Bible

Transform

Your Worship Experience with Great Ease

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Proverbs 25

:
Zulu - 2020
1 Nazi ezinye izaga zikaSolomoni ezaphinde zaqoshwa ngamadodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda.
2 Kuludumo kuNkulunkulu ukusibekela izinto, kodwa kuludumo lwamakhosi ukuphenyisisa udaba.
3 Njengalokhu amazulu ephakeme, nomhlaba ujulile, injalo nenhliziyo yamakhosi, ayiphenyisiseki.
4 Susa amanyela esiliveni ukuze umkhandi athole azokwakha ngakho isitsha.
5 Susa isikhohlakali phambi kwenkosi, khona isihlalo sayo sobukhosi sizoqiniswa ngokulunga.
6 Ungaziphakamisi phambi kwenkosi, ungami endaweni yabakhulu,
7 ngokuba kungcono ukuba kuthiwe kuwe: “Yenyukela lapha,” kunokuba wehliselwe phansi phambi kwesikhulu asesibonile amehlo akho.
8 Ungasheshi uphume uye enkantolo, ngokuba uyokwenzenjani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho esekuthela ngehlazo na?
9 Khuluma udaba lwakho nomakhelwane wakho, ungayidaluli imfihlo yomunye,
10 funa okuzwayo akuthele ngehlazo, ungabe usahlonishwa.
11 Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifaneleyo lifana namahhabhula egolide asezitsheni zesiliva.
12 Njengecici legolide nemvunulo yegolide elicolisekileyo, unjalo osola ohlakaniphileyo onendlebe elalelayo.
13 Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna, sinjalo isithunywa esithembekileyo kosithumileyo, ngokuba sivuselela ukuphila kumniniso.
14 Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula, unjalo umuntu ozincoma ngesipho angasiphiwanga.
15 Ngokubekezela, umbusi angathanjiswa, nolimi oluthambileyo luyawaphoqoza amathambo.
16 Uma uthole uju, yidla okwanele wena, funa lukucike, bese uphalaza.
17 Unyawo lwakho malungavami endlini yomakhelwane wakho, funa adinwe nguwe, bese ekuzonda.
18 Umuntu ofakaza amanga ngomakhelwane wakhe, ufana nesando, nenkemba, nomcibisholo obukhali.
19 Ukwethemba ombuluzayo ngosuku lokuhlupheka, kunjengezinyo elephukileyo nonyawo olwenyelileyo.
20 Ohubela inhliziyo edangeleyo izihlabelelo, unjengokhumula ibhantshi ngosuku kumakhaza, nanjengothela uviniga esilondeni.
21 Uma okuzondayo elambile, mnike ukudla, adle; uma omile, muphe amanzi aphuze.
22 Ngokuba uyakuthela amalahle omlilo ekhanda lakhe, bese kuthi wena uSimakade akuvuze.
23 Umoya wasenyakatho uletha imvula, nolimi oluhlebayo ludala ubuso obuthukuthele.
24 Kungcono ukuhlala egumbini lophahla, kunokuhlala endlini nowesifazane onothuthuva.
25 Njengamanzi aqandayo emphinjeni owomileyo, unjalo umbiko omuhle ovela ezweni elikude.
26 Njengomthombo odungekileyo nesiphethu esonakeleyo, unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.
27 Akukuhle ukudla uju oluningi, nokuzifunela udumo phezu kodumo.
28 Umuntu ongakwazi ukuzithiba, ufana nomuzi odiliziwe, ongasenalo ugange.