Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 114

:
Zulu - 2020
1 Ngesikhathi u-Israyeli ephuma eGibhithe, indlu kaJakobe iphuma kubantu ababekhuluma olunye ulimi,
2 uJuda waba yindlu kaSimakade engcwele, u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.
3 Ulwandle lwakubona, lwabaleka, iJordani labuyiselwa emuva.
4 Izintaba zatshekula njengezinqama, amagquma, njengamawundlu.
5 Unani wena lulwandle ukuba ubaleke, nawe Jordani ukuba ubuyiselwe emuva na?
6 Ninani zintaba ukuba nitshekule njengezinqama, nani magquma, njengamawundlu na?
7 Thuthumela, mhlaba, phambi kweNkosi, phambi kukaNkulunkulu kaJakobe.
8 Yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi, insengetsha, ibe ngumthombo wamanzi.