Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Proverbs 21

:
Zulu - 2020
1 Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.
2 Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe, kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhliziyo.
3 Ukwenza ukulunga nobulungiswa kuyathandeka kuSimakade, ngaphezu kwemihlatshelo.
4 Amehlo aziqhenyayo, inhliziyo eqhoshayo, nentokozo yezikhohlakali, kuyisono.
5 Izinhlelo zokhutheleyo ziholela enzuzweni, kodwa wonke ophangisayo ziyomyisa ebuphofini bodwa.
6 Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga kuyize elidlula njengomhwamuko nanjengezingibe zokufa.
7 Ubudlova bezikhohlakali buzishonisa phansi, ngoba zenqaba ukwenza ubulungiswa.
8 Indlela yonecala igwegwile, kodwa inkambo yolungileyo iqondile.
9 Kungcono ukukhosela ekhoneni lophahla, kunokuhlala ndlininye nowesifazane onothuthuva.
10 Umphefumulo wesikhohlakali ufisa okubi; umakhelwane waso akafumani sisa emehlweni aso.
11 Lapho isedeleli sijeziswa, ongenalwazi uyahlakanipha, nalapho ohlakaniphileyo efundiswa, uthola ulwazi.
12 Olungileyo uyayibhekisisa indlu yomubi; izikhohlakali ziqumbeka phansi, zibhubhe.
13 Ovala indlebe ekukhaleni kwabampofu, naye uyokhala angaphendulwa.
14 Isipho esikhishwa ekusithekeni sibohlisa ulaka, nomfumbathiso obuthukuswe esifubeni uyayidambisa intukuthelo enkulu.
15 Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ubulungiswa, kepha kuyimbubhiso kwabenza inkohlakalo.
16 Umuntu oweduka endleleni yokuhlakanipha uyakuphumula ebandleni labafileyo.
17 Othanda injabulo uyakuba mpofu, nothanda iwayini namafutha akayukuceba.
18 Isikhohlakali siyinhlawulo kolungileyo, kanjalo nombuluzayo, esikhundleni soqotho.
19 Kungcono ukuhlala ezweni eliyihlane, kunokuhlala nowesifazane onochuku nonolaka.
20 Kukhona ingcebo enxanelekayo namafutha endlini yohlakaniphileyo, kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.
21 Olandela ukulunga nokwethembeka ufumana ukuphila, ukulunga, nodumo.
22 Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe, ayiwise inqaba athembele kuyo.
23 Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.
24 Ozidlayo nozigabisayo yisedeleli igama lakhe, yena owenza konke ngokuziphakamisa okukhulu.
25 Isifiso sevila siyalibulala, ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.
26 Onomhobholo ufisa usuku lonke, kepha olungileyo uyapha, angagodli lutho.
27 Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso; kakhulu kangakanani-ke uma ulethwa ngenhloso embi.
28 Ufakazi wamanga uyakubhujiswa, kepha umuntu olalelayo angakhuluma njalo.
29 Umuntu okhohlakele uqinisa ubuso, kepha oqotho uyayinaka indlela yakhe.
30 Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.
31 Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukunqoba kungokukaSimakade.