Proverbs 17
1 Ungcono onokuncane, owomileyo enokuthula, kunendlu egcwele okuhlatshiweyo nokuxabana.
2 Inceku eyenza okuhlakaniphileyo iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo; iyakudla ifa njengomunye wezelamani.
3 Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando somlilo ngesegolide, kepha nguSimakade ovivinya izinhliziyo.
4 Owenza okubi uqaphela izindebe zenkohlakalo, nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.
5 Odelela ompofu usola uMenzi wakhe, nothokoza ngengozi akayukuyekwa angajeziswa.
6 Abazukulu bangumqhele wabadala, abazali bayigugu kubantwana.
7 Izindebe ezinobugagu azisifanele isiwula; kakhulu kangakanani-ke izindebe zenkohliso kumuntu ohloniphekileyo na?
8 Ukufumbathisa kunjengetshe elinqabileyo emehlweni alowo okwenzayo, noma ebhekaphi uyaphumelela.
9 Osibekela isiphambeko ufuna uthando, kepha olulandelayo udaba udalula imfihlo, wehlukanisa abangani abasondelene.
10 Ukusolwa kungena kujule kulowo onokuqonda, kunemivimbo eyikhulu koyisiwula.
11 Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela, ngalokho uyakuthunyelwa isithunywa esinonya.
12 Kungcono ukuhlangana nebhere elephucwe amawundlu alo, kunesiwula ebuwuleni baso.
13 Ophindisela okuhle ngokubi, ububi abuyukusuka endlini yakhe.
14 Ukuqala kwengxabano kufana nokuvulelwa kwamanzi, ngakho-ke shiya kungakaqubuki ingxabano.
15 Othetha ngecala isikhohlakali, nolahla ngecala olungileyo, bobabili bayisinengiso kuSimakade.
16 Yini ukuba isiwula sibe nemali yokuthenga ukuhlakanipha esandleni, sibe singenangqondo na?
17 Umngani uyathanda ngezikhathi zonke, kodwa umfowenu wazalelwa ukukuthwalisa ngezikhathi zobunzima.
18 Umuntu oswela ukuqonda uxhawulana nomunye, enze isivumelwano, isithembiso phambi kukamakhelwane wakhe.
19 Owephula umthetho uthanda ingxabano; owenza isango lakhe liphakame ukhonga ukubhujiswa.
20 Onenhliziyo ephambeneyo akakufumani okuhle; onolimi oluphambeneyo uwela engozini.
21 Ozala isiwula ufumana usizi; uyise wesiwula akathokozi.
22 Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo womisa amathambo.
23 Isikhohlakali semukela umfumbathiso ofihliwe, ukuze sihlanekezele izindlela zokwehlulela.
24 Ukuhlakanipha kuphambi komuntu onokuqonda, kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.
25 Indodana eyisiwula iwusizi kuyise, nomunyu kowayizalayo.
26 Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle, nokushaya abaqotho akulungile.
27 Obamba amazwi akhe unokwazi; onomoya ozothile ungumuntu onokuqonda.
28 Nesiwula lapho sithule kuthiwa yisihlakaniphi, novala umlomo wakhe unokuqonda.