Proverbs 202020

1Iwayini liyisedeleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abadiyazeliswa yilo kabahlakaniphile.

2Ulaka lwenkosi olwesabisayo lunjengokubhonga kwengonyama; oyithukuthelisayo uyakulahlekelwa ngukuphila kwakhe.

3Kuludumo kumuntu ukuziqhelelanisa nengxabano, kodwa zonke iziwula ziyashesha ukuphikisana.

4Ivila alilimi ngesikhathi sokulima; lihamba lethekela ngesikhathi sokuvuna, ngoba lingenalutho.

5Amasu enhliziyweni yomuntu anjengamanzi ajulileyo; umuntu onokuqonda uyakhelela.

6Abantu abaningi bazishaya abalungileyo, kodwa ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?

7Olungileyo uhamba ngobuqotho; babusisiwe abantwana bakhe.

8Inkosi ehlezi esihlalweni sokwehlulela, ihlunga konke okubi ngamehlo ayo.

9Ngubani ongasho athi: “Ngiyigcinile inhliziyo yami ihlanzekile; ngimsulwa ezonweni zami,” na?

10Izisindo ezimbili nama-efa amabili adukisayo, kuyisinengiso kuSimakade.

11Ngisho nomntwana waziwa ngezenzo zakhe ukuthi akwenzayo kuhle noma kubi.

12Indlebe ezwayo neso elibonayo, kokubili kwenziwe nguSimakade.

13Ungathandi ubuthongo, funa ube mpofu; vula amehlo akho, uyakusutha ngesinkwa.

14“Kubi, kubi,” kusho umthengi, kepha esehambile uyazigabisa.

15Kukhona igolide namarubhi amaningi, kodwa izindebe ezinolwazi ziyigugu elinqabileyo.

16Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi, umbambe abe yisibambiso omele umfokazi.

17Ukudla okutholakale ngomgunyathi kumnandi, kodwa kamuva umlomo uyakugcwala uhlwayi.

18Amacebo wonke aqiniswa ngokululekana; yilwa impi ngamasu aphusile.

19Ohamba encetheza wambula izimfihlo; ungazihlanganisi nomuntu okhulumela safuthi.

20Oqalekisa uyise nonina, isibani sakhe siyocima phakathi kwesigayegaye.

21Ifa elitholwe ngokuphazima kweso, aliyukuphetha ngesibusiso.

22Ungasho uthi: “Ngiyakuphindisela okubi;” lindela uSimakade, uyakukusindisa.

23Izisindo ezimbili ezingezona ezeqiniso ziyisinengiso kuSimakade, nezilinganiso ezikhohlisayo azilungile.

24Zonke izinyathelo zomuntu ziqondiswa nguSimakade; pho umuntu angayiqonda kanjani indlela yakhe na?

25Kulugibe kumuntu ukusho ngokushesha athi: “Kungcwele,” bese ecabanga kamuva ngesifungo asenzile.

26Inkosi ehlakaniphileyo iyazihlakaza izikhohlakali; ukushinga kwazo ikuthele phezu kwazo.

27Isibani sikaSimakade sihlola umoya womuntu; siphenyisisa izibilini zomuntu.

28Umusa neqiniso kuyayilonda inkosi; isihlalo sayo sobukhosi sisekelwa ngomusa.

29Udumo lwabasha lungamandla abo, nemvunulo yabadala ingubumpunga.

30Imivimbo elimazayo ihlanza ububi, nokushaywa kuhlanza izibilini.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Proverbs 20.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.