Bible

Simplify

Your Church Tech & Streamline Your Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Nahum 2

:
Zulu - 2020
1 Lowo ocekela phansi uzokuhlasela, qapha inqaba, ubheke emgwaqweni, uqinise ukhalo, uqinise izikhwepha ngokwedlulele.
2 Ngokuba uSimakade uyakubuyisa udumo lukaJakobe njengodumo luka-Israyeli, abacekela phansi babaqothulile, bashabalalisa namagatsha abo.
3 Izihlangu zamabutho akhe zibomvu, amadoda anamandla agqoke okubukhwebezane, izinqola zensimbi zibengezela umlilo ngosuku azilungiselela ngalo, imikhonto iyaveva.
4 Izinqola zenza njengezinhlanya emigwaqweni, zigijima ziya le nale; ukubonakala kwazo kunjengezibani, zigijima ziphambana njengemibani.
5 Usekhumbula izikhulu zakhe, ziyakhubeka ohambeni lwazo, ziphuthuma ongangeni lwakhona, izivikelo ziyalungiswa.
6 Amasango emifula asevuliwe, isigodlo siyabhidlika.
7 Kunqunyiwe ngalo, liyambulwa, liyathunjwa, nezincekukazi zalo ziyalila njengokukhala kwamajuba, azishaya phezu kwezinhliziyo.
8 Kepha iNineve lifana nechibi lamanzi kusukela ezinsukwini zalo, nokho bayabaleka. Yimani, yimani! Kodwa akukho namunye ophendukayo.
9 Phangani isiliva! Phangani igolide! Ngokuba akupheli okubekiweyo ngobuningi, nakho konke okuyigugu.
10 Alisenalutho, kukhala ibhungane, futhi liyincithakalo, inhliziyo iyancibilika, kushayana amadolo, izinhlungu zikhungethe lonke ukhalo, nobuso babo bonke buphaphathekile.
11 Uphi umphandu wezingonyama, nedlelo lamawundlu ezingonyama, lapho kwahamba khona ingonyama nengonyakazi newundlu lengonyama, lapho kungekho khona okwesabisayo na?
12 Ingonyama yadwengula okwanele amawundlu ayo, yakubamba entanyeni okwengonyamakazi yayo, yagcwalisa umgodi wayo ngenyamazana, umphandu wayo ngenyama edwenguliwe.
13 “Uyabona-ke, ngimelene nawe, ngiyakushisa izinqola zakho entuthwini, inkemba ibhuqabhuqe amawundlu akho, ngiyakuyiqeda nya inyamazane yakho ezweni, nephimbo lezithunywa zakho aliyukuphinde lizwakale,” kusho uSimakade.