonke abazonda iZiyoni.
6 Mabafane notshani ophahleni, obubuna bungakakhuli.
7 Ovunayo akagcwalisi ngabo isandla sakhe, nobopha izinyanda, izingalo zakhe.
8 Abadlulayo mabathi: “Isibusiso sikaSimakade masibe phezu kwenu; siyanibusisa egameni likaSimakade.”