Psalms 116
1 Ngiyamthanda uSimakade, ngokuba uyalizwa izwi lokukhuleka kwami.
2 Ngokuba ubeke indlebe yakhe kimi, ngizokhuleka kuye ngisaphila.
3 Izintambo zokufa zingithandele, nobuhlungu bendawo yabafileyo bungibambile, ngibhekene nosizi nezinhlupheko.
4 Ngase ngibiza igama likaSimakade, ngathi: “Ngiyakuncenga, Simakade, hlenga umphefumulo wami.”
5 USimakade unomusa, ulungile, uNkulunkulu wethu unobubele.
6 USimakade uyamvikela ongenakuzisiza; lapho ngithotshisiwe, Yena wangisindisa.
7 Buyela endaweni yakho yokuphumula, mphefumulo wami, ngokuba uSimakade ukuphathe ngomusa.
8 Impela uwuhlengile umphefumulo wami ekufeni, namehlo ami, ezinyembezini, nezinyawo zami, ekukhubekeni.
9 Ngizohamba phambi kukaSimakade ezweni labaphilayo.
10 Ngiyakholwa, yingakho ngathi: “Ngihlushwe ngokweqile.”
11 Ngisosizini, ngathi: “Bonke abantu banamanga.”
12 Ngiyakumnikani uSimakade ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle angenzele zona na?
13 Ngiyophakamisa indebe yensindiso, ngilibize igama likaSimakade.
14 Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe.
15 Kuyigugu emehlweni kaSimakade, ukufa kwabangcwele bakhe.
16 Impela ngiyinceku yakho Simakade, ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho, uzikhumulile izintambo zami.
17 Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaSimakade.
18 Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe,
19 emagcekeni endlu kaSimakade, phakathi kwakho, Jerusalema. Haleluya!