Bible

Create

Inspiring Presentations Without Hassle

Try Risen Media.io Today!

Click Here

Psalms 127

:
Zulu - 2020
1 Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.
2 Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.
3 Bheka, abantwana bayifa elivela kuSimakade, isithelo sesibeletho singumklomelo.
4 Njengemicibisholo esandleni seqhawe, banjalo abantwana bobusha.
5 Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona, abayukujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni.