Proverbs 182020

1Lowo ozazi yena ofuna intando yakhe; umelana nakho konke ukuhlakanipha okungqokolo.

2Isiwula asithokozi ngokuqonda, kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yaso.

3Lapho kufika onenkohlakalo kuza nokwedelela, kanye nehlazo nokuhlazeka.

4Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo, nomfula ogobhozayo, nomthombo wokuhlakanipha.

5Akulungile ukwenzelela isikhohlakali, nokuba olungileyo ahlanekezele ukwehlulela.

6Izindebe zesiwula ziletha ingxabano, nomlomo waso uletha imivimbo.

7Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso, nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.

8Amazwi enhlebi anjengezibiliboco, ehlela ezibilini zomuntu.

9Umuntu ovilapha ukusebenza, ungumfowabo wenkosi yokubhubhisa.

10Igama likaSimakade lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.

11Ingcebo yesicebi ingumuzi waso onamandla; injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.

12Inhliziyo yomuntu iyaziqhenya ngaphambi kokuba abhujiswe, kanti ukuthobeka kwandulela udumo.

13Ukuphendula ungakezwa kungubuwula nehlazo kuye.

14Umoya womuntu uyabumela ubuthakathaka bakhe, kodwa ngubani ongathwala umoya odabukileyo na?

15Inhliziyo ehlaziyayo izuza ulwazi, nendlebe yohlakaniphileyo ifuna ulwazi.

16Isipho somuntu simvulela iminyango, simphendlele indlela kwabakhulu.

17Obeka udaba lwakhe kuqala kuba sengathi nguyena olungileyo, kuze kufike omunye amphenyisise.

18Unkatho luyayiqeda ingxabano; luyehlukanisa phakathi kwabanamandla.

19Umzalwane owoniweyo ulukhuni wedlula umuzi onamandla, nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.

20Isisu somuntu siyasuthiswa yisithelo somlomo wakhe, saneliswe ngokukhishwa yizindebe zakhe.

21Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.

22Ofumana umfazi uthola okuhle; uzuzile isihawu kuSimakade.

23Ompofu ukhuluma ngokuncenga, kepha isicebi siphendula ngesankahlu.

24Umuntu wabangani uzilimaza yena, kodwa umngani weqiniso uyanamathela ukwedlula izelamani.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Proverbs 18.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.