Proverbs 142020

1Owesifazane ohlakaniphileyo uyayakha indlu yakhe, kodwa oyisiwula uyibhidliza ngezandla zakhe.

2Ohamba ngobuqotho uyamesaba uSimakade, kodwa ozindlela zakhe zigwegile uyamedelela.

3Emlonyeni wesiwula kuhluma ukuziqhenya, kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.

4Lapho kungenazinkomo khona umkhombe awunalutho, kepha isivuno esikhulu siba khona ngenxa yamandla ezinkabi.

5Ufakazi weqiniso akawaqambi amanga, kodwa ufakazi wamanga uphafuza inkohliso.

6Isedeleli sifuna ukuhlakanipha kodwa singakutholi, kanti ulwazi lutholakala kalula koqondayo.

7Suka phambi komuntu oyisiwula, ngokuba lapho awunakuwathola amazwi anolwazi.

8Ukuhlakanipha koqondayo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.

9Iziwula ziyawudelela umnikelo wecala, kepha kwabaqotho wemukelekile.

10Inhliziyo iyabazi ubuhlungu bayo, kodwa umfokazi akanakuhlanganyela entokozweni yayo.

11Indlu yezikhohlakali iyabhujiswa, kepha ithende labaqotho liyachuma.

12Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.

13Noma kuhlekwa inhliziyo inobuhlungu, ukuphela kwentokozo kulusizi.

14Umuntu ohlehlayo uyothola umvuzo wezindlela zakhe, kodwa olungileyo uvuna akutshalileyo.

15Ongenalwazi ukholwa yikho konke, kodwa ohlakaniphileyo uyaziqaphela izinyathelo zakhe.

16Ohlakaniphileyo uyesaba, futhi uyadeda ebubini, kodwa isiwula siyaqhosha, asinaki lutho.

17Umuntu onesififane wenza ubuwula, nomuntu onamacebo amabi uyazondwa.

18Abangenalwazi badla ifa lobuwula, kepha abanokuqonda baqheliswa ngolwazi.

19Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo, nezikhohlakali, emasangweni abalungileyo.

20Ompofu uyazondwa ngisho ngumakhelwane wakhe, kepha ocebileyo uthandwa ngabaningi.

21Owedelela umakhelwane wakhe uyona, kodwa lowo onomusa kwabampofu ubusisiwe.

22Abaduki yini abaceba okubi na? Umusa neqiniso kungokwabahlela okuhle.

23Wonke umshikashika unenzuzo, kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela.

24Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo, umgexo weziwula ungubuwula.

25Ufakazi weqiniso uhlenga imiphefumulo, kepha ophafuza amanga unenkohliso.

26Ekumesabeni uSimakade kunethemba elinamandla; lokho kubantwana bakhe kuyakuba yisiphephelo.

27Ukwesaba uSimakade kungumthombo wokuphila, ukuze umuntu adede ezingibeni zokufa.

28Udumo lwenkosi lusebuningini babantu ebabusayo, kepha ukuswela abantu kungukubhubha kombusi.

29Owephuzayo ukuthukuthela unokuqonda okukhulu, kepha lowo othukuthela ngokushesha uphakamisa ubuwula.

30Ingqondo enokuthula inikeza ukuphila emzimbeni, kodwa umhawu ukubolisa amathambo.

31Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kodwa onomusa kontulayo uhlonipha uMenzi wakhe.

32Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.

33Ukuhlakanipha kuhlala enhliziyweni yonokuqonda, kodwa eziwuleni, akwaziwa.

34Ukulunga kuyasiphakamisa isizwe, kodwa ukona kuyihlazo kubantu.

35Isisa senkosi sisencekwini ehlakaniphileyo, kepha intukuthelo yayo ikulabo abenza okuyihlazo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Proverbs 14.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.