Numbers 1
1 Ngosuku lokuqala lwenyanga yesibili ngonyaka, wesibili abakwa-Israyeli bephumile eGibhithe, uSimakade wakhuluma kuMose ehlane iSinayi ethendeni lokuhlangana, wathi:
2 “Bala yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho, ngokwenani lamagama, bonke abesilisa ngezinhloko zabo;
3 kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke kwa-Israyeli asebekwazi ukuphuma baye empini, wena no-Aroni, niyobabala ngamaviyo abo.
4 Kuleso naleso sizwana niqoke umuntu abe munye, abe yinhloko yendlu yokhokho bakhe.
5 Nanka amagama amadoda azonisiza: “kwaRubeni: u-Elizuri indodana kaShedewuri.
6 KwaSimeyoni: uShelumiyeli indodana kaZurishadayi.
7 KwaJuda: uNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
8 Kwa-Isakhare: uNethaneli indodana kaZuwari.
9 KwaZebuloni: u-Eliyabe indodana kaHeloni.
10 Kumadodana kaJosefa: kwa-Efrayimi: u-Elishama indodana ka-Amihudi; kwaManase: uGamaliyeli indodana kaPhedazuri.
11 KwaBhenjamini: u-Abhidani indodana kaGideyoni.
12 KwaDani: u-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
13 Kwa-Asheri: uPhagiyeli indodana ka-Okhirani.
14 KwaGadi: u-Eliyasafa indodana kaDehuweli.
15 KwaNafethali: u-Ahira indodana ka-Enani.”
16 Yilaba ababizwa enhlanganweni, abaholi bezizwana zokhokho; babeyizinhloko zemindeni yakwa-Israyeli.
17 UMose no-Aroni bathatha lawa madoda ayebizwe ngamagama,
18 ngosuku lokuqala enyangeni yesibili, baqoqa yonke inhlangano, base bebabhalisa ngokokhokho babo, ngemindeni yabo, nangokwezindlu zokhokho babo. Wonke amagama abantu besilisa abaneminyaka engama-20 nangaphezulu abhalwa, futhi abalwa,
19 njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose, wababala ehlane iSinayi.
20 Abozalo lukaRubeni izibulo lika-Israyeli, nazo zonke izizwe zakwa-Israyeli, ngokolibo lwabo, ngemindeni yabo nangokwezizwana zokhokho babo, ngokwenani lamagama, bonke abesilisa ababeneminyaka engama-20 nangaphezulu abase bengaya empini:
21 labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaRubeni, babeyizi-46 500.
22 Abozalo lukaSimeyoni, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
23 labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaSimeyoni, babeyizi-59 300.
24 Abozalo lukaGadi, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
25 labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaGadi, babeyizi-45 650.
26 Abozalo lukaJuda, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
27 labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaJuda, babeyizi-74 600.
28 Abozalo luka-Isakhare, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
29 labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Isakhare, babeyizi-54 400.
30 Abozalo lukaZebuloni, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
31 labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaZebuloni, babeyizi-57 400.
32 Abozalo lukaJosefa, okungukuthi uzalo lwabakwa-Efrayimi, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20, bonke abangaphuma impi:
33 labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwa-Efrayimi, babeyizi-40 500.
34 Abozalo lukaManase, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
35 labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaManase, babeyizi-32 200.
36 Abozalo lukaBhenjamini, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
37 labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaBhenjamini, babeyizi-35 400.
38 Abozalo lukaDani, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
39 labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaDani, babeyizi-62 700.
40 Abozalo luka-Asheri, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
41 labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwa-Asheri, babeyizi-41 500.
42 Abozalo lukaNafethali, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
43 labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaNafethali, babeyizi-53 400.
44 Yilabo ababalwayo, ababalwa nguMose no-Aroni nabaholi bakwa-Israyeli, bengamadoda ali-12, kwaba yileyo naleyo yamela indlu kakhokho wayo.
45 Bonke ababalwayo kwabakwa-Israyeli ngezindlu zokhokho babo, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi,
46 sebebonke ababalwayo babeyizi-603 550.
47 AbaLevi ababalwanga ngokwesizwana sokhokho babo njengezinye izizwana zakwa-Israyeli.
48 USimakade wayekhulume kuMose, wathi:
49 “Yisizwana sakwaLevi kuphela esingayukubalwa, awuyukusibala sona phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.
50 Kunalokho uyakubabeka abaLevi bengamele ithabanakeli lobufakazi nayo yonke impahla yalo, bayakulithwala ithabanakeli nempahla yalo yonke, bakhonze kulo, bakhe amathende abo, balizungeze.
51 Lapho sekusukwa, abaLevi bayoliwisa ithabanakeli, kuthi lapho kukaniswa khona, babuye balimise; umfokazi oyosondela kulo uyakubulawa.
52 Abantu bakwa-Israyeli bayakumisa amathende abo, kube yilowo nalowo enkanjini yabo, yilowo nalowo ngasebhaneleni labo, ngamaviyo abo.
53 AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”
54 Abakwa-Israyeli benza konke njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.