Habakkuk 1
1 Isiphrofetho esabonwa nguHabhakuki umphrofethi.
2 Kuyoze kube nini Simakade ngikhalela usizo, ungezwa, ngikhala kuwe kalusizi, ungasindisi na?
3 Kungani ungibonisa ububi, uthalalise ngenkathazo na? Imbubhiso nobudlova kuphambi kwami; kukhona ukulwa nombango okudlangile.
4 Ngalokho-ke umthetho awusathi shu, nokwehlulela akusenziwa unomphelo, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngenxa yalokho ubulungiswa buphuma buhlanekezelwe.
5 Bhekani phakathi kwezizwe, nibuke, nishaqeke ngokumangala, ngokuba ngizakwenza isimanga ezinsukwini zenu eningayukusikholwa, lapho kulandwa ngaso.
6 Ngokuba niyabona-ke, sengizakuvusa amaKhaledi, isizwe esinonya nesidlovayo, esidabula ebubanzini bomhlaba siyodla izindawo zokuhlala okungesizo ezaso.
7 Siyethusa, siyesabeka; kuphuma kuso ukwehlulela kwaso nesithunzi saso. ukuthi yini elungileyo.
8 Amahhashi aso agijima ukwedlula izingwe, eyesabeka kunamankentshane ebusuku; abagibeli bamahhashi aso bayagabadula, futhi bavela kude abagibeli bamahhashi aso, bandiza njengokhozi luphuthuma elizokudla.
9 Sonke ngothi lwaso sitheleka ngendluzula, ubuso baso buqonde ngqo phambili; sibutha abathunjwa njengesihlabathi.
10 Siklolodela amakhosi, ababusi bayinhlekisa kuso; sihleka zonke izinqaba, senze izindunduma ngomhlabathi, sidle izinqaba.
11 Sidlula njengesiphepho, sidlulele phambili, kodwa sona sinecala, amandla aso angunkulunkulu waso.
12 Wena Simakade Nkulunkulu wami, oNgcwele, awusiye yini owasemandulo na? Asiyukufa; usinqumele ukwehlulelwa; Wena Dwala, usibekele ukujeziswa.
13 Amehlo akho ahlanzekile ukuba ungabona ububi, nokuba ungayibheki inkathazo. Pho kungani ubukana nabakhohlisi, uthalalisa lapho omubi eshwabadela olungileyo kunaye na?
14 Wenze abantu banjengezinhlanzi zasolwandle, nanjengezilwane ezinwabuzelayo ezingenambusi.
15 Uyabakhipha bonke ngodobo, abahudule ngenetha lakhe, abaqoqele enetheni lakhe elihudulwayo, ngalokho-ke uyathokoza, ajabule.
16 Ngakho-ke uhlabela inetha lakhe, alishisele impepho inetha lakhe elihudulwayo, ngokuba isabelo sakhe sinokudla okuningi, unokwanele azokudla.
17 Ngalokho uyakuthulula inetha lakhe, aqhubeke nokubhubhisa izizwe, angashiyi namunye.