Psalms 104
1 Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, Simakade Nkulunkulu wami, umkhulu, wembethe udumo nobukhosi,
2 wembethe ukukhanya njengengubo, weneka izulu njengendwangu.
3 Ubeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, wenza amafu abe yinqola yakhe, uhamba ngamaphiko omoya,
4 wenza umoya ube yizithunywa zakhe, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.
5 Umhlaba uwumise phezu kwezisekelo zawo, ukuze unganyakaziswa kuze kube phakade naphakade.
6 Wawumboza ngolwandle njengengubo, amanzi ema phezu kwezintaba.
7 Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.
8 Enyuka izintaba, ehla izigodi, aze afika endaweni owawuyimisele wona.
9 Uwamisele umngcele ukuba angaweqi, angabuyi ukuzosibekela umhlaba.
10 Uthumela imithombo ezigodini, yona igijima phakathi kwezintaba.
11 Iphuzisa izilwane zonke zasendle, izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo.
12 Izinyoni zezulu zakhe ngakuyo, zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha.
13 Uchelela izintaba ngokuvela emakamelweni akhe aphezulu, umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho.
14 Uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu, ukuze athole ukudla okuvela emhlabeni,
15 newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.
16 Imithi kaSimakade iyasuthisa, imisedari eLebhanoni ayitshalileyo,
17 kwakhela kuyo izinyoni, unogolantethe unesidleke kuyo imisayiphuresi.
18 Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle, amawa ayisiphephelo sezimbila.
19 Wenza inyanga ukuba ibe ngeyokwehlukanisa izinkathi, ilanga liyazi ukuthi lishona nini.
20 Ubumnyama wenza ukuba bube wubusuku, phakathi kwabo izilo zonke zasehlathini ziyaphuma.
21 Amabhongo amabhubesi agwavumele inyamazane, efuna ukudla kwawo kuNkulunkulu.
22 Kuthi ngokuphuma kwelanga abuyele phansi emiphandwini yawo, alale.
23 Kube sekuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasemshikashikeni wakhe, kuze kuhlwe.
24 Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.
25 Bheka nje ulwandle, lukhulu, lubanzi, kulo kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu.
26 Kulo kuntweza imikhumbi, inkanyamba yasolwandle oyidalileyo idlala kulo.
27 Zonke lezi zidalwa zibheke Wena, ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esifaneleyo.
28 Uyazinika ukudla, zikubuthe; uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle.
29 Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.
30 Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba.
31 Inkamulo kaSimakade mayime kuze kube phakade; uSimakade makathokoze ngemisebenzi yakhe,
32 Yena obheka umhlaba, maqede uthuthumele, athinte izintaba, zithunqe.
33 Ngizomhubela uSimakade, inqobo nje uma ngisaphila. Ngizohlabelelela uNkulunkulu wami ngisekhona.
34 Kwangathi izizindlo zami zingamthokozisa, ngokuba ukuthokoza kwami kukuSimakade.
35 Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba bikho zikhohlakali. Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, Haleluya!