Mark 7
1 Kwabuthana kuJesu abaFarisi nezazimthetho, bevela eJerusalema.
2 Babona abanye babafundi bakhe bedla izinkwa ngezandla ezingcolileyo, okungukuthi ezingageziwe.
3 Ngokuba abaFarisi nabaJuda bonke abadli bengazigezanga izandla, belandela isiko lokhokho;
4 nalapho bebuya endalini kabadli bengazihlambile izandla. Kukhona nokunye okuningi abakwemukelayo futhi ababambelele kukho; njengokugeza izinkomishi, izinkamba, nezitsha zethusi.
5 AbaFarisi nezazimthetho bambuza bathi: “Kungani abafundi bakho bengaqhubi ngokwenkambiso yabadala na?”
6 UJesu wayesethi kubo: “U-Izaya waphrofetha kahle ngani, nina bazenzisi, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kodwa inhliziyo yaso ikude nami;
7 bangikhonza ngeze, bafundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’
8 “Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambelele esikweni labantu.”
9 Wayesethi kubo: “Yebo, nilahla umyalo kaNkulunkulu ukuze nigcine isiko lenu.
10 Ngokuba uMose wathi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Noma ngubani othuka uyise noma unina, makafe nokufa.’
11 Kepha nina nithi: ‘Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: Lokhu kungumnikelo engethembise ukuwunikela kuNkulunkulu, esho isipho abebengasizakala ngaso,’
12 lowo muntu anisamvumeli ukuba asize uyise noma unina.
13 Nilenza ize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu enalamukelayo, nokunye okuningi okunjalo enikwenzayo.”
14 UJesu wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: “Ngilaleleni, nina nonke, niqonde.
15 Akukho lutho olungaphandle komuntu olungangena kuye lumngcolise, kuphela lokho okuphuma kuye, yikho okumngcolisayo.
16 Onezindlebe zokuzwa, makezwe.”
17 Kuthe esengene endlini, esuka esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalo mzekeliso.
18 Wayesethi kubo: “Kanti nani aninakuqonda na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle uma kungena kumuntu akunakumngcolisa na?
19 Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kuya esiswini, kuphumele ngaphandle.” Ngokusho kanjalo wayechaza ukuthi konke ukudla kuhlanzekile.
20 Wayesethi: “Kepha okuphuma kumuntu, yikho okumngcolisayo.
21 Ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yomuntu kuvela imicabango emibi: ubufebe, ukweba, ukubulala,
22 ukuphinga, umona, nabo bonke ububi, inkohliso, ukonakala okukhulu, iso elibi, ukuhlambalaza, ukuzidla, nobuwula.
23 Zonke lezi zinto ezimbi zivela ngaphakathi, futhi ziyamngcolisa umuntu.”
24 UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eThire. Wangena endlini, nokho wayengathandi ukuba kube khona owaziyo ngalokho, kodwa akwenzakalanga ukuba akwazi ukuzifihla.
25 Kwathi masinyane owesifazane owayenendodakazi encane eyayinomoya ongcolileyo, esezwile ngaye, wafika waziphonsa ngasezinyaweni zikaJesu.
26 Kepha lo wesifazane wayengumGriki owayezalelwe eSirofenike, wamnxusa uJesu ukuba akhiphe idimoni endodakazini yakhe.
27 UJesu wayesethi kuye: “Ake kusuthe abantwana kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.”
28 Kepha owesifazane waphendula, wathi kuye: “Yebo, Nkosi, kodwa nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.”
29 Wayesethi kuye: “Ngenxa yaleli lizwi, hamba; idimoni seliphumile endodakazini yakho.”
30 Esehambile wabuyela endlini yakhe owesifazane, wafica umntwana elele embhedeni, idimoni seliphumile.
31 UJesu esephumile futhi ezifundeni eThire, wadabula eSidoni, waya ngasolwandle iGalile, enqamula eDekhapholi.
32 Baletha kuye isithulu esinamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla sakhe phezu kwaso.
33 UJesu wagudluka naso esixukwini, baba bodwa, wayesefaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, wathinta ulimi lwaso,
34 wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: “Efatha!” okungukuthi: “Vuleka!”
35 Izindlebe zaso zavuleka ngokushesha, lwaqaqululeka nolimi lwaso, sakhuluma kahle.
36 Wabadonsa ngendlebe ukuba bangatsheli muntu. Kepha kwathi noma ebayalisisa kwaba sengathi uyababhebhezela, bayisabalalisa kakhulu indaba.
37 Bamangala ngokwedlulele, bathi: “Wenze konke kahle; izithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.”