Proverbs 252020

1Nazi ezinye izaga zikaSolomoni ezaphinde zaqoshwa ngamadodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda.

2Kuludumo kuNkulunkulu ukusibekela izinto, kodwa kuludumo lwamakhosi ukuphenyisisa udaba.

3Njengalokhu amazulu ephakeme, nomhlaba ujulile, injalo nenhliziyo yamakhosi, ayiphenyisiseki.

4Susa amanyela esiliveni ukuze umkhandi athole azokwakha ngakho isitsha.

5Susa isikhohlakali phambi kwenkosi, khona isihlalo sayo sobukhosi sizoqiniswa ngokulunga.

6Ungaziphakamisi phambi kwenkosi, ungami endaweni yabakhulu,

7ngokuba kungcono ukuba kuthiwe kuwe: “Yenyukela lapha,” kunokuba wehliselwe phansi phambi kwesikhulu asesibonile amehlo akho.

8Ungasheshi uphume uye enkantolo, ngokuba uyokwenzenjani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho esekuthela ngehlazo na?

9Khuluma udaba lwakho nomakhelwane wakho, ungayidaluli imfihlo yomunye,

10funa okuzwayo akuthele ngehlazo, ungabe usahlonishwa.

11Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifaneleyo lifana namahhabhula egolide asezitsheni zesiliva.

12Njengecici legolide nemvunulo yegolide elicolisekileyo, unjalo osola ohlakaniphileyo onendlebe elalelayo.

13Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna, sinjalo isithunywa esithembekileyo kosithumileyo, ngokuba sivuselela ukuphila kumniniso.

14Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula, unjalo umuntu ozincoma ngesipho angasiphiwanga.

15Ngokubekezela, umbusi angathanjiswa, nolimi oluthambileyo luyawaphoqoza amathambo.

16Uma uthole uju, yidla okwanele wena, funa lukucike, bese uphalaza.

17Unyawo lwakho malungavami endlini yomakhelwane wakho, funa adinwe nguwe, bese ekuzonda.

18Umuntu ofakaza amanga ngomakhelwane wakhe, ufana nesando, nenkemba, nomcibisholo obukhali.

19Ukwethemba ombuluzayo ngosuku lokuhlupheka, kunjengezinyo elephukileyo nonyawo olwenyelileyo.

20Ohubela inhliziyo edangeleyo izihlabelelo, unjengokhumula ibhantshi ngosuku kumakhaza, nanjengothela uviniga esilondeni.

21Uma okuzondayo elambile, mnike ukudla, adle; uma omile, muphe amanzi aphuze.

22Ngokuba uyakuthela amalahle omlilo ekhanda lakhe, bese kuthi wena uSimakade akuvuze.

23Umoya wasenyakatho uletha imvula, nolimi oluhlebayo ludala ubuso obuthukuthele.

24Kungcono ukuhlala egumbini lophahla, kunokuhlala endlini nowesifazane onothuthuva.

25Njengamanzi aqandayo emphinjeni owomileyo, unjalo umbiko omuhle ovela ezweni elikude.

26Njengomthombo odungekileyo nesiphethu esonakeleyo, unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.

27Akukuhle ukudla uju oluningi, nokuzifunela udumo phezu kodumo.

28Umuntu ongakwazi ukuzithiba, ufana nomuzi odiliziwe, ongasenalo ugange.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Proverbs 25.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.