Bible

Simplify

Your Church Tech & Streamline Your Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Micah 2

:
Zulu - 2020
1 Maye, kulabo abaceba okubi, labo abahlela ukwenza ububi besemibhedeni yabo, kuthi ekuthatheni kokusa bakwenze! Ngokuba kusemandleni ezandla zabo ukwenza lokho.
2 Bafisa amasimu, bawaqhwage, nezindlu bazithathe, bacindezele indoda nabendlu yayo, umuntu nefa lakhe.
3 Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Niyabona-ke, lo mndeni ngiwuhlelela inhlekelele, eningayukukhipha izintamo zenu kuyo, futhi aniyukuhamba ngokuziqhayisa, ngokuba kuyakuba yisikhathi esibi.
4 Ngalolo lusuku bayakusho isaga ngani, bakhihle isililo, bethi: ‘Kuphelile, kuphele nya ngathi; isabelo sabantu bami sinikwe abanye abantu! Maye, usithathile kimi, amasimu ethu wawabela amahlubuka!’
5 Ngakho-ke akuyukubabikho kini ophonsa intambo yokulinganisa ngonkatho ebandleni likaSimakade.
6 “Ningaphrofethi,” baphrofetha, bathi: “Akufanele niphrofethe ngalokho; asiyukuthelwa ngehlazo.
7 Kungashiwo yini nina ndlu kaJakobe ukuthi uMoya kaSimakade uphelelwa yinisineke noma lezi yizenzo zakhe na? Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho na?
8 Akukapholi maseko abantu bami sebephenduke isitha; bahlubula ingubo esembathweni salabo abadlula bethi baphephile, bebuya empini.
9 Nixosha abesifazane babantu bami ezindlini abazithandayo; nithathe ezinganeni zabo inkazimulo yami yaphakade.
10 Sukumani nihambe, ngokuba lena akusiyona indawo yokuphumula, ngoba ingcolile, iyakuqotha imbokodo nesisekelo kabi.
11 Ukuba bekukhona ohamba ekhuluma udwadwa namanga, aqambe amanga athi: ‘Ngiyakuniphrofethela ngewayini nangophuzo olunamandla, ubeyakuba ngumphrofethi walaba bantu.’
12 “Impela ngiyakumqoqa wonkana uJakobe; ngiyihlanganise ndawonye ngempela insali yakwa-Israyeli, ngiyiqoqele ndawonye njengezimvu esibayeni, nanjengomhlambi phakathi edlelweni lawo, kube nokuxokozela kwabantu.
13 Obavulela indlela uyakuhamba phambi kwabo. Bayakufohla, badlulele esangweni, baphume ngalo. Inkosi yabo isidlulile phambi kwabo, uSimakade useyinhloko yabo.”