Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Numbers 3

:
Zulu - 2020
1 Laba ngabozalo luka-Aroni no-Mose ngosuku uSimakade akhuluma ngalo noMose entabeni iSinayi.
2 Lawa ngamagama amadodana ka-Aroni: nguNadabi izibulo, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari.
3 Yilawo-ke amagama amadodana ka-Aroni ayegcotshwe aba ngabaphristi abehlukaniselwe ukukhonza bengabaphristi.
4 UNadabi no-Abhihu bafa phambi kukaSimakade, ngesikhathi benikela kuSimakade ngomlilo ongafanele ehlane iSinayi; babengenamadodana. U-Eleyazare no-Ithamari bakhonza bengabaphristi phambi kukayise u-Aroni.
5 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
6 “Sondeza isizwana sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni, umphristi, ukuba simsize.
7 Siyokwenza imisebenzi yakhe neyenhlangano yonke phambi kwethende lokuhlangana, siyokwenza nemisebenzi yethabanakeli.
8 Bayakunakekela yonke impahla yethende lokuhlangana nemisebenzi yabantu bakwa-Israyeli, senze umsebenzi wethabanakeli.
9 Uyakwethula abaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; bayokwethulwa kuye impela, bevela kubantu bakwa-Israyeli.
10 Uyoqoka u-Aroni namadodana akhe ukuba benze umsebenzi wobuphristi; umfokazi oyosondela kubo, uyakubulawa.”
11 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
12 “Mina ngibakhiphile abaLevi phakathi kwabantu bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo wonke avula isibeletho kubantu bakwa-Israyeli; abaLevi bayokuba ngabami.
13 Ngokuba wonke amazibulo angawami. Kusukela ngosuku engabulala ngalo wonke amazibulo eGibhithe, ngazehlukanisela wonke amazibulo akwa-Israyeli ukuba abe ngawami; kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ayokuba ngawami; nginguSimakade.”
14 USimakade wakhuluma kuMose ehlane iSinayi, wathi:
15 “Bala abozalo lwabaLevi ngezindlu zokhokho babo nangemindeni yabo; uyobala bonke abesilisa, kusukela konenyanga kuya phezulu.”
16 UMose wababala abaLevi njengezwi likaSimakade, njengalokhu ayemyalile uSimakade.
17 Lawa ngamadodana kaLevi ngamagama awo: uGereshoni, uKhohathi noMerari.
18 Lawa ngamagama amadodana kaGereshoni ngemindeni yawo: uLibhini noShimeyi.
19 Amadodana kaKhohathi ngemindeni yawo: u-Amramu, uJizihari, uHebhroni no-Uziyeli.
20 Amadodana kaMerari ngemindeni yawo: uMaheli noMushi. Leyo yimindeni yabaLevi ngezindlu zokhokho babo.
21 KuGereshomi kwavela umndeni kaLibhini nokaShimeyi, lena yiyona imindeni yakwaGereshoni.
22 Inani labo bonke abesilisa ababalwayo, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-7 500.
23 Imindeni kaGereshoni iyakukanisa emva kwethabanakeli ngasentshonalanga.
24 Umholi wendlu kaGereshoni kwakungu-Eliyasafa indodana kaLayeli.
25 Umsebenzi wabozalo lwabakaGereshoni ethendeni lokuhlangana kwakungukunakekela ithabanakeli, ithende, isembozo salo, nekhethini elalisemnyango wethende lokuhlangana,
26 namakhethini asegcekeni nekhethini elisemnyango wegceke elizungeze ithabanakeli ne-althare, izintambo zalo, nayo yonke imisebenzi ephathelene nalezo zinto.
27 KuKhohathi kwavela le mindeni: oka-Amramu, okaJizihari, okaHebhroni noka-Uziyeli. Yilena imindeni kaKhohathi.
28 Inani labo bonke abesilisa, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-8 600.
29 Imindeni yabozalo lwabakwaKhohathi iyakukanisa ohlangothini oluseningizimu lwethabanakeli.
30 Umholi wemindeni yamaKhohathi kwakungu-Elizafani indodana ka-Uziyeli.
31 Umsebenzi wabo kwakungukugcina umphongolo, itafula, uthi lwezibani, ama-althare, izitsha ezisetshenziswa endaweni engcwele, ikhethini nayo yonke imisebenzi eyayenziwa ngalezo zinto.
32 U-Eleyazare, indodana ka-Aroni, umphristi uyokwengamela abaLevi, abheke abenza imisebenzi endaweni engcwele.
33 KuMerari kwavela le mindeni: okaMaheli nokaMushi. Lena kwakuyimindeni kaMerari.
34 Inani labo bonke abesilisa ababalwa, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-6 200.
35 Umholi wendlu kakhokho wemindeni yamaMerari kwakunguZuriyeli, indodana ka-Abhihayili, bona bayakukanisa ohlangothini olungasenyakatho lwethabanakeli.
36 Umsebenzi owawumiselwe abozalo lwakwaMerari kwakungukunakekela amapulangwe ethabanakeli: imishayo, izinsika, izisekelo zalo, nazo zonke izimpahla zalo, nayo yonke imisebenzi eyayenziwa ngalezo zinto.
37 Babebuye banakekele izinsika zegceke nxazonke, izisekelo, izikhonkwane, nezintambo zalo.
38 Ababekanise ngaphambi kwethabanakeli ngasempumalanga, phambi kwethende lokuhlangana lapho kuphuma khona ilanga, kwakunguMose, u-Aroni namadodana akhe. Umsebenzi wabo kwakungukwenza izinkonzo endaweni engcwele, bagcine umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli; umfokazi oyosondela kubo uyobulawa.
39 Inani elabalwa nguMose no-Aroni kubo bonke abaLevi, kusukela konenyanga kuya phezulu, ngokwemindeni yabo njengalokhu uSimakade ayeshilo, kwakuyizi-22 000.
40 USimakade wathi kuMose: “Bala wonke amazibulo esilisa abantu bakwa-Israyeli, kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, uwabhalise ngamagama awo,
41 ungithathele abaLevi esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, nawemfuyo; nginguSimakade.”
42 UMose wawabala wonke amazibulo abantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile.
43 Wonke amazibulo awabalayo kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ayeyizi-22 273.
44 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
45 “Thatha abaLevi esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, nemfuyo yabaLevi esikhundleni samazibulo emfuyo yabo, ngokuba abaLevi bangabami; nginguSimakade.
46 Ukuze uhlenge abangama-273 bamazibulo abantu bakwa-Israyeli abangaphezu kwabaLevi,
47 uyakuthatha amashekeli ayisihlanu ngenhloko ngayinye, lawo ngokweshekeli lendawo engcwele. Uyothatha ishekeli elingamagera angama-20;
48 uyonika u-Aroni namadodana akhe leyo mali eyisihlengo salabo okweqe ngabo.”
49 UMose wathatha imali eyisihlengo salabo okwakweqe ngabo kulabo ababehlengwe ngabaLevi,
50 emazibulweni abantu bakwa-Israyeli wathatha imali engamashekeli ayi-1 365 ngokweshekeli lendawo engcwele.
51 UMose wayinika u-Aroni namadodana akhe imali yesihlengo njengezwi likaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.