Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 128

:
Zulu - 2020
1 Ubusisiwe wonke umuntu owesaba uSimakade, ohamba ngezindlela zakhe.
2 Uyakudla okwezikhwepha zakho, ubusiseke, ube nempumelelo.
3 Umkakho uyakuba njengomvini othelayo emzini wakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bahlale bazungeze itafula lakho.
4 Ngokuba iyobusiswa kanjalo indoda emesabayo uSimakade.
5 Sengathi uSimakade angakubusisa eseZiyoni, ubone impumelelo yeJerusalema, zonke izinsuku zokuphila kwakho,
6 ubone abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.