1Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, konke okungaphakathi kimi makulibonge igama lakhe elingcwele.
2Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, ungaze wakhohlwa yimisebenzi yakhe yonke yomusa,
3Yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho,
4okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni, okuqhelisa ngomusa nangobubele,
5osuthisa ukulangazelela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.
6USimakade ubenzela bonke abacindezelweyo ukulunga nobulungiswa.
7Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantu bakwa-Israyeli, izenzo zakhe.
8USimakade unobubele nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa.
9Akathethi njalonjalo, akayigcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.
10Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu.
11Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.
12Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, uzidedise kangako iziphambeko zethu.
13Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo.
14Ngokuba uyazi ukuthi sibunjwe kanjani, uyakhumbula ukuthi siluthuli nje.
15Izinsuku zomuntu zinjengotshani; ukhahlela njengembali yasendle,
16ipheshethwa ngumoya, bese inyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi.
17Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,
18abagcina isivumelwane sakhe, bakhumbule ukwenza iziyalezo zakhe.
19USimakade umise isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini, umbuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.
20Bongani uSimakade nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enigcina izwi lakhe nilalele okushiwo yilo.
21Bongani uSimakade nina mabandla akhe wonke, nina zinceku zakhe enenza intando yakhe.
22Bongani uSimakade, nina misebenzi yakhe yonke ezindaweni zonke zombuso wakhe. Mbonge uSimakade, mphefumulo wami.