Numbers 27
1 Kwase kusondela amadodakazi kaZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri emndenini kaManase, indodana kaJosefa. Nanka amagama amadodakazi akhe: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza.
2 Ama ngasemnyango wethende lokuhlangana phambi koMose, u-Eleyazare umphristi, abaholi, nayo yonke inhlangano, athi:
3 “Ubaba wafela ehlane, wayengekho phakathi kweviyo labavukela uSimakade, iviyo likaKhora. Kepha wafela esakhe isono engenandodana.
4 Kungani igama likababa likhishiwe emndenini wakhe, yingoba engenandodana na? Sabeleni nathi ifa phakathi kwabafowabo bakababa.”
5 UMose walwethula udaba lwawo kuSimakade.
6 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
7 “Amadodakazi kaZelofehadi akhulume kahle. Uyakuwabela nokuwabela izwe eliyifa lawo kubafowabo bakayise, uledlulisele kuwo.
8 “Abantu bakwa-Israyeli uyobatshela, uthi: ‘Uma umuntu efa engenandodana, ifa lakhe liyodluliselwa endodakazini yakhe.
9 Uma engenandodakazi, niyakulabela abafowabo.
10 Uma engenabafowabo, niyakulabela abafowabo bakayise.
11 Uma uyise engenabafowabo, niyakulabela isihlobo sakhe esisondelene naye emndenini, silidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sobulungiswa kwabakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.’ ”
12 USimakade wathi kuMose: “Khuphukela entabeni i-Abharimi, ubone izwe engilabele abantu bakwa-Israyeli.
13 Uma usulibonile, nawe uyakuyiswa koyihlomkhulu njengomfowenu u-Aroni.
14 Okwathi phela, lapho inhlangano ingihlubuka ehlane iSini imelana nami, nani nangangihlonipha, nangabukhombisa ubungcwele bami phambi kwayo ngasemanzini.” Lawo ngamanzi eMeribha eseKadeshi ehlane iSini.
15 UMose wayesethi kuSimakade:
16 “USimakade, uNkulunkulu wemimoya yonke, makamise umuntu phezu kwenhlangano,
17 ozophuma angene phambi kwayo, abakhiphe, abafake, ukuze inhlangano kaSimakade ingabi njengezimvu ezingenamelusi.”
18 USimakade wathi kuMose: “Thatha uJoshuwa, indodana kaNuni, umuntu onoMoya wami, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,
19 ummise phambi kuka-Eleyazare, umphristi, naphambi kwenhlangano yonke, umgunyaze phambi kwayo ibuka.
20 Uyobeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuze yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli imhloniphe.
21 Uyakuma phambi kuka-Eleyazare, umphristi, oyombuzela ngokunquma kwe-Urimi phambi kukaSimakade; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abakwa-Israyeli, yebo, nayo yonke inhlangano.”
22 UMose wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile; wamthatha uJoshuwa, wammisa phambi kuka-Eleyazare, umphristi, naphambi kwenhlangano yonke.
23 Wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamgunyaza, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.