Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 119

:
Zulu - 2020
1 Babusisiwe abandlela iqotho, abahamba ngomthetho kaSimakade.
2 Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, abamfuna ngenhlizyo epheleleyo,
3 abangakwenzi okungalungile, kodwa abahamba ezindleleni zakhe.
4 Uyalile ukuba izimiso zakho zigcinwe impela.
5 Sengathi izindlela zami zingagxila ekugcineni izimiso zakho;
6 khona ngingeyukujabha, lapho ngihlonipha yonke imiyalelo yakho.
7 Ngizakukubonga ngenhliziyo eqotho, lapho ngifunda izehlulelo zakho ezilungileyo.
8 Ngizozigcina izimiso zakho; uze ungangishiyi.
9 Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na? Ngokugcina okwezwi lakho.
10 Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke, mangingaphambuki emiyalweni yakho.
11 Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.
12 Mawubongwe Wena Simakade, ungifundise izimiso zakho.
13 Ngomlomo wami ngimemezele zonke izehlulelo zomlomo wakho.
14 Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho kungathi ngethabela ingcebo.
15 Ngizozindla ngeziyalezo zakho, ngizihloniphe izindlela zakho.
16 Ngizothokoza ngezimiso zakho; angiyukulikhohlwa izwi lakho.
17 Yenzele okuhle inceku yakho, ukuze ngiphile, ngigcine izwi lakho.
18 Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso ezisemthethweni wakho.
19 Ngingumfokazi emhlabeni, ungangifihleli imiyalo yakho.
20 Umphefumulo wami waphukile, ngokuba ngihlala ngilangazelela izehlulelo zakho.
21 Uyabakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.
22 Susa kimi inhlamba nokweyiswa, ngokuba ngibugcinile ubufakazi bakho.
23 Noma izikhulu zihlala zikhuluma ngami; inceku yakho izindla ngezimiso zakho.
24 Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumeluleki wami.
25 Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho.
26 Ngimemezele izindlela zami, Wena wangizwa; ngifundise izimiso zakho.
27 Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho.
28 Umphefumulo wami uyakhala ngenxa yosizi; ngiqinise ngokwezwi lakho.
29 Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho.
30 Ngiyikhethile indlela yeqiniso; izehlulelo zakho ngizibeke phambi kwami.
31 Ngibambelele ebufakazini bakho; ungangijabhisi, Simakade.
32 Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakungivumela ukuba ngenze kanjalo.
33 Simakade, ngikhombise indlela yezimiso zakho; ngizoyigcina kuze kube sekugcineni.
34 Ngiphe ingqondo, ukuze ngiwuqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.
35 Ngihambise endleleni yemiyalo yakho, ngokuba ngiyathokoza ngayo.
36 Inhliziyo yami yiguqulele ebufakazini bakho, ukuze ngingafuni nzuzo ngokungalungile.
37 Phendula amehlo ami angakuboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho.
38 Yigcwalise encekwini yakho inkulumo yakho eyenza ukuba wesatshwe.
39 Dlulisa kimi inhlamba engiyesabayo, ngokuba izehlulelo zakho zinhle.
40 Ngilangazelela iziyalezo zakho; ngokulunga kwakho ngiphilise.
41 Umusa wakho mawuze kimi, Simakade, insindiso yakho ngokwezwi lakho.
42 Khona ngiyakumphendula ongichukuluzayo, ngokuba ngiyalethemba izwi lakho.
43 Ungalisusi emlonyeni wami izwi leqiniso, ngokuba ngiyazethemba izehlulelo zakho.
44 Khona ngiyowugcina njalo umthetho wakho, kuze kube phakade.
45 Ngizohamba ngenkululeko, ngokuba ngifuna iziyalezo zakho.
46 Ngizokhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.
47 Ngiyathokoza ngemiyalo yakho engiyithandayo.
48 Ngiyakuyihlonipha imiyalo yakho, engiyithandayo, futhi ngizozindla ngezimiso zakho.
49 Khumbula izwi owalisho encekwini yakho, owangenza ngalo ngaba nethemba.
50 Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile.
51 Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki.
52 Ngiyazikhumbula Simakade, izehlulelo zakho zasendulo; ngiyaduduzeka.
53 Ukuvutha kolaka kungibambile, ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho.
54 Izimiso zakho zaba yizihlabelelo kimi, endlini yokugogobala kwami.
55 Simakade, ebusuku ngikhumbula igama lakho, ngigcine umthetho wakho.
56 Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngizigcinile iziyalezo zakho.
57 USimakade uyisabelo sami; ngithi amazwi akho ngizowagcina.
58 Ngincenga umusa wakho ngenhliziyo yami yonke; ngihawukele ngokwezwi lakho.
59 Ngizindla ngezindlela zami; izinyawo zami ngiziqondisa ebufakazini bakho.
60 Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho.
61 Nakuba izintambo zezikhohlakali zingithandela, angikhohlwa ngumthetho wakho.
62 Phakathi kwamabili ngivuka ngikubonge ngenxa yezehlulelo zakho ezilungileyo.
63 Ngingumngani wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho.
64 Umhlaba ugcwele umusa wakho, Simakade; ngifundise izimiso zakho.
65 Simakade, ngokwezwi lakho wayenzela okuhle inceku yakho.
66 Ngifundise ukwehlulela kahle nokwazi, ngokuba ngiyayikholwa imiyalo yakho.
67 Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.
68 Umuhle Wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho.
69 Abazikhukhumezayo bangiqambela amanga; ngizozigcina ngenhliziyo yami yonke iziyalezo zakho.
70 Inhliziyo yabo ilukhuni, abezwa lutho, kodwa mina ngithokoza ngomthetho wakho.
71 Kwaba kuhle kimi ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho.
72 Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva.
73 Ngenziwe yizandla zakho, zangibumba, ngiphe umqondo ukuze ngifunde imiyalo yakho.
74 Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona, ngokuba ngethemba izwi lakho.
75 Ngiyazi Simakade, ukuthi izehlulelo zakho zilungile, nokuthi ngokwethembeka wangijezisa.
76 Umusa wakho mawube yinduduzo encekwini yakho, ngokwezwi lakho.
77 Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami.
78 Abazikhukhumezayo mabajabhe, ngokuba bangicindezela ngaphandle kwesizathu; nokho mina ngizozindla ngeziyalezo zakho.
79 Abakwesabayo nababaziyo ubufakazi bakho mabaphendukele kimi.
80 Inhliziyo yami mayibe msulwa ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi.
81 Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho.
82 Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?”
83 Noma senginjengemvaba entuthwini, izimiso zakho angizikhohlwa.
84 Zingaki izinsuku zenceku yakho na? Uyakubehlulela nini abangizingelayo na?
85 Abaqhoshayo bangimbela imigodi, labo abaphambene nomthetho wakho.
86 Yonke imiyalo yakho yethembekile, ngihlushwa ngaphandle kwesizathu; ngisize.
87 Bacishe bangiqeda emhlabeni, kodwa angizishiyanga iziyalezo zakho.
88 Ngesihawu sakho hlenga impilo yami, ukuze ngibugcine ubufakazi bakho obusho ngomlomo wakho.
89 Simakade, izwi lakho limi liqinile ezulwini, kuze kube phakade.
90 Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukwethembeka kwakho kukhona; wamisa umhlaba; usemi.
91 Ngokwezehlulelo zakho kusekhona nanamuhla, ngokuba konke kuyizinceku zakho.
92 Ukuba umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami.
93 Iziyalezo zakho angiyukuzikhohlwa kuze kube phakade, ngokuba ungiphilisile ngazo.
94 Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngizifunile iziyalezo zakho.
95 Izikhohlakali zicuthele ukungibhubhisa, kodwa mina ngigcina ubufakazi bakho.
96 Ngibonile ukuthi konke kunesiphetho, kodwa umyalo wakho ubanzi kakhulu.
97 Umthetho wakho ngiwuthanda kakhulu. Ngizindla ngawo usuku lonke.
98 Ngemiyalo yakho, ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade.
99 Nginokuqonda okubedlula bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.
100 Ngiqonda ukwedlula izingwevu, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.
101 Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi, ukuze ngigcine izwi lakho.
102 Ezehlulelweni zakho, angichezuki, ngokuba Wena uyangifundisa.
103 Anambitheka kamnandi amazwi akho, adlula uju emlonyeni wami.
104 Ngeziyalezo zakho ngizuza ukuqonda, ngalokho-ke ngiyazizonda zonke izindlela zamanga.
105 Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.
106 Ngifungile, futhi ngakuqinisekisa ukuthi ngizozigcina izehlulelo zakho ezilungileyo.
107 Simakade, ngihlupheka kakhulu, ngiphilise ngokwezwi lakho.
108 Simakade, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izehlulelo zakho.
109 Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, nokho umthetho wakho angiwukhohlwa.
110 Izikhohlakali zingicuphile, kepha angichezukanga eziyalezweni zakho.
111 Ubufakazi bakho buyifa lami laphakade, ngokuba buwukuthokoza kwenhliziyo yami.
112 Inhliziyo yami ngiyinamathelise ekwenzeni izimiso zakho, kuze kube sekupheleni.
113 Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.
114 Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyalethemba izwi lakho.
115 Sukani kimi, nina enenza okubi, ngokuba mina ngizoyigcina imiyalo kaNkulunkulu wami.
116 Ngiphase ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ngingajabhi ngethemba lami.
117 Ngisekele, ngize ngisindiswe, ukuze ngiqikelele ukugcina izimiso zakho njalo.
118 Uyabalahla bonke abachezuka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize.
119 Zonke izikhohlakali emhlabeni uzichitha njengamanyela, ngalokho-ke ngiyabuthanda ubufakazi bakho.
120 Umzimba wami uyathuthumela ngenxa yokukwesaba, ngiyazesaba izehlulelo zakho.
121 Ngenze ubulungiswa nokulunga; unganginikeli kwabangicindezelayo.
122 Qinisekisa inhlalakahle yenceku yakho; ungabavumeli abazidlayo bangicindezele.
123 Amehlo ami alangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho.
124 Inceku yakho iphathe ngomusa wakho, ungifundise izimiso zakho.
125 Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho.
126 Sekuyisikhathi sokuba uSimakade asukume, ngokuba bawuphulile umthetho wakho.
127 Ngalokho ngiyayithanda imiyalo yakho kunegolide, impela kunegolide elicwengekileyo.
128 Ngakho-ke ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazizonda zonke izindlela zamanga.
129 Ubufakazi bakho buyamangalisa, yingakho umphefumulo wami ubugcina.
130 Ukwambulwa kwamazwi akho kunika ukukhanya, kuyabaqondisa abangenalwazi.
131 Ngivula umlomo wami, nginelukuluku, ngokuba ngiyayilangazelela imiyalo yakho.
132 Bheka ngakimi, ube nomusa kimi njengoba wenza kwabathanda iGama lakho.
133 Izinyathelo zami ziqinise ezwini lakho; mangingabuswa nayinye inkohlakalo.
134 Ngihlenge ekucindezelweni ngabantu, ukuze ngizigcine iziyalezo zakho.
135 Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho.
136 Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.
137 Wena Simakade ulungile; izehlulelo zakho ziqotho.
138 Ubufakazi bakho ubuqoke ngokulunga nangokwethembeka okukhulu.
139 Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe ngamazwi akho.
140 Izwi lakho lihloliwe kakhulu, yingakho inceku yakho ilithanda.
141 Ngimncane, ngedelelekile; nokho iziyalezo zakho angizilibali.
142 Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.
143 Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami.
144 Ukulunga kobufakazi bakho kumi ingunaphakade; ngiphe ukuqonda ukuze ngiphile.
145 Ngizwe Simakade, ngikhala ngenhliziyo yami yonke; ngizozigcina izimiso zakho.
146 Ngikhala kuwe, ngisindise; ngizobugcina ubufakazi bakho.
147 Ngivuka ekuseni ngovivi ngikhale; ngiyawethemba amazwi akho.
148 Ngiqwasha kuze kube kwesikabhadakazi, ukuze ngizindle ngezwi lakho.
149 Simakade, yizwa izwi lami ngokomusa wakho, ungiphilise ngokwezehlulelo zakho.
150 Bayasondela abalandela inkohlakalo; bakude nomthetho wakho.
151 Wena Simakade useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso.
152 Kade ngazi kwasemandulo ngobufakazi bakho ukuthi ubusekele kuze kube phakade.
153 Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angiwukhohlwa umthetho wakho.
154 Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho.
155 Ukusindiswa kukude nezikhohlakali, ngokuba azizifuni izimiso zakho.
156 Ububele bakho, Simakade, bukhulu; ngiphilise ngokwezehlulelo zakho.
157 Abangizingelayo nabayizitha zami baningi, kodwa angichezuki emiyalelweni yakho.
158 Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awaligcini izwi lakho.
159 Bheka ukuthi ngizithanda kangakanani iziyalezo zakho, Simakade; ngiphilise ngokomusa wakho.
160 Amazwi akho wonke ayiqiniso; zonke izehlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade.
161 Izikhulu zingizingela ngaphandle kwesizathu, kodwa inhliziyo yami yesaba izwi lakho.
162 Ngiyathokoza ngezwi lakho njengomuntu ejabulela impango eningi.
163 Amanga ngiyawazonda, futhi ngiyawenyanya, kodwa ngiyawuthanda umthetho wakho.
164 Kasikhombisa ngosuku, ngiyakudumisa ngezehlulelo zokulunga kwakho.
165 Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo.
166 Simakade, ngethemba insindiso yakho, futhi nemiyalo yakho ngiyayigcina.
167 Umphefumulo wami ugcina ubufakazi bakho; ngibuthanda kakhulu.
168 Ngigcina iziyalezo zakho nemiyalo yakho, ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.
169 Ukukhala kwami makufinyelele phambi kwakho, Simakade; ngiqondise ngokwezwi lakho.
170 Ukunxusa kwami makufinyelele phambi kwakho; ngihlenge ngokwezwi lakho.
171 Umlomo wami mawuchichime indumiso, ngokuba uyangifundisa izimiso zakho.
172 Ulimi lwami malukhulume izwi lakho, ngokuba imiyalo yakho yonke ilungile.
173 Isandla sakho masibe lusizo kimi, ngokuba ngikhethe iziyalezo zakho.
174 Ngiyayilangazelela insindiso yakho, Simakade; umthetho wakho uyintokozo yami.
175 Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise; izehlulelo zakho mazingisize.
176 Ngiduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angiyikhohlwa imiyalo yakho.