1Amazwi ka-Aguri, indodana kaJakhe. Yathi le ndoda ku-Itheli, no-Ukhali:
2“Impela ngiyisiwula kunabanye abantu; anginakho ukuqonda komuntu.
3Angifundanga ukuhlakanipha, ukuze ngazi oNgcwele.
4Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani osonge amanzi ngengubo yakhe na? Ngubani omise yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe; ukhona yini olaziyo na?
5“Wonke amazwi kaNkulunkulu ahloliwe; uyisihlangu kwabaphephela kuye.
6Ungenezeli emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.
7“Zimbili izinto engizicela kuwe ngingakafi; ungangincishi zona.
8Dedisela kude nami okuyize namanga, unganginiki ubuphofu noma ingcebo, kepha ngiphe isinkwa esinganeleyo,
9funa ngisuthe, bese ngikuphika, ngithi: ‘USimakade ungubani na?’ funa ngibe mpofu, ngebe, ngilihlambalaze igama likaNkulunkulu wami.
10“Ungayihlebi inceku enkosini yayo, funa ikuqalekise, ube necala.
11“Kukhona isizukulwane esiqalekisa uyise, nesingambusisi unina.
12Lesi yisizukulwane esizibona simsulwa emehlweni aso, esingahlanzwanga insila yaso.
13Kunesizukulwane esiziqhenya kakhulu, futhi singamaqhalaqhala.
14Isizukulwane esimazinyo ayizinkemba, namazinyo emihlathi yaso ayimimese yokuqeda abampofu emhlabeni, nabasweleyo kubantu.
15“Umsundu unamadodakazi amabili, athi: ‘Siphe, siphe.’ “Kukhona izinto ezintathu ezingasuthi, nezine ezingasho ukuthi: ‘Kwanele!’:
16indawo yabafileyo, isibeletho soyinyumba, umhlabathi ongeneliswa ngamanzi, nomlilo ongasho ukuthi: ‘Sekwanele!’
17“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyokopolotwa ngamagwababa asemfuleni, lidliwe ngamachwane okhozi.
18“Kukhona izinto ezintathu ezingimangalisa kakhulu, yebo, ezine engingazaziyo:
19indlela yokhozi emkhathini, indlela yenyoka edwaleni, indlela yomkhumbi phakathi nolwandle nendlela yendoda entombini.
20“Injena-ke indlela yowesifazane ophingayo: uyadla, bese esula umlomo wakhe, athi: “Angenzanga okubi.”
21“Umhlaba uyazamazama phansi kwezinto ezintathu, yebo, phansi kwezine ongakwazi ukuzithwala:
22lapho inceku ibekwa iba yinkosi, nesiwula sisutha ngenxa yokudla okwanele,
23nalapho isaliwakazi sigcagca, nencekukazi ithatha indawo yenkosikazi yayo.
24“Kukhona izinto ezine ezincane emhlabeni, kodwa zihlakaniphe kakhulu:
25izintuthwane ziyisizwe esingenamandla, kanti ziyalungisa ukudla kwazo ehlobo;
26izimbila ziyisizwe esibuthakathaka, kanti ziyakha izindlu zazo edwaleni;
27izinkumbi azinankosi, kodwa ziyaphuma zonke ngamaviyo;
28isibankwa ungasibamba ngezandla zombili, kanti sisendlini yenkosi.
29“Kukhona izinto ezintathu ezinyathela ngesizotha, yebo, ezine ezihamba ngesithunzi:
30ingonyama, iqhawe ezilwaneni, ayihlehli phambi kwanoma yisiphi esinye;
31ihhashi lempi, impongo, nenkosi lapho ihola impi yayo.
32“Uma wenze ubuwula waziphakamisa, noma wakha icebo elibi, thula.
33Ngokuba njengoba ukuphehla ubisi kuveza ibhotela, uma ucindezela ikhala kuphuma igazi; kanjalo uma ucindezela ulaka udala ingxabano.”