Proverbs 152020

1Impendulo ezothile iyaludambisa ulaka, kodwa izwi elilimazayo libhebhezela intukuthelo.

2Ulimi lwabahlakaniphileyo lukhombisa ulwazi oluhle, kodwa umlomo weziwula uphafuza ubuwula.

3Amehlo kaSimakade asezindaweni zonke, aqapha abahle nababi.

4Ulimi oluphilisayo lungumuthi wokuphila, kepha olobuqili luyawephula umoya.

5Isiwula siyakwedelela ukuyala kukayise, kepha onaka ukusolwa uhlakaniphile.

6Indlu yolungileyo igcwele ingcebo eningi, kepha enzuzweni yezikhohlakali kukhona ukuhlupheka.

7Izindebe zabahlakaniphileyo zisabalalisa ulwazi, kepha akunjalo enhliziyweni yeziwula.

8Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.

9Indlela yezikhohlakali iyisinengiso kuSimakade, kepha uyamthanda olandela ukulunga.

10Kunesijeziso esibuhlungu kulowo oshiya indlela; lowo ozonda ukusolwa uyakufa.

11Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaSimakade; kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu na?

12Isedeleli asimfuni ozosisola, asiyi kwabahlakaniphileyo.

13Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso buchachambe, kodwa ngosizi olusenhliziyweni umoya uyephuka.

14Inhliziyo ecubungulayo ifuna ulwazi, kodwa umlomo weziwula udla ubuwula.

15Zonke izinsuku zohluphekayo zimbi, kepha onhliziyo yenamile uhlala enedili elingapheli.

16Okuncane nje kanye nokumesaba uSimakade, kungcono kunengcebo eningi ehambisana nokukhathazeka okuningi.

17Isidlo esinengxenyana yemifino lapho kukhona uthando khona, singcono kunesenkabi ekhuluphalisiweyo lapho kugcwele inzondo khona.

18Umuntu ogcwele ulaka uphehla udweshu, kodwa owephuzayo ukuthukuthela udambisa ingxabano.

19Indlela yevila injengothango lwameva, kodwa umkhondo wabakhutheleyo unjengomgwaqo ohlelembelekile.

20Indodana ehlakaniphile iyamthokozisa uyise, kodwa umuntu oyisiwula uyamedelela unina.

21Ubuwula buyintokozo kongenangqondo, kepha umuntu onokuqonda uyakuqondisa ukuhamba kwakhe.

22Lapho kungekho khona ukwelulekana, amasu ayabhuntsha, kodwa uma bebaningi abeluleki ayaphumelela.

23Umuntu uyathokoza ngempendulo yakhe, nezwi elikhulunywa ngesikhathi esifaneleyo lihle kakhulu.

24Indlela yokuphila imholela kweliphezulu ohlakaniphileyo, ukuba angayi endaweni yabafileyo.

25USimakade uyayisiphula indlu yabazidlayo, kodwa uyayiqinisa indawo yomfelokazi.

26Amacebo omubi ayisinengiso kuSimakade, kepha amazwi amnene ayamenamisa.

27Othola inzuzo ngokungafanele uhlupha umndeni wakhe, kepha ozonda ukufunjathiswa uyophila.

28Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula, kepha imilomo yezikhohlakali iphafuza izinto ezimbi.

29USimakade ukude nezikhohlakali, kodwa uyayizwa imikhuleko yabalungileyo.

30Ubuso obuchachambileyo buyayithokozisa inhliziyo, nezindaba ezinhle ziletha impilo emathanjeni.

31Indlebe elalela ukusolwa okuphilisayo iyakuhlala nabahlakaniphileyo.

32Owenqaba ukuyalwa uzedelela yena, kepha olalela ukusolwa uzuza ulwazi.

33Ukwesaba uSimakade kungumyalo wokuhlakanipha, nokuthobeka kwendulela udumo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Proverbs 15.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.