Micah 4
1 Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina intaba yendlu kaSimakade iqiniswe esiqongweni sezintaba, ibe yinde kunamagquma, abantu abaningi bayakugelezela kuyo.
2 Izizwe eziningi ziyakufika zithi: “Wozani, masikhuphukele entabeni kaSimakade, nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise ezindleleni zakhe, size sikwazi ukuhamba emikhondweni yakhe, ngokuba eZiyoni kuyakuvela umthetho, nezwi likaSimakade eJerusalema.
3 Uyakwehlulela izizwe eziningi, akhiphe isinqumo ezizweni ezinamandla ezikude. Ziyakucangcatha izinkemba zazo zibe ngamageja, imikhonto yazo ibe yiziphundli. Isizwe asisayukuhlasela esinye isizwe ngenkemba, futhi azisayukuqeqeshelwa ukulwa.
4 Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akekho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaSimakade Wamabandla ukhulumile.
5 Nakuba bonke abantu behamba kube yilowo nalowo egameni likankulunkulu wakhe, kodwa thina siyakuhamba egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu, kuze kube phakade.”
6 USimakade uthi: “Ngalolo lusuku ngiyakuqoqa abaqhugayo, ngibahlanganise ndawonye abadingisiwe nengibajezisile.
7 Ngiyakwenza abaqhugayo babe yinsali, nabayiswe emajukujukwini babe yisizwe esinamandla. USimakade uyakubabusa entabeni iZiyoni, kusukela manje kuze kube phakade.
8 Wena mbhoshongo womhlambi, nqaba yendodakazi yaseZiyoni kuyakufika kuwe, impela kuyakufika ukubusa kwakuqala, umbuso kuwe ndodakazi yaseJerusalema.
9 “Kungani manje usukhala ubuqanduqandu na? Awunayo yini inkosi, noma useshabalele yini umeluleki wakho, ngoba usubanjwe yimihelo njengobelethayo na?
10 Yobayoba ezinhlungwini, uzale, ndodakazi yaseZiyoni, njengowesifazane obelethayo, ngokuba manje uyakuphuma uphele kulo muzi, uyakuhlala endle, uye naseBhabhele, kulapho uyakukhululwa khona; uSimakade uyakukuhlenga esandleni sezitha zakho.”
11 Manje izizwe eziningi zihlangene ngawe, zithi: “Malingcoliswe, amehlo ethu mawaligqolozele iZiyoni.”
12 “Kodwa aziyazi imicabango kaSimakade, aziwaqondi amasu akhe, ngokuba uziqoqele ndawonye esibuyeni njengezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe.
13 Sukuma ubhule, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze zibe yithusi; uyakuqothisisa izizwe eziningi.” Uyakwethula inzuzo yazo nomcebo wazo kuSimakade, iNkosi yomhlaba wonke.