Proverbs 15
1 Impendulo ezothile iyaludambisa ulaka, kodwa izwi elilimazayo libhebhezela intukuthelo.
2 Ulimi lwabahlakaniphileyo lukhombisa ulwazi oluhle, kodwa umlomo weziwula uphafuza ubuwula.
3 Amehlo kaSimakade asezindaweni zonke, aqapha abahle nababi.
4 Ulimi oluphilisayo lungumuthi wokuphila, kepha olobuqili luyawephula umoya.
5 Isiwula siyakwedelela ukuyala kukayise, kepha onaka ukusolwa uhlakaniphile.
6 Indlu yolungileyo igcwele ingcebo eningi, kepha enzuzweni yezikhohlakali kukhona ukuhlupheka.
7 Izindebe zabahlakaniphileyo zisabalalisa ulwazi, kepha akunjalo enhliziyweni yeziwula.
8 Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.
9 Indlela yezikhohlakali iyisinengiso kuSimakade, kepha uyamthanda olandela ukulunga.
10 Kunesijeziso esibuhlungu kulowo oshiya indlela; lowo ozonda ukusolwa uyakufa.
11 Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaSimakade; kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu na?
12 Isedeleli asimfuni ozosisola, asiyi kwabahlakaniphileyo.
13 Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso buchachambe, kodwa ngosizi olusenhliziyweni umoya uyephuka.
14 Inhliziyo ecubungulayo ifuna ulwazi, kodwa umlomo weziwula udla ubuwula.
15 Zonke izinsuku zohluphekayo zimbi, kepha onhliziyo yenamile uhlala enedili elingapheli.
16 Okuncane nje kanye nokumesaba uSimakade, kungcono kunengcebo eningi ehambisana nokukhathazeka okuningi.
17 Isidlo esinengxenyana yemifino lapho kukhona uthando khona, singcono kunesenkabi ekhuluphalisiweyo lapho kugcwele inzondo khona.
18 Umuntu ogcwele ulaka uphehla udweshu, kodwa owephuzayo ukuthukuthela udambisa ingxabano.
19 Indlela yevila injengothango lwameva, kodwa umkhondo wabakhutheleyo unjengomgwaqo ohlelembelekile.
20 Indodana ehlakaniphile iyamthokozisa uyise, kodwa umuntu oyisiwula uyamedelela unina.
21 Ubuwula buyintokozo kongenangqondo, kepha umuntu onokuqonda uyakuqondisa ukuhamba kwakhe.
22 Lapho kungekho khona ukwelulekana, amasu ayabhuntsha, kodwa uma bebaningi abeluleki ayaphumelela.
23 Umuntu uyathokoza ngempendulo yakhe, nezwi elikhulunywa ngesikhathi esifaneleyo lihle kakhulu.
24 Indlela yokuphila imholela kweliphezulu ohlakaniphileyo, ukuba angayi endaweni yabafileyo.
25 USimakade uyayisiphula indlu yabazidlayo, kodwa uyayiqinisa indawo yomfelokazi.
26 Amacebo omubi ayisinengiso kuSimakade, kepha amazwi amnene ayamenamisa.
27 Othola inzuzo ngokungafanele uhlupha umndeni wakhe, kepha ozonda ukufunjathiswa uyophila.
28 Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula, kepha imilomo yezikhohlakali iphafuza izinto ezimbi.
29 USimakade ukude nezikhohlakali, kodwa uyayizwa imikhuleko yabalungileyo.
30 Ubuso obuchachambileyo buyayithokozisa inhliziyo, nezindaba ezinhle ziletha impilo emathanjeni.
31 Indlebe elalela ukusolwa okuphilisayo iyakuhlala nabahlakaniphileyo.
32 Owenqaba ukuyalwa uzedelela yena, kepha olalela ukusolwa uzuza ulwazi.
33 Ukwesaba uSimakade kungumyalo wokuhlakanipha, nokuthobeka kwendulela udumo.