1Lowo ocekela phansi uzokuhlasela, qapha inqaba, ubheke emgwaqweni, uqinise ukhalo, uqinise izikhwepha ngokwedlulele.
2Ngokuba uSimakade uyakubuyisa udumo lukaJakobe njengodumo luka-Israyeli, abacekela phansi babaqothulile, bashabalalisa namagatsha abo.
3Izihlangu zamabutho akhe zibomvu, amadoda anamandla agqoke okubukhwebezane, izinqola zensimbi zibengezela umlilo ngosuku azilungiselela ngalo, imikhonto iyaveva.
4Izinqola zenza njengezinhlanya emigwaqweni, zigijima ziya le nale; ukubonakala kwazo kunjengezibani, zigijima ziphambana njengemibani.
5Usekhumbula izikhulu zakhe, ziyakhubeka ohambeni lwazo, ziphuthuma ongangeni lwakhona, izivikelo ziyalungiswa.
6Amasango emifula asevuliwe, isigodlo siyabhidlika.
7Kunqunyiwe ngalo, liyambulwa, liyathunjwa, nezincekukazi zalo ziyalila njengokukhala kwamajuba, azishaya phezu kwezinhliziyo.
8Kepha iNineve lifana nechibi lamanzi kusukela ezinsukwini zalo, nokho bayabaleka. Yimani, yimani! Kodwa akukho namunye ophendukayo.
9Phangani isiliva! Phangani igolide! Ngokuba akupheli okubekiweyo ngobuningi, nakho konke okuyigugu.
10Alisenalutho, kukhala ibhungane, futhi liyincithakalo, inhliziyo iyancibilika, kushayana amadolo, izinhlungu zikhungethe lonke ukhalo, nobuso babo bonke buphaphathekile.
11Uphi umphandu wezingonyama, nedlelo lamawundlu ezingonyama, lapho kwahamba khona ingonyama nengonyakazi newundlu lengonyama, lapho kungekho khona okwesabisayo na?
12Ingonyama yadwengula okwanele amawundlu ayo, yakubamba entanyeni okwengonyamakazi yayo, yagcwalisa umgodi wayo ngenyamazana, umphandu wayo ngenyama edwenguliwe.
13“Uyabona-ke, ngimelene nawe, ngiyakushisa izinqola zakho entuthwini, inkemba ibhuqabhuqe amawundlu akho, ngiyakuyiqeda nya inyamazane yakho ezweni, nephimbo lezithunywa zakho aliyukuphinde lizwakale,” kusho uSimakade.