Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Micah 5

:
Zulu - 2020
1 Viva ngamabutho ndodakazi, kukhona osivimbezelayo; umehluleli ka-Israyeli bayakumshaya esihlathini.
2 “Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”
3 Ngakho-ke uyakubakhaphela kuze kube yisikhathi sokuba okhulelweyo abelethe. Kuyakuthi lapho esebelethile, abafowabo abaseleyo babuyele kubantu bakwa-Israyeli.
4 Uyakuma, eluse ngamandla kaSimakade nangobukhulu begama likaSimakade uNkulunkulu wakhe. Bayakuhlala bevikelekile, ngokuba uyakuba mkhulu kuze kube semaphethelweni omhlaba.
5 Lokhu kuyakuba ngukuthula: kuyakuthi lapho i-Asiriya litheleka ezweni lethu, linyathela ezinqabeni zethu, simelane nalo ngabelusi abayisikhombisa nangezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.
6 Bayakubusa i-Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ngezintuba zalo, Uyakusihlenga e-Asiriya, lapho litheleka ezweni lethu, nalapho linyathela emingceleni yethu.
7 Insali kaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe eziningi njengamazolo avela kuSimakade, nanjengezihlambi otshanini ezingalindeli muntu, nezingahlaleli bantwana babantu.
8 Insali kaJakobe iyakuba sezizweni, kubantu abaningi, njengengonyama iphakathi kwezilwane zehlathi, nanjengewundlu lengonyama liphakathi komhlambi wezimvu, elithi uma lidabula phakathi kwawo, linyathele, linephunephuze, kungabi bikho ohlengayo.
9 Masiphakanyiswe isandla sakho phezu kwezitha zakho, ziqedwe nya zonke izitha zakho.
10 USimakade uthi: “Kuyakuthi ngalolo lusuku, nginqume amahhashi akho onawo, ngiqede nya ngezinqola zakho.
11 Ngiyakubhidliza imizi ezweni lakho, ngizicekele phansi zonke izinqaba zakho.
12 Ngiyakushabalalisa ukulumba okwenza ngezandla zakho, kungabe kusababikho ababhula kuwe.
13 Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziweyo nezinsika zakho onazo, ungaphindi futhi ukhothamele imisebenzi yezandla zakho.
14 Ngiyakusiphula izinsika zo-Ashera bakho onabo, ngishabalalise imizi yakho.
15 Ngiyakuphindisela ngentukuthelo nangolaka ezizweni ezingalalelanga.”