1Ukuhlakanipha sekwakhe indlu yakho; kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa.
2Kuhlabe umhlatshelo, kwavubela iwayini lakho, kwadeka netafula lakho.
3Kuthume izintombi zakho, kuyamemeza emagqumeni aphakemeyo omuzi, kuthi:
4“Ongenalwazi makaphambukele lapha;” nakulowo ongenangqondo, kuthi kuye:
5“Wozani nidle isinkwa sami, niphuze iwayini engilivubeleyo.
6Shiyani izinto zobuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda.
7“Osola isedeleli uzibangela ukwethukwa, nothethisa isikhohlakali uziholela ukulimala.
8Ungasithethisi isedeleli, funa sikuzonde; sola ohlakaniphileyo, uyakukuthanda.
9Yala ohlakaniphileyo, uzohlakanipha kakhulu; ufundise olungileyo, uzothuthuka ngokuqonda.
10“Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uSimakade, nokumazi oNgcwele kungukuqonda.
11Izinsuku zakho ziyokwanda ngami, kwenezelwe neminyaka yokuphila kwakho.
12Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele; uma wedelela, uyakukuthwala wena wedwa.”
13Owesifazane oyisiwula unomsindo, uyisiwula, akazi lutho.
14Uhlala ngasemnyango wendlu yakhe, esihlalweni esisendaweni ephakemeyo yomuzi,
15ukuze ameme abedlula ngendlela, abaqondile emikhondweni yabo, athi:
16“Ongenalwazi makaphambukele ngapha;” kulowo ongenangqondo, uthi kuye:
17“Amanzi okwebiwa amnandi, nesinkwa esidlelwa esithe siyenamisa.”
18Kepha ophambukayo akazi ukuthi kukhona izithunzi lapho, nokuthi izimenywa zakhe zisendleleni eya kwelabafileyo.