Proverbs 11
1 Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuSimakade, kepha isisindo esiyiso siyintokozo kuye.
2 Lapho kuvela ukuziqhenya kulandela ihlazo, kodwa kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.
3 Ukwethembeka kwabaqotho kuyabahola, kepha ubugwegwe babambuluzayo buyababhubhisa.
4 Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kuyahlenga ekufeni.
5 Ukulunga komsulwa kuyayiqondisa indlela yakhe, kodwa isikhohlakali siyowiswa yinkohlakalo yaso.
6 Ukulunga kuyabasindisa abaqotho, kodwa abanobuqili bayobhajwa ezinkanukweni zabo.
7 Lapho omubi efa liyashabalala nethemba lakhe, nethemba lokwenza okubi liyashabalala.
8 Olungileyo uyakhululwa osizini, kodwa esikhundleni sakhe kungena isikhohlakali.
9 Ukukhuluma komuntu ongenabunkulunkulu kuyambulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bakhululwa ngolwazi.
10 Uma kubahambela kahle abalungileyo umuzi uyathokoza; lapho izikhohlakali zibhubha kuba khona umsindo wentokozo.
11 Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa, kepha ngomlomo wezikhohlakali ucekelwa phansi.
12 Umuntu owedelela umakhelwange wakhe akanakuhlakanipha, kodwa onengqondo uyazithulela.
13 Oyinhlebi uhamba edalula izimfihlo, kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.
14 Lapho kungekho zeluleko khona abantu bayawa, kodwa lapho kunabeluleki abaningi khona kuba nokuphumelela.
15 Oba yisibambiso somfokazi uhlupheka kakhulu, kodwa ozonda ukwenza kanjalo ulondekile.
16 Owesifazane onomusa uzuza udumo, kodwa izidlova zizuza ingcebo.
17 Umuntu onesihawu uwenzela okuhle umphefumulo wakhe, kepha ononya uzilimaza yena uqobo.
18 Isikhohlakali sizuza ngokukhohlisa, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo weqiniso.
19 Ogxilile ekulungeni uyakuphila, kepha olandela okubi kuyakuba ngukufa kuye.
20 Abanezinhliziyo eziphambeneyo bayisinengiso kuSimakade, kodwa abahamba ngezindlela ezimsulwa bayintokozo kuye.
21 Impela omubi akayukuyekwa angajeziswa, kodwa isizukulwane sabalungileyo siyakuhlengwa.
22 Njengendandatho yegolide ekhaleni lengulube, unjalo owesifazane omuhle ebe engenangqondo.
23 Abalungileyo bafisa okuhle kodwa; ithemba lezikhohlakali wulaka.
24 Ophanayo wandelwa yingcebo yakhe, kodwa oncishanayo uzibangela ubuphofu bodwa.
25 Umuntu ophanayo uyakuceba; ophuzisa abanye amanzi uyakuphuziswa naye.
26 Abantu bayamqalekisa oncishana ngokudla, kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngakho.
27 Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo, kepha ofunisisa okubi kuyakumehlela.
28 Othembele engcebeni yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.
29 Ohlupha indlu yakhe uyozuza ize, nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.
30 Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyayizuza imiphefumulo.
31 Olungileyo uthola umvuzo emhlabeni; kangakanani-ke isikhohlakali nesoni?