Proverbs 102020

1Nazi izaga zikaSolomoni: Indodana ehlakaniphileyo iyamthokozisa uyise, kodwa eyisiwula, iwusizi kunina.

2Ingcebo yenkohlakalo ayisizi ngalutho, kodwa ukuziphatha ngokulunga kukhulula ekufeni.

3USimakade akavumi ukuba olungileyo alambe, kepha ababi ubayeka babulawe yindlala.

4Isandla esidembeselayo siletha ubuphofu, kodwa esikhutheleyo siyacebisa.

5Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo; olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo.

6Izibusiso zisekhanda lolungileyo, kodwa umlomo wezikhohlakali ufihla ubudlova.

7Ukukhunjulwa kolungileyo kuyisibusiso, kepha igama lezikhohlakali liyakubola.

8Ohlakaniphile ngenhliziyo uyayemukela imiyalelo, kodwa isiwula esiyiqhalaqhala, esiphafuza ubuwula, siyakubhujiswa.

9Ohamba ngobuqotho uhamba evikelekile, kodwa ohlanekezela izindlela zakhe, uyodaluleka.

10Ocifa iso udala usizi, kepha osola obala uletha ukuthula.

11Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila, kepha umlomo wezikhohlakali ufihla ubudlova.

12Inzondo ibanga ingxabano, kodwa uthando lusibekela zonke iziphambeko.

13Ezindebeni zalowo ocubungulayo kufunyanwa ukuhlakanipha, kepha uswazi lungolomhlane walowo ongenangqondo.

14Ohlakaniphileyo uqongelela ulwazi, kodwa umlomo wesiwula uletha imbubhiso.

15Ingcebo yocebileyo iyinqaba yakhe, kodwa ubuphofu babampofu bungukubhubha.

16Umvuzo wolungileyo ungukuphila, kodwa inzuzo yezikhohlakali ingukujeziswa ngesono.

17Oqaphela ukuyalwa usendleleni eya ekuphileni, kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.

18Ofihla inzondo unezindebe zamanga; odalula umbiko omubi uyisiwula.

19Lapho kunokukhuluma okuningi akupheli ukona; othiba ulimi lwakhe uhlakaniphile.

20Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo; inhliziyo yezikhohlakali iyinto engelutho.

21Izindebe zolungileyo zondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.

22Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso.

23Ukwenza inkohlakalo kufana nomdlalo esiwuleni, kanti umuntu ohlakaniphileyo uthokozela ukuqonda.

24Akwesabayo omubi kuyamehlela, kodwa abakufisayo abalungileyo bayakuphiwa khona.

25Lapho kwedlula isivunguvungu omubi usuke engasabonwa, kanti olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.

26Njengoviniga emazinyweni, nentuthu emehlweni, linjalo ivila kwabalithumileyo.

27Ukwesaba uSimakade kwandisa izinsuku, kodwa iminyaka yezikhohlakali iyancishiswa.

28Ithemba labalungileyo liyintokozo, kodwa ithemba lezikhohlakali liyashabalala.

29Indlela kaSimakade iyinqaba koqotho, kodwa ukubhujiswa kumiselwe izikhohlakali.

30Olungileyo akayukuzanyazanyiswa kuze kube phakade, kepha izikhohlakali aziyukuhlala ezweni.

31Umlomo wolungileyo ukhuluma ukuhlakanipha, kodwa ulimi oluphambeneyo luyanqunywa.

32Izindebe zolungileyo ziyakwazi okwamukelekileyo, kepha umlomo wezikhohlakali ukhuluma okuphambeneyo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Proverbs 10.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.