1Ungazigabisi ngekusasa, ngoba awazi ukuthi usuku lukuphatheleni.
2Mawutuswe ngomunye, kungabi ngowakho umlomo; kube ngumfokazi, hhayi izindebe zakho.
3Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima, kodwa ukuchukuluza kwesiwula kusinda ukwedlula kokubili.
4Ulaka lungulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?
5Ukusola okusobala kungcono kunothando olufihliweyo.
6Amanxeba adalwe ngumngani anokwemukeleka kunokwanga okuningi kwesitha.
7Umphefumulo osuthi uyacikwa wuju, kodwa emphefumulweni olambileyo, ngisho okubabayo imbala, kumnandi.
8Njengenyoni esuka ibaleka esidlekeni sayo, unjalo umuntu obalekele indawo yakhe.
9Amafutha namakha kuyayithokozisa inhliziyo, kodwa umphefumulo udabukiswa yinhlupheko.
10Ungamlahli umngani wakho noma okayihlo; ungabalekeli endlini yomfowenu ngosuku lwenhlekelele. Ungcono umakhelwane oseduze kunesihlobo esihlala kude.
11Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuze ngiphendule ongisolayo.
12Ohlakaniphile uyabubona ububi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaqhubeka, bese beyajeziswa.
13Thatha ingubo yalowo oyisibambiso somfokazi, umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.
14Obusisa umakhelwane ngokubanga umsindo evuka ekuseni, kuyobalelwa kuye, kube yisiqalekiso.
15Owesifazane obeleselayo ufana nemvula engumvimbi.
16Ukumvimba kufana nokuvimba umoya, nokubamba amafutha.
17Insimbi ilola enye insimbi, nomuntu usizwa ngabanye.
18Olonda umkhiwane uyakudla izithelo zawo; novikela inkosi yakhe, uyakuhlonishwa.
19Njengamanzi ekhombisa ubuso, injalo nenhliziyo yomuntu komunye.
20Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi, namehlo omuntu awasuthi.
21Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando somlilo singesegolide; kanjalo umuntu unjengodumo lwakhe.
22Noma ungasigqula esigqulweni isiwula, usisile ngembokodo etsheni, kepha ubuwula baso abuyukusuka kuso.
23Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho, ubeke inhliziyo yakho emihlanjini yakho.
24Ngokuba ingcebo ayiyukuhlala kuze kube phakade; nomqhele uyakuhlala yini izizukulwane ngezizukulwane na?
25Lapho utshani bushabalala, kuhluma obusha, bese kukhiwa imifino ezintabeni,
26izimvu zingezokuba wembathe, nezimbuzi ukuba zibe yintengo yensimu.
27Kuyakuba khona ubisi lwezimbuzi olwanele, ukuba lube ukudla kwakho nokudla kwendlu yakho, kwamantombazana akho.