Numbers 302020

1UMose wayesekhuluma nabaholi bezizwana zakwa-Israyeli, wathi: “Nakhu angiyale ngakho uSimakade:

2‘Uma umuntu enza isifungo kuSimakade, noma enza isifungo ezibophezela ngaso, akayukulaphula izwi lakhe. Uyokwenza njengalokho akukhulume ngomlomo wakhe.

3“ ‘Uma owesifazane enza isifungo kuSimakade, noma enze isifungo ezibophezela ngaso, esahlala ekhaya likayise, esemusha;

4kuyothi uma uyise ezwa ngesifungo azibophezele ngaso, kodwa angasho lutho kuye ngaso, zonke izifungo zakhe ziyohlala zinjalo, zingaguquki, nanoma izithembiso azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo, azinakuguquka.

5Kodwa uma uyise emenqabela ngosuku ezwa ngalo, zonke izifungo nezithembiso zakhe azibophezele ngazo aziyukuma; uSimakade uyomthethelela, ngoba uyise emenqabele.

6“ ‘Uma egana, emveni kokuba enze izifungo noma esheshe wakhuluma wazibophezela,

7umyeni wakhe ezwe ngazo, kodwa angasho lutho kuye ngosuku ezwe ngalo, izifungo azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo nezithembiso azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo.

8Kepha uma indoda yakhe imelana nakho ngosuku ekuzwa ngalo, uyakuzephula izifungo ayezibophezele ngazo, noma lokho asheshe wakukhuluma ngomlomo wakhe wazibophezela ngakho; uSimakade uyakumthethelela.

9“ ‘Isithembiso somfelokazi noma esolahlwe yindoda, konke azibophezele ngakho, kuyohlala kunjalo kuye.

10“ ‘Uma owesifazane enza isifungo esemzini wendoda ayiganile, noma ezibophezela ngaso,

11bese indoda yakhe izwa ngalokho, qede ingasho lutho kuye, ingamenqabeli; zonke izifungo nezithembiso zakhe azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo, aziyukuguquka.

12Kodwa uma indoda yakhe kuthi ngosuku ezwa ngalo, ikwenze ize konke okwaphuma emlonyeni wakhe mayelana nezifungo zakhe nangesibopho sakhe, akuyukuhlala kunjalo, ngokuba indoda yakhe ikwenze ize; uSimakade uyomthethelela.

13Zonke izifungo nazo zonke izithembiso azibophezele ngazo ukuzithobisa, indoda yakhe iyakuziqinisa, noma iziqede.

14Kodwa uma indoda yakhe ithulile ayasho lutho kuye, kwadlula izinsuku ngezinsuku, iyaziqinisa zonke izifungo zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile ngosuku eyezwa ngalo.

15Kepha uma izenze ize mhla izwa ngazo, iyolithwala icala lakhe.’ ”

16Yilezo izimiso, uSimakade ayala ngazo uMose, eziyoba phakathi kwendoda nomkayo, uyise nendodakazi engaganile esahlala kubo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Numbers 30.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.