Numbers 2
1 USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi:
2 “Makube yilowo nalowo kubantu bakwa-Israyeli akanise ngasebhaneleni lakhe ngasezimpawini zezindlu zokhokho bakhe; bayakukanisa nxazonke babhekane nethende lokuhlangana.”
3 Abakanisa ngasempumalanga ngalapho kuphuma khona ilanga kuyakuba ngabebhanela lenkambu yakwaJuda ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaJuda kunguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
4 Ibutho lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-74 600.
5 Abakanisa eceleni kwakhe kuyakuba yisizwana sakwa-Isakhare. Umholi wabozalo lwabakwa-Isakhare kuyakuba nguNethaneli indodana kaZuwari;
6 ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babeyizi-54 400.
7 Isizwana sakwaZebuloni: umholi wabozalo lwabakwaZebuloni kungu-Eliyabe indodana kaHeloni;
8 ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babeyizi-57 400.
9 Bonke ababalwayo benkambu yakwaJuda babeyizi-186 400 ngamabandla abo. Labo bayakusuka kuqala.
10 Ibhanela lenkambu yakwaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaRubeni kungu-Elizuri indodana kaShedewuri.
11 Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babeyizi-46 500.
12 Abakanisa eceleni kwakhe ngabesizwana sakwaSimeyoni; umholi wabozalo lwabakwaSimeyoni kunguShelumiyeli indodana kaZurishadayi.
13 Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-59 300.
14 Isizwana sakwaGadi: umholi wabozalo lwabakwaGadi kungu-Eliyasafa indodana kaRehuweli.
15 Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-45 650.
16 Bonke ababalwayo benkambu yabakwaRubeni babeyizi-151 450 ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesibili.
17 Ithende lokuhlangana nenkambu yabaLevi kuyakusuka kube phakathi kwezinye izinkambu. Bayakusuka njengalokho bebekanisile, yilelo nalelo qembu endaweni yalo, ngokwamaviyo alo.
18 Ibhanela lenkambu yakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; umholo wabozalo lwabakwa-Efrayimi kuyakuba ngu-Elishama indodana ka-Amihudi.
19 Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-40 500.
20 Eceleni kwakhe kuyakuba khona isizwana sakwaManase; umholi wabozalo lwabakaManase kunguGamaliyeli indodana kaPhedazuri.
21 Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-32 200.
22 Isizwana sakwaBhenjamini; umholi wabozalo lwabakwaBhenjamini kungu-Abhidani indodana kaGideyoni.
23 Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-35 400.
24 Sebebonke ababalwayo benkambu yabakwa-Efrayimi babeyizi-108 100 ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesithathu.
25 Ibhanela lenkambu yakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaDani kungu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
26 Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-62 700.
27 Abakanisa eceleni kwakhe kwakuyisizwana sakwa-Asheri; umholi wabozalo lwabakwa-Asheri kunguPhagiyeli indodana ka-Okhirani.
28 Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-41 500.
29 Isizwana sakwaNafethali: umholi wabozalo lwabakwaNafethali kungu-Ahira indodana ka-Enani.
30 Ibutho lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-53 400.
31 Sebebonke ababalwayo benkambu yakwaDani babeyizi-157 600. Labo bayakusuka babe ngabokugcina namabhanela abo.
32 Yilaba-ke ababalwa kubantu bakwa-Israyeli ngezindlu zokhokho babo. Bonke ababalwa enkanjini ngamaviyo abo babeyizi-603 550.
33 AbaLevi ababalwanga phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
34 Abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose: bakanisa ngasemabhaneleni abo, basuka ngokwemindeni yabo, yilowo nalowo ngokwendlu yokhokho bakhe.