Numbers 30
1 UMose wayesekhuluma nabaholi bezizwana zakwa-Israyeli, wathi: “Nakhu angiyale ngakho uSimakade:
2 ‘Uma umuntu enza isifungo kuSimakade, noma enza isifungo ezibophezela ngaso, akayukulaphula izwi lakhe. Uyokwenza njengalokho akukhulume ngomlomo wakhe.
3 “ ‘Uma owesifazane enza isifungo kuSimakade, noma enze isifungo ezibophezela ngaso, esahlala ekhaya likayise, esemusha;
4 kuyothi uma uyise ezwa ngesifungo azibophezele ngaso, kodwa angasho lutho kuye ngaso, zonke izifungo zakhe ziyohlala zinjalo, zingaguquki, nanoma izithembiso azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo, azinakuguquka.
5 Kodwa uma uyise emenqabela ngosuku ezwa ngalo, zonke izifungo nezithembiso zakhe azibophezele ngazo aziyukuma; uSimakade uyomthethelela, ngoba uyise emenqabele.
6 “ ‘Uma egana, emveni kokuba enze izifungo noma esheshe wakhuluma wazibophezela,
7 umyeni wakhe ezwe ngazo, kodwa angasho lutho kuye ngosuku ezwe ngalo, izifungo azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo nezithembiso azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo.
8 Kepha uma indoda yakhe imelana nakho ngosuku ekuzwa ngalo, uyakuzephula izifungo ayezibophezele ngazo, noma lokho asheshe wakukhuluma ngomlomo wakhe wazibophezela ngakho; uSimakade uyakumthethelela.
9 “ ‘Isithembiso somfelokazi noma esolahlwe yindoda, konke azibophezele ngakho, kuyohlala kunjalo kuye.
10 “ ‘Uma owesifazane enza isifungo esemzini wendoda ayiganile, noma ezibophezela ngaso,
11 bese indoda yakhe izwa ngalokho, qede ingasho lutho kuye, ingamenqabeli; zonke izifungo nezithembiso zakhe azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo, aziyukuguquka.
12 Kodwa uma indoda yakhe kuthi ngosuku ezwa ngalo, ikwenze ize konke okwaphuma emlonyeni wakhe mayelana nezifungo zakhe nangesibopho sakhe, akuyukuhlala kunjalo, ngokuba indoda yakhe ikwenze ize; uSimakade uyomthethelela.
13 Zonke izifungo nazo zonke izithembiso azibophezele ngazo ukuzithobisa, indoda yakhe iyakuziqinisa, noma iziqede.
14 Kodwa uma indoda yakhe ithulile ayasho lutho kuye, kwadlula izinsuku ngezinsuku, iyaziqinisa zonke izifungo zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile ngosuku eyezwa ngalo.
15 Kepha uma izenze ize mhla izwa ngazo, iyolithwala icala lakhe.’ ”
16 Yilezo izimiso, uSimakade ayala ngazo uMose, eziyoba phakathi kwendoda nomkayo, uyise nendodakazi engaganile esahlala kubo.