1USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi:
2“Makube yilowo nalowo kubantu bakwa-Israyeli akanise ngasebhaneleni lakhe ngasezimpawini zezindlu zokhokho bakhe; bayakukanisa nxazonke babhekane nethende lokuhlangana.”
3Abakanisa ngasempumalanga ngalapho kuphuma khona ilanga kuyakuba ngabebhanela lenkambu yakwaJuda ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaJuda kunguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
4Ibutho lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-74 600.
5Abakanisa eceleni kwakhe kuyakuba yisizwana sakwa-Isakhare. Umholi wabozalo lwabakwa-Isakhare kuyakuba nguNethaneli indodana kaZuwari;
6ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babeyizi-54 400.
7Isizwana sakwaZebuloni: umholi wabozalo lwabakwaZebuloni kungu-Eliyabe indodana kaHeloni;
8ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babeyizi-57 400.
9Bonke ababalwayo benkambu yakwaJuda babeyizi-186 400 ngamabandla abo. Labo bayakusuka kuqala.
10Ibhanela lenkambu yakwaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaRubeni kungu-Elizuri indodana kaShedewuri.
11Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babeyizi-46 500.
12Abakanisa eceleni kwakhe ngabesizwana sakwaSimeyoni; umholi wabozalo lwabakwaSimeyoni kunguShelumiyeli indodana kaZurishadayi.
13Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-59 300.
14Isizwana sakwaGadi: umholi wabozalo lwabakwaGadi kungu-Eliyasafa indodana kaRehuweli.
15Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-45 650.
16Bonke ababalwayo benkambu yabakwaRubeni babeyizi-151 450 ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesibili.
17Ithende lokuhlangana nenkambu yabaLevi kuyakusuka kube phakathi kwezinye izinkambu. Bayakusuka njengalokho bebekanisile, yilelo nalelo qembu endaweni yalo, ngokwamaviyo alo.
18Ibhanela lenkambu yakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; umholo wabozalo lwabakwa-Efrayimi kuyakuba ngu-Elishama indodana ka-Amihudi.
19Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-40 500.
20Eceleni kwakhe kuyakuba khona isizwana sakwaManase; umholi wabozalo lwabakaManase kunguGamaliyeli indodana kaPhedazuri.
21Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-32 200.
22Isizwana sakwaBhenjamini; umholi wabozalo lwabakwaBhenjamini kungu-Abhidani indodana kaGideyoni.
23Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-35 400.
24Sebebonke ababalwayo benkambu yabakwa-Efrayimi babeyizi-108 100 ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesithathu.
25Ibhanela lenkambu yakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaDani kungu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
26Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-62 700.
27Abakanisa eceleni kwakhe kwakuyisizwana sakwa-Asheri; umholi wabozalo lwabakwa-Asheri kunguPhagiyeli indodana ka-Okhirani.
28Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-41 500.
29Isizwana sakwaNafethali: umholi wabozalo lwabakwaNafethali kungu-Ahira indodana ka-Enani.
30Ibutho lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-53 400.
31Sebebonke ababalwayo benkambu yakwaDani babeyizi-157 600. Labo bayakusuka babe ngabokugcina namabhanela abo.
32Yilaba-ke ababalwa kubantu bakwa-Israyeli ngezindlu zokhokho babo. Bonke ababalwa enkanjini ngamaviyo abo babeyizi-603 550.
33AbaLevi ababalwanga phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
34Abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose: bakanisa ngasemabhaneleni abo, basuka ngokwemindeni yabo, yilowo nalowo ngokwendlu yokhokho bakhe.