Psalms 1152020

1Ayingabi kithina Simakade, ayingabi kithina, kodwa yinike igama lakho inkazimulo, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho.

2Kungani abezizwe bethi: “Uphi manje uNkulunkulu wabo na?”

3UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda kwakhe.

4Izithombe zabo ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.

5Umlomo zinawo, kepha azikhulumi, amehlo zinawo, kepha aziboni.

6Izindlebe zinazo, kepha azizwa, zinamakhala, kepha azihogeli.

7Zinezandla, kepha aziphathi, zinezinyawo, kepha azihambi, azenzi msindo ngemiphimbo yazo.

8Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazethembayo.

9Israyeli, themba kuSimakade, Yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

10Wena ndlu ka-Aroni, themba kuSimakade, Yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

11Nina enesaba uSimakade thembelani kuSimakade, Yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

12USimakade usikhumbulile, uzosibusisa, abusise indlu ka-Israyeli, abusise indlu ka-Aroni.

13USimakade uzobabusisa abamesabayo, abancane nabadala.

14USimakade makanandise, nina nabantwana benu.

15Manibe ngababusisiweyo bakaSimakade, uMdali wezulu nomhlaba.

16Izulu lingelikaSimakade, kepha umhlaba wawabela abantwana babantu.

17Abafileyo abamdumisi uSimakade, namunye wabo asebehlele endaweni yabafileyo.

18Kepha thina sizombonga uSimakade kusukela manje kuze kube phakade, Haleluya!

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 115.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.