1Simakade, inhliziyo yami ayizigabisi, namehlo ami awaziphakamisi, angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingehlulayo.
2Ngiwududuzile, ngawuthulisa umphefumulo wami, njengomntwana elunyulwa ebeleni likanina, unjalo-ke nomphefumulo wami ngaphakathi kimi.
3Israyeli, yethemba uSimakade kusukela manje kuze kube phakade.