Micah 62020

1Ake nizwe okushiwo nguSimakade, ethi: “Sukuma umangalele izintaba, amagquma mawalizwe iphimbo lakho.

2Zwanini zintaba udaba lukaSimakade, nazi zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uSimakade unodaba ngabantu bakhe, uzakuqagulisana no-Israyeli.

3“Bantu bami, ngenzeni kinina na? Nginikhathaze ngani na? Ngiphenduleni.

4Nganikhuphula eGibhithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathumela uMose, u-Aroni noMiriyamu ukuba banihole.

5Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”

6Ngiyakufika ngiphetheni nje kuSimakade, engiyakukhothama nakho kuNkulunkulu ophezulu na? Ngabe ngiyakufika kuye neminikelo yokushiswa namathole anonyaka na?

7Ngabe uyakuthokoza yini uSimakade ngezinqama eziyinkulungwane, nangezinkulungwane ezilishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunikela ngezibulo lami yini ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami na?

8Wena muntu, uSimakade ukutshelile ukuthi kuyini okuhle, nokuthi uSimakade ufunani kuwe, ukuthi wenze ubulungiswa, uthande ukwethembeka, uhambe ngokuthobeka kanye noNkulunkulu wakho.

9Iphimbo likaSimakade limemeza umuzi. Igama lakho liyakubona impumelelo. Lalela sizwe kanye nalowo osiqokileyo.

10Ngabe kusekhona ingcebo embi endlini yezikhohlakali, ne-efa elincane eliqalekisiweyo na?

11Ngingathalalisa yini ngezikali zokuqola nesaka lesisindo sobuqili na?

12Labo abacebileyo bakhona banobudlova obedlulele, nezakhamuzi zakhona zihubhuza amanga, nolimi lwenkohliso lusemlonyeni wazo.

13Ngakho-ke Mina ngiyakukugulisa ngokukushaya, ngikwenze incithakalo ngenxa yezono zakho.

14Uyakudla, kodwa ungasuthi, uyakubhekana nendlala, uthathe kodwa ungakulethi endaweni ephephileyo, noma yini oyiletha endaweni evikelekile, ngiyakuyinikela enkembeni.

15“Uyakutshala, kodwa ungavuni; uyakugxoba iminqumo, kepha ungazigcobi wena ngamafutha, ukhame izithelo zomvini, kodwa wena ungaliphuzi iwayini.

16Izimiso zika-Omri ziyalandelwa, nayo yonke imisebenzi yendlu ka-Ahabi nihambe ngayo, ngokwamacebo abo, ngalokho-ke ngiyakunenza incithakalo, nezakhamuzi into enximfelwayo, niyakuthwala ihlazo labantu bami.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Micah 6.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.