Proverbs 282020

1Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.

2Ngenxa yesiphambeko sezwe, linezikhulu eziningi, kepha ngomuntu onokuqonda nonolwazi liyakuma.

3Umuntu oswelayo kodwa acindezele abampofu, unjengemvula ekhukhula ingashiyi kudla.

4Abalahla umthetho batusa izikhohlakali, kepha abagcina umthetho balwa nazo.

5Abantu ababi ababuqondi ubulungiswa, kodwa abafuna uSimakade, bakuqonda konke.

6Ungcono ompofu ohamba ngobuqotho, kunocebileyo ohamba ngezindlela ezigwegwile.

7Ogcina umthetho uyindodana ehlakaniphileyo, kanti ongumngani weziminzi uhlazisa uyise.

8Owandisa ingcebo ngenzalo nangenzuzo ethe xaxa, uyiqoqela onomusa kwabampofu.

9Ofulathelisa indlebe yakhe ekulaleleni umthetho nomkhuleko wakhe, uyisinengiso.

10Oyengela abaqotho endleleni embi, nguyena oyokhalakathela emgodini, kepha abangenasici bayodla ifa elihle.

11Ocebileyo uhlakaniphile emehlweni akhe, kodwa ompofu onokuqonda uyamhlolisisa, ambone.

12Lapho abaqotho bethokoza, kuba nodumo olukhulu, kodwa uma izikhohlakali ziphakama, abantu bayacasha.

13Ofihla iziphambeko zakhe akayukuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.

14Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.

15Umbusi okhohlakele obusa abampofu, unjengengonyama ebhodlayo nebhele elihahayo.

16Umbusi ongenakuqonda ungumcindezeli ononya, kodwa ozonda inzuzo engalungile uyophila isikhathi eside.

17Umuntu osindwa yigazi lomunye, uyakubaleka kuze kube segodini; makangasizwa muntu.

18Ohamba ngobuqotho uzophepha, kepha ohamba ngezindlela ezigwegwile uyokuwa kwenye yazo.

19Olima insimu yakhe uyosuthiswa ngukudla, kepha olandela amayiyane, uyosutha ubumpofu.

20Owethembekileyo uyolandelwa yizibusiso, kepha oceba ngokushesha akayukuyekwa angajeziswa.

21Ukwenzelela akukuhle, kepha ngocezwana nje lwesinkwa umuntu angenza okubi.

22Umuntu onomona uyashesha ukuceba, kodwa akazi ukuthi ubuphofu buyakufika kuye.

23Osola umuntu uyakuthola ngasemuva isisa kunothopha ngolimi lwakhe.

24Ophanga uyise nonina, ethi: “Akusiso isiphambeko,” yena ungumngani wombhubhisi.

25Umuntu ozazisayo udala ingxabano, kodwa owethembela kuSimakade uyakucetshiswa.

26Owethembela enhliziyweni yakhe uyisiwula, kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.

27Opha ompofu akayukuswela, kepha ositheza amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.

28Lapho izikhohlakali zivuka abantu bayacasha, kepha ngokubhubha kwazo abalungileyo bayanda.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Proverbs 28.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.