1Viva ngamabutho ndodakazi, kukhona osivimbezelayo; umehluleli ka-Israyeli bayakumshaya esihlathini.
2“Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”
3Ngakho-ke uyakubakhaphela kuze kube yisikhathi sokuba okhulelweyo abelethe. Kuyakuthi lapho esebelethile, abafowabo abaseleyo babuyele kubantu bakwa-Israyeli.
4Uyakuma, eluse ngamandla kaSimakade nangobukhulu begama likaSimakade uNkulunkulu wakhe. Bayakuhlala bevikelekile, ngokuba uyakuba mkhulu kuze kube semaphethelweni omhlaba.
5Lokhu kuyakuba ngukuthula: kuyakuthi lapho i-Asiriya litheleka ezweni lethu, linyathela ezinqabeni zethu, simelane nalo ngabelusi abayisikhombisa nangezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.
6Bayakubusa i-Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ngezintuba zalo, Uyakusihlenga e-Asiriya, lapho litheleka ezweni lethu, nalapho linyathela emingceleni yethu.
7Insali kaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe eziningi njengamazolo avela kuSimakade, nanjengezihlambi otshanini ezingalindeli muntu, nezingahlaleli bantwana babantu.
8Insali kaJakobe iyakuba sezizweni, kubantu abaningi, njengengonyama iphakathi kwezilwane zehlathi, nanjengewundlu lengonyama liphakathi komhlambi wezimvu, elithi uma lidabula phakathi kwawo, linyathele, linephunephuze, kungabi bikho ohlengayo.
9Masiphakanyiswe isandla sakho phezu kwezitha zakho, ziqedwe nya zonke izitha zakho.
10USimakade uthi: “Kuyakuthi ngalolo lusuku, nginqume amahhashi akho onawo, ngiqede nya ngezinqola zakho.
11Ngiyakubhidliza imizi ezweni lakho, ngizicekele phansi zonke izinqaba zakho.
12Ngiyakushabalalisa ukulumba okwenza ngezandla zakho, kungabe kusababikho ababhula kuwe.
13Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziweyo nezinsika zakho onazo, ungaphindi futhi ukhothamele imisebenzi yezandla zakho.
14Ngiyakusiphula izinsika zo-Ashera bakho onabo, ngishabalalise imizi yakho.
15Ngiyakuphindisela ngentukuthelo nangolaka ezizweni ezingalalelanga.”