Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Proverbs 16

:
Zulu - 2020
1 Amasu enhliziyo angawomuntu, kepha impendulo yolimi ivela kuSimakade.
2 Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe, kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhloso.
3 Gingqela imisebenzi yakho kuSimakade, ukuze amasu akho aphumelele.
4 USimakade unenjongo ngakho konke akwenzayo, yebo, nomubi umenzele usuku lokuhlupheka.
5 Bonke abanhliziyo ezikhukhumezayo bayisinengiso kuSimakade; impela akayukuyeka ukubajezisa.
6 Ngomusa neqiniso isiphambeko siyathethelelwa, ngokwesaba uSimakade ububi buyadeda.
7 Lapho uSimakade ethokozile ngezindlela zomuntu, wenza izitha zakhe zihlalisane ngokuthula naye.
8 Okuncane okuhle kanye nokulunga, kungcono kunenzuzo enkulu etholakala ngokungalungi.
9 Inhliziyo yomuntu iceba indlela yakhe, kodwa uSimakade uyaziqondisa izinyathelo.
10 Izimpendulo zikaNkulunkulu zisezindebeni zenkosi; umlomo wayo awuyukuphambuka ekwehluleleni.
11 Ukulinganisa okulungileyo nesilinganiso esilungileyo, kungokukaSimakade; zonke izisindo ezisesikhwameni zingumsebenzi wakhe.
12 Ukwenza inkohlakalo kuyisinengiso emakhosini, kodwa isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.
13 Izindebe ezilungileyo ziyintokozo yamakhosi; ayabathanda abakhuluma iqiniso.
14 Intukuthelo yenkosi ifana nezithunywa zokufa, kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.
15 Uma inkosi ithokozile kukhona ukuphila, nesisa sayo sinjengefu lemvula yakamuva.
16 Kuhle kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide, nokuzuza ukuqonda kunesiliva lekhethelo!
17 Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.
18 Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela.
19 Kungcono ukuba nomoya othobekileyo phakathi kwabahluphekayo, kunokuhlukaniselana impango nabazidlayo.
20 Oqaphela akukhulumayo ufumana okuhle, ubusisiwe owethembela kuSimakade.
21 Onengqondo ehlakaniphileyo ubizwa ngokuthi unokuqonda, nenkulumo emtoti yandisa imfundiso.
22 Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho, kepha ubuwula buyisijeziso seziwula.
23 Inhliziyo yohlakaniphileyo inikeza ukuqonda okujulile kokhulumayo, yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.
24 Amazwi amnene anjengamakhekheba oju; amnandi emphefumulweni, angukuphila emathanjeni.
25 Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.
26 Iphango lesisebenzi liyasisebenzela, ngokuba siqhutshwa yindlala.
27 Isidwanyampuphu siphanda okubi, nokuphuma ezindebeni zaso kunjengomlilo weshisandlu.
28 Umuntu owonakeleyo udala ingxabano, nexoki lehlukanisa abangani.
29 Umuntu oyisidlova uyenga umakhelwane wakhe, amholele endleleni embi.
30 Ovala amehlo uhlela okuphambeneyo, noququda imihlathi ufeza okubi.
31 Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufunyaniswa endleleni yokulunga.
32 Owephuza ukuthukuthela ungcono kuneqhawe, nobusa umoya wakhe, kunonqoba umuzi.
33 Unkatho lwenzelwa emathangeni, kepha sonke isinqumo salo sivela kuSimakade.