Proverbs 292020

1Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.

2Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo, kodwa bayakhononda ngokubusa kwesikhohlakali.

3Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise, kepha ongumngani wezifebe usaphaza imfuyo yakhe.

4Inkosi iyalimisa izwe layo ngobulungiswa; umuntu olithelisayo ulicekela phansi.

5Umuntu oyenga umakhelwane wakhe wendlala inetha ezinyaweni zakhe.

6Ugibe lusesiphambekweni somuntu omubi, kodwa olungileyo uhlabelela ngentokozo.

7Olungileyo uyalazi ilungelo lompofu, kodwa omubi akaqondi lutho.

8Izedeleli ziyawushisa umuzi, kodwa abalungileyo bayaludambisa ulaka.

9Uma ohlakaniphileyo ephikisana nesiwula siyadlova, sihleke, kungabi bikho ukuthula.

10Abantu abathanda ukuchitha igazi bayabazonda abamsulwa, kodwa abaqotho bayakuvikela ukuphila kwakhe.

11Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso, kepha ohlakaniphileyo uyalugodla kuze kube sekugcineni.

12Uma umbusi elalela indaba yamanga, zonke izikhulu zakhe ziyakhohlakala.

13Ompofu nocindezelayo bayafana; nguSimakade owenza ukuba bobabili amehlo abo abone.

14Inkosi eyehlulela abampofu ngeqiniso, isihlalo sayo sobukhosi siyakuma phakade.

15Uswazi nokusola kunika ukuhlakanipha, kepha umntwana oyekwayo uyakuhlaza unina.

16Lapho zanda izikhohlakali, kwanda iziphambeko, kepha abalungileyo bayakubona ukuwa kwazo.

17Yiyale indodana yakho, khona iyokuphumuza, yebo, iwuthokozise umphefumulo wakho.

18Lapho kungekho mbono khona, abantu baba wumhlambi kazalusile, kodwa ubusisiwe ogcina umthetho.

19Inceku ayisolwa ngamazwi nje, ngokuba noma iqonda ayiyukulalela.

20Uyambona umuntu oshesha ukukhuluma, ungcono umuntu oyisiwula kunaye.

21Inceku ekhuliswa ngokutotoswa kwasebuntwaneni, isiphetho sayo siyoba sibi.

22Umuntu onolaka udala ingxabano, nalowo onesififane ubanga ukuphambuka okukhulu.

23Impakamo yomuntu iyomqumba phansi, kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.

24Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe; uzwa isifungo esibi ngomunye, kepha angasidaluli.

25Ukwesaba abantu ngukuzibekela ugibe, kepha owethemba uSimakade uyalondeka.

26Abaningi bafuna umusa wombusi, kepha ukwehlulelwa komuntu kuvela kuSimakade.

27Umuntu ongethembekile uyisinengiso kwabalungileyo, nohamba ngobuqotho uyisinengiso kokhohlakele.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Proverbs 29.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.