Bible

Create

Inspiring Presentations Without Hassle

Try Risen Media.io Today!

Click Here

Psalms 115

:
Zulu - 2020
1 Ayingabi kithina Simakade, ayingabi kithina, kodwa yinike igama lakho inkazimulo, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho.
2 Kungani abezizwe bethi: “Uphi manje uNkulunkulu wabo na?”
3 UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda kwakhe.
4 Izithombe zabo ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.
5 Umlomo zinawo, kepha azikhulumi, amehlo zinawo, kepha aziboni.
6 Izindlebe zinazo, kepha azizwa, zinamakhala, kepha azihogeli.
7 Zinezandla, kepha aziphathi, zinezinyawo, kepha azihambi, azenzi msindo ngemiphimbo yazo.
8 Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazethembayo.
9 Israyeli, themba kuSimakade, Yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
10 Wena ndlu ka-Aroni, themba kuSimakade, Yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
11 Nina enesaba uSimakade thembelani kuSimakade, Yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
12 USimakade usikhumbulile, uzosibusisa, abusise indlu ka-Israyeli, abusise indlu ka-Aroni.
13 USimakade uzobabusisa abamesabayo, abancane nabadala.
14 USimakade makanandise, nina nabantwana benu.
15 Manibe ngababusisiweyo bakaSimakade, uMdali wezulu nomhlaba.
16 Izulu lingelikaSimakade, kepha umhlaba wawabela abantwana babantu.
17 Abafileyo abamdumisi uSimakade, namunye wabo asebehlele endaweni yabafileyo.
18 Kepha thina sizombonga uSimakade kusukela manje kuze kube phakade, Haleluya!