Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Numbers 31

:
Zulu - 2020
1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Phindiselela abantu bakwa-Israyeli kwabakwaMidiyani, ungakedluli emhlabeni.”
3 UMose wayesekhuluma nabantu, wathi: “Hlomisani amadoda phakathi kwenu ukuze ayohlasela abakwaMidiyani, aphindiselele uSimakade kwabakwaMidiyani.
4 Kuleso naleso sizwana sakwa-Israyeli kuphume inkulungwane, nibathumele empini.”
5 Ezinkulungwaneni zabakwa-Israyeli kwaqokwa inkulungwane kuleso naleso sizwana, amadoda ayehlomile; ayizi-12 000.
6 UMose wawathumela empini, inkulungwane ivela kuleso naleso sizwana kanye noFinehasi, indodana ka-Eleyazare, umphristi, ephethe ngesandla izitsha zendawo engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi.
7 Balwa nabakwaMidiyani njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose, babulala bonke abesilisa.
8 Babulala amakhosi amahlanu akwaMidiyani u-Evi, uRekhemi, uZuri, uHure, noRebha. UBhileyamu, indodana kaBheyori, naye bambulala ngenkemba.
9 Abakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nezingane, bathatha yonke imfuyo yabo nawo wonke umcebo wabo, nempahla yabo, kwayimpango.
10 Yonke imizi yabo ezindaweni, lapho babehlala khona, nawo wonke amathende abo bakushisa ngomlilo.
11 Baphanga yonke impahla yabo, bathumba abantu nezilwane.
12 Abathunjwa nempahla ababeyidlile bakuletha kuMose no-Eleyazare, umphristi, nenhlangano yabakwa-Israyeli enkanjini emathafeni kwaMowabi angaseJordani, phesheya kweJerikho.
13 UMose no-Eleyazare, umphristi, nazo bonke abaholi benhlangano baphuma bayobahlangabeza ngaphandle kwenkambu.
14 UMose wazithukuthelela iziphathimandla zempi, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, ezazibuya empini.
15 UMose wathi kuzo: “Ngabe nibasindisile bonke abesifazane na?
16 Bhekani, yibo ababeyenga abantu bakwa-Israyeli belulekwe nguBhileyamu, benza abakwa-Israyeli ukuba bangathembeki kuSimakade ngalokho abakwenza ePheyori, kwase kuhlasela ubhubhane phakathi kwenhlangano kaSimakade.
17 Ngalokho, babulaleni manje bonke abafana, nabo bonke abesifazane asebeyazi indoda.
18 Kodwa wonke amantombazane angakayazi indoda, zigcineleni wona ephila.
19 “Bonke phakathi kwenu ababulele umuntu, nabathinte isidumbu, mabahlale ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa. Zihlambululeni nabathunjwa ngosuku lwesithathu nolwesikhombisa.
20 Hlambululani zonke izingubo zenu, nakho konke okwenziwe ngesikhumba, nangoboya bezimbuzi noma ngokhuni.”
21 Umphristi, u-Eleyazare, wathi emabuthweni ayekade eye empini: “Nasi isimiso somthetho uSimakade ayale ngaso uMose:
22 igolide, isiliva, ithusi, insimbi, ithini, nomthofu,
23 konke okungeke kushe emlilweni, niyokudabulisa kuwo kuhlambuluke. Noma kunjalo niyokuhlambulula futhi ngamanzi okuhlambulula. Konke okushayo emlilweni, niyokudabulisa emanzini, kuhlambuluke.
24 Niyohlanza izingubo zenu ngosuku lwesikhombisa, nihlambuluke, andukuba ningene enkanjini.”
25 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
26 “Wena no-Eleyazare, umphristi, nabaholi bezindlu zawoyise benhlangano, yibaleni yonke impango ephangiweyo, abantu nezilwane.
27 Yehlukanise kabili impango, phakathi kwamabutho abeye empini nenhlangano yonke.
28 Uyothathela uSimakade intela emabuthweni akade esempini, kube kunye ema-500; awabantu, awezinkomo, awezimbongolo nawezimvu,
29 niyokuthatha engxenyeni yawo, nikunike u-Eleyazare, umphristi, kube ngumnikelo kuSimakade.
30 Engxenyeni yabantu bakwa-Israyeli uyothatha kube kunye ema-50, awabantu, awezinkomo, izimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike abaLevi abagcina inkonzo yethabanakeli likaSimakade.”
31 UMose no-Eleyazare, umphristi, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
32 Impango eyasala kweyayinikwe amabutho kwaba yizimvu eziyizi-675 000,
33 izinkomo eziyizi-72 000,
34 izimbongolo eziyizi-61 000,
35 izintombi eziyizi-32 000.
36 Ingxenye eyabelwa ababephume impi kwaba yizimvu eziyizi-337 500,
37 kuzo kwakhishwa intela kaSimakade eyayiyizimvu ezingama-675.
38 Izinkomo eziyizi-36 000, intela kaSimakade kungezingama-72,
39 izimbongolo eziyizi-30 500, intela kaSimakade kungezingama-61.
40 Abantu baba yizi-16 000, intela kaSimakade kungabantu abangama-32.
41 UMose wanika u-Eleyazare, umphristi, intela eyayingumnikelo kaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
42 Engxenyeni yempango yabantu bakwa-Israyeli, uMose ayeyehlukanise kweyamabutho ayekade esempini,
43 eyatholwa yinhlangano kwaba yizimvu eziyizi-337 500,
44 izinkomo eziyizi-36 000,
45 izimbongolo eziyizi-30 500,
46 abantu beyizi-16 000.
47 Engxenyeni eyatholwa ngu-Israyeli uMose, wathatha okukodwa kubantu nasezilwaneni wakunika abaLevi ababenakekela ithabanakeli likaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
48 Iziphathimandla ezazingabakhuzi bezinkulungwane zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, zasondela kuMose,
49 zathi kuye: “Izinceku zakho zibale wonke amabutho asesandleni sethu, akukho nalinye elisalile.
50 Silethe umnikelo kaSimakade, yilowo nalowo kulokho akutholileyo: izinto zegolide, izigqizo, amasongo, izindandatho, amacici, nemigexo, ukuze senzele imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaSimakade.”
51 UMose no-Eleyazare, umphristi, bemukela igolide kubo, nawo wonke amagugu ezinto ezenziweyo.
52 Lonke igolide lomnikelo wokuphakanyiswa abanikela ngalo kuSimakade, elezinduna zezinkulungwane nelezinduna zamakhulu, laba ngamashekeli ayizi-16 750.
53 Amabutho wona ayezithathele impango, kwaba yilelo nalelo ngokwalo.
54 UMose no-Eleyazare, umphristi, bemukela igolide elalivela ezinduneni zezinkulungwane nakwezamakhulu, baliletha ethendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantu bakwa-Israyeli phambi kukaSimakade.