Proverbs 27
1 Ungazigabisi ngekusasa, ngoba awazi ukuthi usuku lukuphatheleni.
2 Mawutuswe ngomunye, kungabi ngowakho umlomo; kube ngumfokazi, hhayi izindebe zakho.
3 Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima, kodwa ukuchukuluza kwesiwula kusinda ukwedlula kokubili.
4 Ulaka lungulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?
5 Ukusola okusobala kungcono kunothando olufihliweyo.
6 Amanxeba adalwe ngumngani anokwemukeleka kunokwanga okuningi kwesitha.
7 Umphefumulo osuthi uyacikwa wuju, kodwa emphefumulweni olambileyo, ngisho okubabayo imbala, kumnandi.
8 Njengenyoni esuka ibaleka esidlekeni sayo, unjalo umuntu obalekele indawo yakhe.
9 Amafutha namakha kuyayithokozisa inhliziyo, kodwa umphefumulo udabukiswa yinhlupheko.
10 Ungamlahli umngani wakho noma okayihlo; ungabalekeli endlini yomfowenu ngosuku lwenhlekelele. Ungcono umakhelwane oseduze kunesihlobo esihlala kude.
11 Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuze ngiphendule ongisolayo.
12 Ohlakaniphile uyabubona ububi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaqhubeka, bese beyajeziswa.
13 Thatha ingubo yalowo oyisibambiso somfokazi, umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.
14 Obusisa umakhelwane ngokubanga umsindo evuka ekuseni, kuyobalelwa kuye, kube yisiqalekiso.
15 Owesifazane obeleselayo ufana nemvula engumvimbi.
16 Ukumvimba kufana nokuvimba umoya, nokubamba amafutha.
17 Insimbi ilola enye insimbi, nomuntu usizwa ngabanye.
18 Olonda umkhiwane uyakudla izithelo zawo; novikela inkosi yakhe, uyakuhlonishwa.
19 Njengamanzi ekhombisa ubuso, injalo nenhliziyo yomuntu komunye.
20 Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi, namehlo omuntu awasuthi.
21 Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando somlilo singesegolide; kanjalo umuntu unjengodumo lwakhe.
22 Noma ungasigqula esigqulweni isiwula, usisile ngembokodo etsheni, kepha ubuwula baso abuyukusuka kuso.
23 Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho, ubeke inhliziyo yakho emihlanjini yakho.
24 Ngokuba ingcebo ayiyukuhlala kuze kube phakade; nomqhele uyakuhlala yini izizukulwane ngezizukulwane na?
25 Lapho utshani bushabalala, kuhluma obusha, bese kukhiwa imifino ezintabeni,
26 izimvu zingezokuba wembathe, nezimbuzi ukuba zibe yintengo yensimu.
27 Kuyakuba khona ubisi lwezimbuzi olwanele, ukuba lube ukudla kwakho nokudla kwendlu yakho, kwamantombazana akho.