Proverbs 212020

1Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.

2Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe, kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhliziyo.

3Ukwenza ukulunga nobulungiswa kuyathandeka kuSimakade, ngaphezu kwemihlatshelo.

4Amehlo aziqhenyayo, inhliziyo eqhoshayo, nentokozo yezikhohlakali, kuyisono.

5Izinhlelo zokhutheleyo ziholela enzuzweni, kodwa wonke ophangisayo ziyomyisa ebuphofini bodwa.

6Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga kuyize elidlula njengomhwamuko nanjengezingibe zokufa.

7Ubudlova bezikhohlakali buzishonisa phansi, ngoba zenqaba ukwenza ubulungiswa.

8Indlela yonecala igwegwile, kodwa inkambo yolungileyo iqondile.

9Kungcono ukukhosela ekhoneni lophahla, kunokuhlala ndlininye nowesifazane onothuthuva.

10Umphefumulo wesikhohlakali ufisa okubi; umakhelwane waso akafumani sisa emehlweni aso.

11Lapho isedeleli sijeziswa, ongenalwazi uyahlakanipha, nalapho ohlakaniphileyo efundiswa, uthola ulwazi.

12Olungileyo uyayibhekisisa indlu yomubi; izikhohlakali ziqumbeka phansi, zibhubhe.

13Ovala indlebe ekukhaleni kwabampofu, naye uyokhala angaphendulwa.

14Isipho esikhishwa ekusithekeni sibohlisa ulaka, nomfumbathiso obuthukuswe esifubeni uyayidambisa intukuthelo enkulu.

15Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ubulungiswa, kepha kuyimbubhiso kwabenza inkohlakalo.

16Umuntu oweduka endleleni yokuhlakanipha uyakuphumula ebandleni labafileyo.

17Othanda injabulo uyakuba mpofu, nothanda iwayini namafutha akayukuceba.

18Isikhohlakali siyinhlawulo kolungileyo, kanjalo nombuluzayo, esikhundleni soqotho.

19Kungcono ukuhlala ezweni eliyihlane, kunokuhlala nowesifazane onochuku nonolaka.

20Kukhona ingcebo enxanelekayo namafutha endlini yohlakaniphileyo, kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.

21Olandela ukulunga nokwethembeka ufumana ukuphila, ukulunga, nodumo.

22Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe, ayiwise inqaba athembele kuyo.

23Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.

24Ozidlayo nozigabisayo yisedeleli igama lakhe, yena owenza konke ngokuziphakamisa okukhulu.

25Isifiso sevila siyalibulala, ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.

26Onomhobholo ufisa usuku lonke, kepha olungileyo uyapha, angagodli lutho.

27Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso; kakhulu kangakanani-ke uma ulethwa ngenhloso embi.

28Ufakazi wamanga uyakubhujiswa, kepha umuntu olalelayo angakhuluma njalo.

29Umuntu okhohlakele uqinisa ubuso, kepha oqotho uyayinaka indlela yakhe.

30Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.

31Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukunqoba kungokukaSimakade.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Proverbs 21.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.