1Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, wangiphendula.
2Simakade, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga nasolimini lwenkohliso.
3Uyoklonyeliswa ngani, uyokwenezelelwani wena lulimi lwenkohliso na?
4Imicibisholo ebukhali yeqhawe namalahle avuthayo omtholo.
5Maye kimi! Ngokuba ngigogobele kwaMeshekhi, ngihleli phakathi kwamathende akwaKhedari.
6Umphefumulo wami kade wahlala nabazonda ukuthula.
7Mina ngingowokuthula, kodwa uma ngikhuluma, bayalwa.