Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Numbers 32

:
Zulu - 2020
1 Abozalo lukaRubeni nabolukaGadi babenemfuyo eningi kakhulu. Lapho bebona ukuthi izwe lakwaJazeri nelakwaGileyadi liyindawo enhle emfuyweni yabo,
2 beza bakhuluma noMose, no-Eleyazare umphristi, nezikhulu zenhlangano, bathi:
3 “I-Atharothi, iDibhoni, iJazeri, iNimra, iHeshibhoni, i-Elehale, iSebhamu, iNebho neBhehoni,
4 izwe uSimakade alinqobela abakwa-Israyeli liyizwe elihle emfuyweni, kanti izinceku zakho zifuyile.”
5 Bathi futhi: “Uma sifumene umusa emehlweni akho, linike izinceku zakho leli lizwe libe yifa lazo; ungasiwelisi iJordani.”
6 UMose wathi kwabozalo lukaGadi nabolukaRubeni: “Kuyothi lapho abafowenu beyohlasela, nina nihlale lapha na?
7 Nibathenelani amandla abakwa-Israyeli baze bangafuni ukuwela baye ezweni uSimakade abanike lona na?
8 Noyihlo benza kanjalo mhlazana ngibathume ukuyohlola izwe besuka eKadeshi Bharineya.
9 Ekukhuphukeni kwabo beya esigodini i-Eshikholi balibona izwe, babathena amandla abakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uSimakade abanike lona.
10 Intukuthelo kaSimakade yavutha ngalolo lusuku, wafunga wathi:
11 ‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibhithe, akukho namunye kubo oyolibona izwe engafunga ngalo ku-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, kusukela kwaba neminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokuba abangilandelanga ngokupheleleyo.
12 NguKhalebhu, indodana kaJefune, umKhenizi noJoshuwa, indodana kaNuni, kuphela abamlandela ngokupheleleyo uSimakade.’
13 Intukuthelo kaSimakade yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engama-40, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenze okubi emehlweni kaSimakade.
14 “Bhekani, nina nzalo yezoni, senivukile esikhundleni sawoyihlo ukwandisa intukuthelo enkulu kaSimakade ngo-Israyeli.
15 Uma nibuyela emuva ningamlandeli, uyophinde abashiye ehlane, nibhubhise bonke laba bantu.”
16 Basondela kuye, bathi: “Lapha sizokwakhela izimvu, izibaya nezingane zethu, imizi;
17 kodwa thina luqobo siyosheshe sihlome, sihambe phambi kwabantu bakwa-Israyeli, size sibafinyelelise endaweni yabo. Izingane zethu ziyosala emizini ebiyelweyo, ngenxa yabakhileyo ezweni.
18 Asiyukubuyela ezindlini zethu abakwa-Israyeli bengakalidli ifa labo, kube yilowo nalowo wabo athole isabelo sakhe.
19 Ngokuba asiyukulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani ngaleya, lokhu sesilidlile elethu ifa nganeno kweJordani, ngasempumalanga.”
20 UMose wayesethi kubo: “Uma senizokwenza lokhu, nihlome, nihambe phambi kukaSimakade, niyokulwa,
21 wonke amadoda akini ahlomile phambi kukaSimakade, awele iJordani, ephuce izitha zakhe phambi kwakhe;
22 izwe linqotshwe phambi kukaSimakade, khona niyobuyela emuva, ningenacala kuSimakade naku-Israyeli. Leli lizwe liyoba yifa lenu phambi kukaSimakade.
23 “Kepha uma ningeyukwenza kanjalo, niyobe nonile kuSimakade, futhi yazini ukuthi niyoba nesono.
24 Zakheleni nina nezingane zenu imizi, nakhele nezimvu zenu izibaya, nenze lokho ebenikushilo.”
25 Abozalo lukaGadi nabolukaRubeni bakhuluma kuMose, bathi: “Izinceku zakho ziyokwenza njengalokhu inkosi yami iyala.
26 Izingane zethu nomkethu nemfuyo yethu kuyohlala lapho emizini yakwaGileyadi,
27 kodwa izinceku zakho ziyowela, zihlomele ukulwa phambi kukaSimakade, ziyophuma zilwe, njengalokhu isho inkosi yami.”
28 UMose wayeseyala ngabo u-Eleyazare, umphristi noJoshuwa, indodana kaNuni, nabaholi bezindlu zawoyise bezizwana zabantu bakwa-Israyeli.
29 UMose wathi kubo: “Uma abakwaGadi nabakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke behlomele ukulwa phambi kukaSimakade, izwe balinqobe phambi kwenu, niyobanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo.
30 Kodwa uma bengaweli nani behlomile, bayonikwa ifa phakathi kwenu eKhanani.”
31 Abozalo lukaGadi nabolukaRubeni baphendula, bathi: “Kuyoba njengalokhu uSimakade eshilo kuzo izinceku zakho, siyokwenza kanjalo.
32 Siyakuwela sihlomile phambi kukaSimakade, siye eKhanani, nokho izwe eliyifa lethu liyosala lingelethu ngaphesheya kweJordani.”
33 UMose wayesenika abozalo lukaGadi nabolukaRubeni nengxenye yesizwana sakwaManase, indodana kaJosefa, umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBhashani, izwe nemizi nezifunda ezizungeze imizi yezwe.
34 Abozalo lukaGadi bakha kabusha iDibhoni, ne-Athorithi, ne-Aroweri,
35 i-Athirothi Shofanu, iJazeri, iJogibheha,
36 iBhethi Nimra, neBhethi Harana, imizi ebiyelweyo nezibaya zezimvu.
37 Abozalo kukaRubeni bakha kabusha iHeshibhoni, i-Elehale, iKiriyathayimi,
38 iNebho, neBhali Mehoni neSibhima; yonke imizi bayiqamba amagama amasha.
39 Abozalo lukaMakhiri, indodana kaManase, badla elakwaGileyadi, baxosha ama-Amori ayekulo.
40 UMose wanika uMakhiri, indodana kaManase, elakwaGileyadi, wahlala kulo.
41 UJayiri, indodana kaManase, wahamba wadla imizana yalo, wayibiza ngokuthi yiHawothi Jayiri.
42 UNobha wahamba wadla iKenathi nemizi yalo, walibiza ngokuthi iNobha, okuyigama lakhe.