Nahum 3
1 Maye kuwe muzi ochitha igazi! Wonke ugcwele inkohliso nempango, ukuphanga akupheli.
2 Kuqhuma isiswebhu, nomsindo wokugodlozela kwamasondo, nogabadula kwamahhashi, nokugxuma kwezinqola.
3 Abagibeli bamahhashi bayawagadulisa, kumenyezela inkemba, kunyazime ukhonto, baningi ababuleweyo nezindumbu ezidindilizile, akukho ukuphela kwezidumbu; abantu bayakhubeka ngezidumbu zabo,
4 ngokuba budlangile ubufebe besifebe esibukekayo, umpetha wokuyenga, umkhunkuli othengisa izizwe ngobufebe bakhe, nemindeni ngokukhunkula kwakhe.
5 Uyabona-ke, ngimelene nawe; ngiyakuphakamisa isidwaba sakho sikwemboze ubuso, ngikhombise izizwe ubunqunu bakho, nemibuso ihlazo lakho.
6 Ngiyakuphosa phezu kwakho okunengekayo, ngikubukele phansi, ngikwenze ube yinhlekisa.
7 Kuyakuthi bonke abakubonayo bakubalekele, bathi: “INineve isiyincithakalo, ngubani oyakulizwela na? Ngiyakubafunaphi abaduduzi bakho na?”
8 Umuhle yini wena kuneNo Amoni elaliphakathi kwemifula, lizungezwe ngamanzi, ugange lwalo kuwulwandle, nodonga lwalo kungamanzi na?
9 IKhushe neGibhithe kwakungamandla alo angenakuphela; uPhuthi namaLibhiya kungabasizi bakho.
10 Nalo laya ekuthunjweni. Ekuthunjweni izingane zalo zaphahlazwa ezinhlanganweni zemigwaqo; benza unkatho ngezikhulu zalo, bonke abaholi balo baboshwa ngamaketango.
11 Nawe uyakudakwa, ufihlwe; uyakufuna inqaba yokucashela izitha.
12 Zonke izinqaba zakho ziyimikhiwane enamakhiwane okuqala asevuthiwe; uma inyakaziswa awela emlonyeni wodlayo.
13 Bheka nje, abantu bakho onabo bangamanina. Amasango ezwe lakho avulekele izitha zakho, umlilo uyakungqongqisa imigoqo yakho.
14 Zikhelele amanzi ngoba uzovinjezelwa, uqinise izinqaba zakho; uxove udaka, ubumbe izitini.
15 Lapho uyakukungqongqiswa ngumlilo, udliwe yinkemba, ikudle njengesikhonyane, zandise njengokhumbintethe, uzandise njengesikhonyane!
16 Wandisile abahwebi bakho ukwedlula izinkanyezi zezulu; isikhonyane sahluba, qede sandizela kude.
17 Abalindi bakho banjengokhumbintethe, nezikhulu zakho zifana nequlu lesikhonyane sihlezi odongeni ngosuku lwamakhaza, kuthi lapho kuphuma ilanga sindize, singabe sisaziwa ukuthi sikuyiphi indawo.
18 Abelusi bakho balele, nkosi yase-Asiriya; abahloniphekileyo bakho bayaphumula; abantu bakho bahlakazekele ezintabeni, akekho obaqoqayo.
19 Akukho ukwelashwa kokuphuka kwakho; isilonda sakho sinzima; bonke abezwa umbiko ngawe bashaya ihlombe, ngokuba ngubani obungadlulelanga njalo phezu kwakhe ububi bakho na?