Proverbs 242020

1Ungabi namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba nabo.

2Ngokuba inhliziyo yabo iceba ubudlova, nezindebe zabo zibhunga inkathazo.

3Indlu yakhiwa ngokuhlakanipha, iqiniswe ngokuqonda.

4Amakamelo agcwaliswa ngolwazi, nangayo yonke ingcebo enqabileyo neyigugu.

5Umuntu ohlakaniphileyo wedlula onamandla, nonolwazi wedlula onezikhwepha.

6Ngokucabanga okwephusile ungaphaka impi, nokunqoba kusebuningini babeluleki.

7Ukuhlakanipha kuphakeme kakhulu esiwuleni, sona asiwuvuli umlomo waso esangweni.

8Ocabanga ukwenza okubi uyakubizwa ngokuthi owenza amacebo amabi.

9Ukuceba ubuwula kuyisono, nobhinqayo uyisinengiso kubantu.

10Uma uxega amadolo ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.

11Bahlenge abayiswa ekufeni, ubambe abantengantenga beyobulawa.

12Uma uthi: “Bheka, besingakwazi lokhu;” akakuqondi yini lowo ohlola izinhliziyo na? Nolonda umphefumulo wakho akakwazi na? Futhi akayukuphindisela yini kumuntu ngokwemisebenzi yakhe na?

13Ndodana yami, yidla uju, ngokuba lumnandi; uju olusemakhekhebeni luyanambitheka emlonyeni.

14Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho; uma ukutholile, likhona ikusasa, nethemba lakho aliyukushabalala.

15Wena sikhohlakali ungayicutheli indlu yolungileyo, ungayibhubhisi indawo yakhe yokuphumula,

16ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa, uyobuye avuke, kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.

17Ungathokozi lapho isitha sakho siwa, nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,

18funa uSimakade akubone lokho, kube kubi phambi kwakhe, ayisuse intukuthelo yakhe kuso.

19Ungazikhathazi ngabenza okubi, ungabi namhawu ngezikhohlakali.

20Ngokuba omubi akayukuba nalo ikusasa, nesibani sezikhohlakali siyakucima.

21Ndodana yami, mesabe uSimakade nenkosi, ungazihlanganisi nabamelana nabo,

22ngokuba inhlekelele izobehlela ngokuzuma. Ngubani owazi ukubhujiswa okungalethwa yibo bobabili na?

23Nanka amanye amazwi okuhlakanipha: akukuhle ukubheka ubuso bomuntu lapho wehlulelwa.

24Othi esikhohlakalini: “Ulungile,” abantu bayakumqalekisa, nezizwe ziyakumhlamuka.

25Kwabamthethisayo kuyokuba mnandi, kwehlele phezu kwabo isibusiso esihle.

26Impendulo eyiqiniso injengokuqabula ezindebeni.

27Qeda umsebenzi wakho ngaphandle, uzilungiselele wona ensimini yakho, emveni kwalokho yakha indlu yakho.

28Ungabi ngufakazi omelana nomakhelwane wakho kungenasizathu; uyakukhohlisa ngezindebe zakho na?

29Ungabosho ukuthi: “Njengalokho enzile kimi, kanjalo ngiyakwenza kanjalo kuye; ngizakuphindisela kuye njengokwezenzo zakhe.”

30Ngedlula ngasensimini yomuntu oyivila, nasesivinini somuntu ongenangqondo;

31bheka, kwakumile ukhula lwameva, kwembozwe gimbici yimbabazane, nomthangala okubiyeleyo udilikele phansi.

32Mina ngakubona lokho, ngacabanga; ngabona, ngathola isifundo sokuthi:

33ngokozela kancane, nokuthatha isihlwathi, usonge izandla kuze kuyolalwa,

34ubuphofu behlela phezu kwakho ube njengomhambuma, weswele njengebutho elihlale lithwele isihlangu.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Proverbs 24.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.