Habakkuk 22020

1Ngiyakuma endaweni yami yokulinda, ngime embhoshongweni, ngibheke ukuba ngibone ukuthi uyakukhulumani ngami, nokuthi ngiyakuphendula ngithini ngokukhononda kwami.

2USimakade wangiphendula wathi: “Bhala phansi umbono, uwenze ucace ezibhebheni ukuze owufundayo asheshe nawo.

3Ngokuba umbono usalokhu ungowesikhathi esinqunyiweyo, uyakushesha ufike esiphethweni, awuyukukhohlisa; nakuba uyakubambezeleka, ulinde, ngokuba impela uyakufika, awuyukwephuza.

4Bheka, uyazikhukhumeza, ingaphakathi lakhe aliqotho, kodwa olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.

5Impela, iwayini liyakhohlisa, umuntu ozigqajayo akahlali ekhaya, owandisa umphimbo wakhe ufana nendawo yabafileyo; akaneliswa njengokufa; uziwolela zonke izizwe, aziqoqele bonke abantu.

6Abayukukhuza yini isaga ngaye bampongoloze iculo bebhinqa benze imfumbe ngaye, omunye wathi: “ ‘Maye, kulowo owandisa okungesikho okwakhe, kuyoze kube nini na? – lowo ozethwesa umthwalo onzima ngezibambiso!

7Abayukuvuka yini ngokuzumayo labo abakukhokhela inzuzo, abayukuvuka bakuthuthumelise, ube yimpango yabo na?

8Phela wena uziphangile izizwe eziningi, yonke insali yabantu iyakukuphanga nawe, ngenxa yokuchitha igazi labantu nobudlova obenziwe ezweni nasemzini, nakubo bonke abahleli kuwo.’

9Maye, kulowo ozuzela indlu yakhe ngokungalungile inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuze azihlenge esandleni senhlekelele!

10Amacebo owenzile athele indlu yakho ngehlazo ngokubulala abantu abaningi wenza isono kuwe uqobo.

11Ngokuba amatshe ayakukhala esogangeni, nomshayo uyakuphendula usophahleni.

12Maye, kowakha umuzi ngokuchitha igazi, asekele umzana ngobubi!

13Uyabona-ke, akuveli yini kuSimakade Wamabadla, ukuthi abantu bakhandleke ukuze banelise umlilo, nezizwe zizikhathaze ngokuyize na?

14Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaSimakade, njengamanzi esibekela ulwadle.

15“Maye, kophuzisa umakhelwane wakhe, athulule ulaka lwakhe, amdakise, ukuze abuke ubunqunu bakhe!

16Uyakwaneliswa yihlazo kunokuhlonipheka, uphuze nawe, ubalwe njengongasokile, indebe yesandla sokunene sikaSimakade iyakuza kuwe, ihlazo libe phezu kodumo lwakho.

17Ngokuba ubudlova obenziwe eLebhanoni buyakukuhaqa, nokubhujiswa kwezilwane kukwesabise, ngenxa yokuchithwa kwegazi labantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abahleli kuwo.

18Sisiza ngani isithombe, ngokuba umbazi usibazile, nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga, ngokuba osibumbileyo wethembele kuwo ngokwenza izithombe eziyizimungulu na?

19Maye kothi okhunini: ‘Vuka!’ athi kulo itshe elithule: ‘Sukuma!’ Kungafundisa yini lokhu na? Bheka, kunanyekwe ngegolide nangesiliva, akukho kuphefumula kukho.

20Kodwa uSimakade esethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Habakkuk 2.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.