Proverbs 222020

1Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu, nomusa, kunesiliva negolide.

2Abacebile nabampofu bayefana; bonke benziwe nguSimakade.

3Ohlakaniphileyo uyayibona ingozi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaphikelela, bajeziswe.

4Umvuzo wokuthobeka nokwesaba uSimakade wudumo, nengcebo nokuphila.

5Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambukileyo, kodwa ogcina umphefumulo wakhe uhambela kude nakho.

6Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile angasuki kuyo.

7Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.

8Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi, nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.

9Ophanayo uyobusiswa, ngoba wabelana ukudla nabampofu.

10Xosha isedeleli, kuzophela ingxabano, ukuphikisana nehlazo.

11Othanda inhliziyo ehlanzekileyo nonenkulumo enomusa, ungumngani wenkosi.

12Amehlo kaSimakade alonda ulwazi, kepha uyawabhubhisa amazwi eqili.

13Ivila, lithi: “Kunebhubesi ngaphandle; ngaphuma nje ngizobulawa emgwaqweni.”

14Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo; oqalekiswe nguSimakade, uyakuwela kuwo.

15Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana, kodwa induku yokumyala ibuqhelisela kude naye.

16Ocindezela ompofu ukuze azicebise yena, nopha ocebileyo, kuholela ebuphofini.

17Beka indlebe yakho, uzwe amazwi ezihlakaniphi, usigcine enhliziyweni yakho isifundiso sami,

18ngokuba kuyokuba mnandi ukuba ukulonde enhliziyweni yakho, lapho konke sekulungele izindebe zakho.

19Ukuba ithemba lakho libe kuSimakade, ngikwazisile khona namuhla, yebo, wena.

20Angikulobelanga yini izeluleko nokwazi ezinsukwini ezintathu,

21ukuba kukufundise iqiniso, namazwi athembekile, ukuze uthumele impendulo eyiqiniso kwabakuthumileyo na?

22Ungamqoli ompofu ngoba ubona ubuphofu bakhe; ungamcindezeli ohluphekile esangweni,

23ngokuba uSimakade uyayimela indaba yabo, kuthi ababephucayo Yena abephuce ukuphila kwabo.

24Ungabi ngumngani womuntu onolaka, ungahambi nomuntu othukutheleyo,

25funa ufunde izindlela zakhe, umphefumulo wakho uwele ogibeni.

26Ungazibandakanyi nabenza izibambiso, noma ube yisibambiso sesikweletu;

27uma kungekho ongakhokha ngakho, uyakuthathelwani umbhede wakho phansi kwakho na?

28Ungasisusi isikhonkwane esidala esashayelwa ngokhokho bakho.

29Uyambona umuntu onekhono, uyosebenzela amakhosi, hhayi abantukazana.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Proverbs 22.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.