Proverbs 10
1 Nazi izaga zikaSolomoni: Indodana ehlakaniphileyo iyamthokozisa uyise, kodwa eyisiwula, iwusizi kunina.
2 Ingcebo yenkohlakalo ayisizi ngalutho, kodwa ukuziphatha ngokulunga kukhulula ekufeni.
3 USimakade akavumi ukuba olungileyo alambe, kepha ababi ubayeka babulawe yindlala.
4 Isandla esidembeselayo siletha ubuphofu, kodwa esikhutheleyo siyacebisa.
5 Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo; olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo.
6 Izibusiso zisekhanda lolungileyo, kodwa umlomo wezikhohlakali ufihla ubudlova.
7 Ukukhunjulwa kolungileyo kuyisibusiso, kepha igama lezikhohlakali liyakubola.
8 Ohlakaniphile ngenhliziyo uyayemukela imiyalelo, kodwa isiwula esiyiqhalaqhala, esiphafuza ubuwula, siyakubhujiswa.
9 Ohamba ngobuqotho uhamba evikelekile, kodwa ohlanekezela izindlela zakhe, uyodaluleka.
10 Ocifa iso udala usizi, kepha osola obala uletha ukuthula.
11 Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila, kepha umlomo wezikhohlakali ufihla ubudlova.
12 Inzondo ibanga ingxabano, kodwa uthando lusibekela zonke iziphambeko.
13 Ezindebeni zalowo ocubungulayo kufunyanwa ukuhlakanipha, kepha uswazi lungolomhlane walowo ongenangqondo.
14 Ohlakaniphileyo uqongelela ulwazi, kodwa umlomo wesiwula uletha imbubhiso.
15 Ingcebo yocebileyo iyinqaba yakhe, kodwa ubuphofu babampofu bungukubhubha.
16 Umvuzo wolungileyo ungukuphila, kodwa inzuzo yezikhohlakali ingukujeziswa ngesono.
17 Oqaphela ukuyalwa usendleleni eya ekuphileni, kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.
18 Ofihla inzondo unezindebe zamanga; odalula umbiko omubi uyisiwula.
19 Lapho kunokukhuluma okuningi akupheli ukona; othiba ulimi lwakhe uhlakaniphile.
20 Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo; inhliziyo yezikhohlakali iyinto engelutho.
21 Izindebe zolungileyo zondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.
22 Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso.
23 Ukwenza inkohlakalo kufana nomdlalo esiwuleni, kanti umuntu ohlakaniphileyo uthokozela ukuqonda.
24 Akwesabayo omubi kuyamehlela, kodwa abakufisayo abalungileyo bayakuphiwa khona.
25 Lapho kwedlula isivunguvungu omubi usuke engasabonwa, kanti olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.
26 Njengoviniga emazinyweni, nentuthu emehlweni, linjalo ivila kwabalithumileyo.
27 Ukwesaba uSimakade kwandisa izinsuku, kodwa iminyaka yezikhohlakali iyancishiswa.
28 Ithemba labalungileyo liyintokozo, kodwa ithemba lezikhohlakali liyashabalala.
29 Indlela kaSimakade iyinqaba koqotho, kodwa ukubhujiswa kumiselwe izikhohlakali.
30 Olungileyo akayukuzanyazanyiswa kuze kube phakade, kepha izikhohlakali aziyukuhlala ezweni.
31 Umlomo wolungileyo ukhuluma ukuhlakanipha, kodwa ulimi oluphambeneyo luyanqunywa.
32 Izindebe zolungileyo ziyakwazi okwamukelekileyo, kepha umlomo wezikhohlakali ukhuluma okuphambeneyo.