Numbers 282020

1USimakade wakhuluma kuMose, wathi:

2“Yala abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Anoqikelela ukuba umnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi, ninikele ngawo kimi ngesikhathi sawo.’

3Uyothi kubo: ‘Nanku umnikelo womlilo eniyonikela ngawo kuSimakade: izimvu ezimbili ezingamaduna ezinonyaka ezingenasici, njalo ngosuku, zibe ngumnikelo oshiswa imihla yonke.

4Enye imvu uyonikela ngayo ekuseni, enye kusihlwa.

5Uyonikela nokweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo kube ngumnikelo wokusanhlamvu, oxovwe nokwesine kwehini lamafutha agxotshiweyo.

6Kungumnikelo oshiswa imihla yonke, owamiswa entabeni iSinayi ukuze ube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuSimakade.

7Umnikelo wawo wokuphuzwayo uyokuba ngokwesine kwehini ngemvu eyodwa. Umnikelo wesiphuzo esinamandla uyothululelwa uSimakade endaweni engcwele.

8Enye imvu uyonikela ngayo kusihlwa. Uyonikela ngayo njengomnikelo wokusanhlamvu wasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwayo, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuSimakade.

9“ ‘Ngosuku lweSabatha niyonikela ngezimvu ezimbili ezingamaduna ezinonyaka ezingenasici, nokweshumi okubili kwempuphu ecolisekileyo kube ngumnikelo wokusanhlamvu oxovwe namafutha nomnikelo wawo wokuphuzwayo.

10Lo ngumnikelo oyoshiswa njalo ngeSabatha, wengeze phezu komnikelo wokushiswa wemihla ngemihla nowokuphuzwayo ohambisana nawo.

11“ ‘Njalo ngosuku lokwethwasa kwenyanga, niyonikela kuSimakade ngomnikelo wokushiswa. Kuyoba ngamaduna amabili emhlanjini, inqama, amazinyane ayisikhombisa anonyaka, futhi angenasici.

12Niyonikela ngokuthathu eshumini kwempuphu ecolisekileyo, ibe ngumnikelo wokusanhlamvu okuxovwe namafutha ngalelo nalelo duna. Niyonikela ngokweshumi okubili kwempuphu ecolisekileyo, kube ngumnikelo wokusanhlamvu oxovwe namafutha nenqama.

13Niyonikela ngokweshumi kwempuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kuyoba ngumnikelo wokusanhlamvu ngaleyo naleyo mvu, umnikelo wokushiswa wephunga elimnandi, umnikelo womlilo kuSimakade.

14Umnikelo wabo wokuphuzwayo uyokuba yingxenye yehini lewayini ngenkunzi, nokwesithathu kwehini ngenqama, nokwesine kwehini ngemvu; lokhu kungumnikelo wokushiswa wezinyanga zonke, kuzo zonke izinyanga zonyaka.

15Nempongo iyoba ngumnikelo wesono kuSimakade; kuyonikelwa ngayo nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwayo.

16“ ‘Ngenyanga yokuqala ngosuku lwe-14 lwayo, kuyakuba yiphasika likaSimakade.

17Ngosuku lwe-15 lwaleyo nyanga, kuyakuba ngumkhosi, kudliwe isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.

18Ngosuku lokuqala kuyakuba ngumhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.

19Niyonikela kuSimakade ngomnikelo womlilo, umnikelo wokushiswa: amaduna amabili, inqama, izimvu ezingamaduna eziyisikhombisa ezinyaka munye, futhi ezingenasici.

20Niyonikela ngomnikelo wazo wokusanhlamvu, impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, niyonikela ngokweshumi okuthathu ngenkunzi nangokweshumi okubili ngenqama.

21Niyonikela ngokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa,

22nempongo ibe ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana.

23Niyonikela ngalokho nomnikelo oshiswa ekuseni, ongumnikelo oshiswa imihla yonke.

24Niyonikela kanjalo imihla yonke kube izinsuku eziyisikhombisa; isinkwa somnikelo womlilo ube yiphunga elimnandi kuSimakade. Kuyonikelwa ngakho, nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwayo.

25Ngosuku lwesikhombisa niyoba nomhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.

26“ ‘Ngosuku lolibo, lapho ninikela kuSimakade ngomnikelo omusha wokusanhlamvu emkhosini wenu wamaviki, niyoba nomhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.

27Niyonikela ngomnikelo wokushiswa, ube yiphunga elimnandi: amaduna amabili, inqama, izimvu ezingamaduna eziyisikhombisa ezinyaka munye.

28Niyonikela ngomnikelo wazo wokusanhlamvu, impuphu exovwe namafutha, okuthathu eshumini ngaleyo naleyo nkunzi, nokweshumi okubili ngenqama,

29nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa,

30nempongo, ukunenzela ukubuyisana.

31Niyonikela ngazo, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla ngemihla nomnikelo wawo wokusanhlamvu, zibe ngezingenasici, neminikelo yazo yokuphuzwayo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Numbers 28.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.