Psalms 105
1 Bongani uSimakade, nibize igama lakhe, izenzo zakhe nizazise phakathi kwabantu.
2 Mhlabeleleleni, nimhubele, nikhulume ngazo zonke izimangaliso zakhe.
3 Dumisani igama lakhe elingcwele, mazithokoze izinhliziyo zabafuna uSimakade.
4 Mfuneni uSimakade namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalonjalo.
5 Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezehlulelo zomlomo wakhe,
6 nina bozalo luka-Abhrahama, inceku yakhe, nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.
7 Yena unguSimakade uNkulunkulu wethu, izehlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.
8 Kuyoze kube phakade esikhumbula isivumelwano sakhe, izwi ayala ngalo izizukulwane ngezizukulwane,
9 avumelana ngaso no-Abhrahama, nesifungo asenza ku-Isaka,
10 wasiqinisa kuJakobe, saba ngumthetho naku-Israyeli saba yisivumelwano esiphakade.
11 Wathi: “Ngizokunika iKhanani, libe yisabelo sefa lakho.”
12 Ngaleso sikhathi babeyingcosana ngenani, yebo, babeseyingcosana, futhi babengabafokazi kulo.
13 Bazulazula ezizweni ngezizwe, besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu.
14 Akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo,
15 ethi: “Ningabathinti abagcotshiweyo bami, ningabalimazi abaphrofethi bami.”
16 Lapho ethumela indlala ezweni, kwavaleka umthombo wokudla.
17 Wathumela indoda, yabendulela, uJosefa owathengiswa waba yisigqila,
18 balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga, waboshwa ngensimbi.
19 Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe, izwi likaSimakade lamhola.
20 Inkosi yathumela, yamkhulula, umbusi wabantu wamdedela.
21 Wamenza umphathi wendlu yakhe, nenduna yezinto zakhe zonke,
22 ukuze abophe izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe, afundise amalunga akhe ukuhlakanipha.
23 U-Israyeli wayesefika eGibhithe, uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.
24 USimakade wabenza banda kakhulu abantu bakhe, wabenza baba namandla kunezitha zabo.
25 Wayiguqula inhliziyo yabantu baseGibhithe, babazonda abantu bakhe, baziphatha ngobuqili izinceku zakhe.
26 Wathumela uMose inceku yakhe, no-Aroni ayemkhethile.
27 Benza izibonakaliso nezimangaliso zakhe phakathi kwabo, ezweni likaHamu.
28 Wabehlisela ngobumnyama, kwaba mnyama ezweni, kepha baphambana namazwi akhe.
29 Waphendula amanzi abo aba yigazi, wabhubhisa izinhlanzi zabo.
30 Izwe labo lagcwala amasele nasezindlini zamakhosi abo.
31 Wakhuluma, kwavela izibawu nomiyane emingceleni yabo yonke.
32 Wabanika isichotho saba yimvula yabo, amalangabi omlilo ezweni lakubo.
33 Washaya nemivini yabo nemikhiwane yabo, waphula imithi yasezweni labo.
34 Wakhuluma, kwavela isikhonyane nezinkumbi ezingenakubalwa.
35 Zona zadla imifino yonke yezwe lakubo, zaqothula nezithelo zomhlabathi wabo.
36 Washaya namazibulo wonke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo.
37 Abantu bakhe wayesebakhipha benesiliva negolide, kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.
38 IGibhithe lajabula ekuphumeni kwabo, ngokuba ukwesaba kwabehlela.
39 Wendlala ifu lokubasibekela, nomlilo wokubakhanyisela ebusuku.
40 Bacela, waletha izigwaca, wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.
41 Wavula idwala, kwampompoza amanzi, agobhoza ogwadule kwangathi ngumfula.
42 USimakade walikhumbula izwi lakhe elingcwele no-Abhrahama, inceku yakhe.
43 Wayesebakhipha abantu bakhe bethokozile, abakhethiweyo bakhe bahuba ngokwethaba.
44 Wabapha amazwe abezizwe, badla umcebo wabezizwe,
45 ukuze baqaphele ukugcina izimiso zakhe nemithetho yakhe. Haleluya!