Psalms 1192020

1Babusisiwe abandlela iqotho, abahamba ngomthetho kaSimakade.

2Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, abamfuna ngenhlizyo epheleleyo,

3abangakwenzi okungalungile, kodwa abahamba ezindleleni zakhe.

4Uyalile ukuba izimiso zakho zigcinwe impela.

5Sengathi izindlela zami zingagxila ekugcineni izimiso zakho;

6khona ngingeyukujabha, lapho ngihlonipha yonke imiyalelo yakho.

7Ngizakukubonga ngenhliziyo eqotho, lapho ngifunda izehlulelo zakho ezilungileyo.

8Ngizozigcina izimiso zakho; uze ungangishiyi.

9Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na? Ngokugcina okwezwi lakho.

10Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke, mangingaphambuki emiyalweni yakho.

11Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.

12Mawubongwe Wena Simakade, ungifundise izimiso zakho.

13Ngomlomo wami ngimemezele zonke izehlulelo zomlomo wakho.

14Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho kungathi ngethabela ingcebo.

15Ngizozindla ngeziyalezo zakho, ngizihloniphe izindlela zakho.

16Ngizothokoza ngezimiso zakho; angiyukulikhohlwa izwi lakho.

17Yenzele okuhle inceku yakho, ukuze ngiphile, ngigcine izwi lakho.

18Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso ezisemthethweni wakho.

19Ngingumfokazi emhlabeni, ungangifihleli imiyalo yakho.

20Umphefumulo wami waphukile, ngokuba ngihlala ngilangazelela izehlulelo zakho.

21Uyabakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.

22Susa kimi inhlamba nokweyiswa, ngokuba ngibugcinile ubufakazi bakho.

23Noma izikhulu zihlala zikhuluma ngami; inceku yakho izindla ngezimiso zakho.

24Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumeluleki wami.

25Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho.

26Ngimemezele izindlela zami, Wena wangizwa; ngifundise izimiso zakho.

27Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho.

28Umphefumulo wami uyakhala ngenxa yosizi; ngiqinise ngokwezwi lakho.

29Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho.

30Ngiyikhethile indlela yeqiniso; izehlulelo zakho ngizibeke phambi kwami.

31Ngibambelele ebufakazini bakho; ungangijabhisi, Simakade.

32Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakungivumela ukuba ngenze kanjalo.

33Simakade, ngikhombise indlela yezimiso zakho; ngizoyigcina kuze kube sekugcineni.

34Ngiphe ingqondo, ukuze ngiwuqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.

35Ngihambise endleleni yemiyalo yakho, ngokuba ngiyathokoza ngayo.

36Inhliziyo yami yiguqulele ebufakazini bakho, ukuze ngingafuni nzuzo ngokungalungile.

37Phendula amehlo ami angakuboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho.

38Yigcwalise encekwini yakho inkulumo yakho eyenza ukuba wesatshwe.

39Dlulisa kimi inhlamba engiyesabayo, ngokuba izehlulelo zakho zinhle.

40Ngilangazelela iziyalezo zakho; ngokulunga kwakho ngiphilise.

41Umusa wakho mawuze kimi, Simakade, insindiso yakho ngokwezwi lakho.

42Khona ngiyakumphendula ongichukuluzayo, ngokuba ngiyalethemba izwi lakho.

43Ungalisusi emlonyeni wami izwi leqiniso, ngokuba ngiyazethemba izehlulelo zakho.

44Khona ngiyowugcina njalo umthetho wakho, kuze kube phakade.

45Ngizohamba ngenkululeko, ngokuba ngifuna iziyalezo zakho.

46Ngizokhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.

47Ngiyathokoza ngemiyalo yakho engiyithandayo.

48Ngiyakuyihlonipha imiyalo yakho, engiyithandayo, futhi ngizozindla ngezimiso zakho.

49Khumbula izwi owalisho encekwini yakho, owangenza ngalo ngaba nethemba.

50Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile.

51Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki.

52Ngiyazikhumbula Simakade, izehlulelo zakho zasendulo; ngiyaduduzeka.

53Ukuvutha kolaka kungibambile, ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho.

54Izimiso zakho zaba yizihlabelelo kimi, endlini yokugogobala kwami.

55Simakade, ebusuku ngikhumbula igama lakho, ngigcine umthetho wakho.

56Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngizigcinile iziyalezo zakho.

57USimakade uyisabelo sami; ngithi amazwi akho ngizowagcina.

58Ngincenga umusa wakho ngenhliziyo yami yonke; ngihawukele ngokwezwi lakho.

59Ngizindla ngezindlela zami; izinyawo zami ngiziqondisa ebufakazini bakho.

60Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho.

61Nakuba izintambo zezikhohlakali zingithandela, angikhohlwa ngumthetho wakho.

62Phakathi kwamabili ngivuka ngikubonge ngenxa yezehlulelo zakho ezilungileyo.

63Ngingumngani wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho.

64Umhlaba ugcwele umusa wakho, Simakade; ngifundise izimiso zakho.

65Simakade, ngokwezwi lakho wayenzela okuhle inceku yakho.

66Ngifundise ukwehlulela kahle nokwazi, ngokuba ngiyayikholwa imiyalo yakho.

67Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.

68Umuhle Wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho.

69Abazikhukhumezayo bangiqambela amanga; ngizozigcina ngenhliziyo yami yonke iziyalezo zakho.

70Inhliziyo yabo ilukhuni, abezwa lutho, kodwa mina ngithokoza ngomthetho wakho.

71Kwaba kuhle kimi ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho.

72Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva.

73Ngenziwe yizandla zakho, zangibumba, ngiphe umqondo ukuze ngifunde imiyalo yakho.

74Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona, ngokuba ngethemba izwi lakho.

75Ngiyazi Simakade, ukuthi izehlulelo zakho zilungile, nokuthi ngokwethembeka wangijezisa.

76Umusa wakho mawube yinduduzo encekwini yakho, ngokwezwi lakho.

77Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami.

78Abazikhukhumezayo mabajabhe, ngokuba bangicindezela ngaphandle kwesizathu; nokho mina ngizozindla ngeziyalezo zakho.

79Abakwesabayo nababaziyo ubufakazi bakho mabaphendukele kimi.

80Inhliziyo yami mayibe msulwa ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi.

81Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho.

82Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?”

83Noma senginjengemvaba entuthwini, izimiso zakho angizikhohlwa.

84Zingaki izinsuku zenceku yakho na? Uyakubehlulela nini abangizingelayo na?

85Abaqhoshayo bangimbela imigodi, labo abaphambene nomthetho wakho.

86Yonke imiyalo yakho yethembekile, ngihlushwa ngaphandle kwesizathu; ngisize.

87Bacishe bangiqeda emhlabeni, kodwa angizishiyanga iziyalezo zakho.

88Ngesihawu sakho hlenga impilo yami, ukuze ngibugcine ubufakazi bakho obusho ngomlomo wakho.

89Simakade, izwi lakho limi liqinile ezulwini, kuze kube phakade.

90Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukwethembeka kwakho kukhona; wamisa umhlaba; usemi.

91Ngokwezehlulelo zakho kusekhona nanamuhla, ngokuba konke kuyizinceku zakho.

92Ukuba umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami.

93Iziyalezo zakho angiyukuzikhohlwa kuze kube phakade, ngokuba ungiphilisile ngazo.

94Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngizifunile iziyalezo zakho.

95Izikhohlakali zicuthele ukungibhubhisa, kodwa mina ngigcina ubufakazi bakho.

96Ngibonile ukuthi konke kunesiphetho, kodwa umyalo wakho ubanzi kakhulu.

97Umthetho wakho ngiwuthanda kakhulu. Ngizindla ngawo usuku lonke.

98Ngemiyalo yakho, ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade.

99Nginokuqonda okubedlula bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.

100Ngiqonda ukwedlula izingwevu, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.

101Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi, ukuze ngigcine izwi lakho.

102Ezehlulelweni zakho, angichezuki, ngokuba Wena uyangifundisa.

103Anambitheka kamnandi amazwi akho, adlula uju emlonyeni wami.

104Ngeziyalezo zakho ngizuza ukuqonda, ngalokho-ke ngiyazizonda zonke izindlela zamanga.

105Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.

106Ngifungile, futhi ngakuqinisekisa ukuthi ngizozigcina izehlulelo zakho ezilungileyo.

107Simakade, ngihlupheka kakhulu, ngiphilise ngokwezwi lakho.

108Simakade, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izehlulelo zakho.

109Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, nokho umthetho wakho angiwukhohlwa.

110Izikhohlakali zingicuphile, kepha angichezukanga eziyalezweni zakho.

111Ubufakazi bakho buyifa lami laphakade, ngokuba buwukuthokoza kwenhliziyo yami.

112Inhliziyo yami ngiyinamathelise ekwenzeni izimiso zakho, kuze kube sekupheleni.

113Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.

114Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyalethemba izwi lakho.

115Sukani kimi, nina enenza okubi, ngokuba mina ngizoyigcina imiyalo kaNkulunkulu wami.

116Ngiphase ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ngingajabhi ngethemba lami.

117Ngisekele, ngize ngisindiswe, ukuze ngiqikelele ukugcina izimiso zakho njalo.

118Uyabalahla bonke abachezuka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize.

119Zonke izikhohlakali emhlabeni uzichitha njengamanyela, ngalokho-ke ngiyabuthanda ubufakazi bakho.

120Umzimba wami uyathuthumela ngenxa yokukwesaba, ngiyazesaba izehlulelo zakho.

121Ngenze ubulungiswa nokulunga; unganginikeli kwabangicindezelayo.

122Qinisekisa inhlalakahle yenceku yakho; ungabavumeli abazidlayo bangicindezele.

123Amehlo ami alangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho.

124Inceku yakho iphathe ngomusa wakho, ungifundise izimiso zakho.

125Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho.

126Sekuyisikhathi sokuba uSimakade asukume, ngokuba bawuphulile umthetho wakho.

127Ngalokho ngiyayithanda imiyalo yakho kunegolide, impela kunegolide elicwengekileyo.

128Ngakho-ke ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazizonda zonke izindlela zamanga.

129Ubufakazi bakho buyamangalisa, yingakho umphefumulo wami ubugcina.

130Ukwambulwa kwamazwi akho kunika ukukhanya, kuyabaqondisa abangenalwazi.

131Ngivula umlomo wami, nginelukuluku, ngokuba ngiyayilangazelela imiyalo yakho.

132Bheka ngakimi, ube nomusa kimi njengoba wenza kwabathanda iGama lakho.

133Izinyathelo zami ziqinise ezwini lakho; mangingabuswa nayinye inkohlakalo.

134Ngihlenge ekucindezelweni ngabantu, ukuze ngizigcine iziyalezo zakho.

135Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho.

136Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.

137Wena Simakade ulungile; izehlulelo zakho ziqotho.

138Ubufakazi bakho ubuqoke ngokulunga nangokwethembeka okukhulu.

139Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe ngamazwi akho.

140Izwi lakho lihloliwe kakhulu, yingakho inceku yakho ilithanda.

141Ngimncane, ngedelelekile; nokho iziyalezo zakho angizilibali.

142Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.

143Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami.

144Ukulunga kobufakazi bakho kumi ingunaphakade; ngiphe ukuqonda ukuze ngiphile.

145Ngizwe Simakade, ngikhala ngenhliziyo yami yonke; ngizozigcina izimiso zakho.

146Ngikhala kuwe, ngisindise; ngizobugcina ubufakazi bakho.

147Ngivuka ekuseni ngovivi ngikhale; ngiyawethemba amazwi akho.

148Ngiqwasha kuze kube kwesikabhadakazi, ukuze ngizindle ngezwi lakho.

149Simakade, yizwa izwi lami ngokomusa wakho, ungiphilise ngokwezehlulelo zakho.

150Bayasondela abalandela inkohlakalo; bakude nomthetho wakho.

151Wena Simakade useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso.

152Kade ngazi kwasemandulo ngobufakazi bakho ukuthi ubusekele kuze kube phakade.

153Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angiwukhohlwa umthetho wakho.

154Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho.

155Ukusindiswa kukude nezikhohlakali, ngokuba azizifuni izimiso zakho.

156Ububele bakho, Simakade, bukhulu; ngiphilise ngokwezehlulelo zakho.

157Abangizingelayo nabayizitha zami baningi, kodwa angichezuki emiyalelweni yakho.

158Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awaligcini izwi lakho.

159Bheka ukuthi ngizithanda kangakanani iziyalezo zakho, Simakade; ngiphilise ngokomusa wakho.

160Amazwi akho wonke ayiqiniso; zonke izehlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade.

161Izikhulu zingizingela ngaphandle kwesizathu, kodwa inhliziyo yami yesaba izwi lakho.

162Ngiyathokoza ngezwi lakho njengomuntu ejabulela impango eningi.

163Amanga ngiyawazonda, futhi ngiyawenyanya, kodwa ngiyawuthanda umthetho wakho.

164Kasikhombisa ngosuku, ngiyakudumisa ngezehlulelo zokulunga kwakho.

165Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo.

166Simakade, ngethemba insindiso yakho, futhi nemiyalo yakho ngiyayigcina.

167Umphefumulo wami ugcina ubufakazi bakho; ngibuthanda kakhulu.

168Ngigcina iziyalezo zakho nemiyalo yakho, ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.

169Ukukhala kwami makufinyelele phambi kwakho, Simakade; ngiqondise ngokwezwi lakho.

170Ukunxusa kwami makufinyelele phambi kwakho; ngihlenge ngokwezwi lakho.

171Umlomo wami mawuchichime indumiso, ngokuba uyangifundisa izimiso zakho.

172Ulimi lwami malukhulume izwi lakho, ngokuba imiyalo yakho yonke ilungile.

173Isandla sakho masibe lusizo kimi, ngokuba ngikhethe iziyalezo zakho.

174Ngiyayilangazelela insindiso yakho, Simakade; umthetho wakho uyintokozo yami.

175Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise; izehlulelo zakho mazingisize.

176Ngiduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angiyikhohlwa imiyalo yakho.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 119.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.