Psalms 1182020

1Bongani uSimakade ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2Makathi u-Israyeli: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

3Mayithi indlu ka-Aroni: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

4Mabathi abamesabayo uSimakade: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

5Osizini lwami ngakhuleka kuSimakade, uSimakade wangiphendula, wangihola endaweni ebanzi.

6USimakade ungakimi, angiyukwesaba, umuntu angangenzani na?

7USimakade ungakimi ekanye nabangisizayo, ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.

8Kuhle ukuphephela kuSimakade kunokwethemba umuntu.

9Kuhle ukuphephela kuSimakade, kunokwethemba izikhulu.

10Zonke izizwe zingizungezile, egameni likaSimakade ngizozibhubhisa.

11Zingiphahlile, yebo, zingizungezile; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa.

12Zingibunganyele njengezinyosi, zizocinywa njengomlilo wameva; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa.

13Ungihlohlolozile ukuze ngiwe, kodwa uSimakade uyangisiza.

14USimakade ungamandla ami, nesihlabelelo sami, ube yinsindiso yami.

15Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisemathendeni abaqotho, isandla sokunene sikaSimakade sigile izimanga.

16Esokunene sikaSimakade siphakeme, esokunene sikaSimakade sisebenza ngamandla.

17Angizukufa; ngizophila, ngishumayele ngemisebenzi kaSimakade.

18USimakade wangijezisa kanzima, kodwa akanginikelanga ekufeni.

19Ngivuleleni amasango okulunga, ngingene ngawo, ngimdumise uSimakade.

20Yileli isango likaSimakade, olungileyo uyakungena ngalo.

21Ngiyakukudumisa, ngokuba ungizwile, ube yinsindiso yami.

22Itshe abalinqabayo abakhi, selaba yinhloko yegumbi.

23Lona lavela kuSimakade, liyisimangaliso emehlweni ethu.

24Yilolu usuku alwenzileyo uSimakade, siyakwethaba, sithokoze ngalo.

25Sindisa, Simakade, ngiyakuncenga! Hlahlamelisa, Simakade, ngiyakucela!

26Makabusiswe ozayo egameni likaSimakade, siyanibusisa sisendlini kaSimakade.

27USimakade unguNkulunkulu, usikhanyisele, hlobisani umkhosi ngamahlamvu, kuze kube sezimpondweni ze-althare.

28Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakubonga, Nkulunkulu wami, ngiyakuphakamisa.

29Bongani uSimakade, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 118.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.