Psalms 1162020

1Ngiyamthanda uSimakade, ngokuba uyalizwa izwi lokukhuleka kwami.

2Ngokuba ubeke indlebe yakhe kimi, ngizokhuleka kuye ngisaphila.

3Izintambo zokufa zingithandele, nobuhlungu bendawo yabafileyo bungibambile, ngibhekene nosizi nezinhlupheko.

4Ngase ngibiza igama likaSimakade, ngathi: “Ngiyakuncenga, Simakade, hlenga umphefumulo wami.”

5USimakade unomusa, ulungile, uNkulunkulu wethu unobubele.

6USimakade uyamvikela ongenakuzisiza; lapho ngithotshisiwe, Yena wangisindisa.

7Buyela endaweni yakho yokuphumula, mphefumulo wami, ngokuba uSimakade ukuphathe ngomusa.

8Impela uwuhlengile umphefumulo wami ekufeni, namehlo ami, ezinyembezini, nezinyawo zami, ekukhubekeni.

9Ngizohamba phambi kukaSimakade ezweni labaphilayo.

10Ngiyakholwa, yingakho ngathi: “Ngihlushwe ngokweqile.”

11Ngisosizini, ngathi: “Bonke abantu banamanga.”

12Ngiyakumnikani uSimakade ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle angenzele zona na?

13Ngiyophakamisa indebe yensindiso, ngilibize igama likaSimakade.

14Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe.

15Kuyigugu emehlweni kaSimakade, ukufa kwabangcwele bakhe.

16Impela ngiyinceku yakho Simakade, ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho, uzikhumulile izintambo zami.

17Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaSimakade.

18Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe,

19emagcekeni endlu kaSimakade, phakathi kwakho, Jerusalema. Haleluya!

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 116.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.