1Ngesikhathi u-Israyeli ephuma eGibhithe, indlu kaJakobe iphuma kubantu ababekhuluma olunye ulimi,
2uJuda waba yindlu kaSimakade engcwele, u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.
3Ulwandle lwakubona, lwabaleka, iJordani labuyiselwa emuva.
4Izintaba zatshekula njengezinqama, amagquma, njengamawundlu.
5Unani wena lulwandle ukuba ubaleke, nawe Jordani ukuba ubuyiselwe emuva na?
6Ninani zintaba ukuba nitshekule njengezinqama, nani magquma, njengamawundlu na?
7Thuthumela, mhlaba, phambi kweNkosi, phambi kukaNkulunkulu kaJakobe.
8Yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi, insengetsha, ibe ngumthombo wamanzi.