Micah 3
1 Ngathi: “Ake nizwe nina zinhloko zakwaJakobe, nani baholi bendlu ka-Israyeli. Akunina yini okufanele nazi ubulungiswa na?
2 Kodwa nina nizonda okuhle, nithande okubi, nebula isikhumba sabo nibasuse inyama emathanjeni abo.
3 Nidle inyama yabantu bami, nabaxebula isikhumba sabo, amathambo abo nawaphoqophoqoza, nabaqobaqobela ebhodweni nakugalaza njengenyama.”
4 Ngakho-ke bayakukhala kuSimakade, kodwa akayukubaphendula. Uyakubafihlela ubuso bakhe ngaleso sikhathi, ngenxa yokwenza kwabo izenzo ezimbi.
5 Usho kanje uSimakade: “Ngabaphrofethi abadukisa abantu bami, abaluma ngamazinyo abo, bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’ kuthi lowo ongabeki lutho emlonyeni wabo bavivele ukumthelekela ngempi.
6 Ngalokho ubusuku buyakunifikela, ningaboni mbono, ningabe nisabhula. Liyakubashonela ilanga abaphrofethi, usuku lube mnyama bhuqe kubo.
7 Ababonayo bayakuba namahloni, ababhuli bahlazeke; bonke bayakubamba amadevu abo, ngokuba kungekho mpendulo evela kuNkulunkulu.”
8 Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe.
9 Ake nizwe nina zinhloko zendlu kaJakobe, nani babusi bendlu ka-Israyeli, enenyanya ubulungiswa niphambanise konke okulungileyo;
10 nina enakha iZiyoni ngokuchitha igazi, neJerusalema ngokuhlanekezela ubulungiswa.
11 Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.
12 Ngakho-ke ngenxa yenu iZiyoni liyakulinywa libe yinsimu, neJerusalema libe yindunduma yencithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.