Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Mark 6

:
Zulu - 2020
1 UJesu wasuka lapho, waya ezweni lakubo; abafundi bakhe bamlandela.
2 Selifikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni. Abaningi ababelalele bamangala, bathi: “Ngabe lo ukuthatha kuphi lokhu na? Kuhlakanipha kuni lokhu akunikiwe na? Zimangaliso zini futhi lezi azenza ngezandla zakhe?
3 Lo akusiye yini umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, uJose, uJuda noSimoni na? Nodadewabo abekho yini lapha phakathi kwethu na?” Base bekhubeka ngaye.
4 UJesu wayesethi kubo: “Umphrofethi akadelelwa ezizweni, ngaphandle kwelakubo, nasezihlotsheni zakhe, nakwabendlu yakwabo.”
5 Akakwazanga ukwenza lapho nesisodwa isimangaliso, ngaphandle nje kokubeka izandla phezu kwabagulayo abayingcosana; wabaphulukisa.
6 Wamangala ngokungakholwa kwabo. Wahamba imizi ngemizana efundisa.
7 UJesu wayesebiza abali-12, waqala ukubathuma ngababili, wabanika igunya lokukhipha omoya abangcolileyo.
8 Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela, baphathe kuphela udondolo; bangaphathi sinkwa, sikhwama sokuthekela, namali emigodleni yabo.
9 Bafake izicathulo, kepha bangembathi amabhantshi amabili.
10 Wayesethi kubo: “Nakuyiphi indlu eniyakungenisa kuyo, hlalani kuyo nize nihambe lapho.
11 Noma kuyiphi indawo lapho bengayukunamukela khona, nalapho bengayukunilalela khona, anothi uma senisuka kuyo, nithintithe uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, lokho kube ngubufakazi kubo.”
12 Bahamba-ke beshumayela ukuba abantu baphenduke.
13 Bakhipha amadimoni amaningi, bagcoba abaningi abagulayo ngamafutha, babaphulukisa.
14 INkosi uHerode yezwa ngalokhu, ngokuba igama likaJesu lase lidumile. Kwakuthiwa uJohane uMbhabhadisi uvukile kwabafileyo, yingakho enza izimangaliso ezingaka kuye.
15 Kepha abanye bathi: “Ngu-Eliya;” abanye bathi: “Ngumphrofethi onjengabanye abaphrofethi.”
16 Kepha uHerode esekuzwile lokho, wathi: “UJohane, lo engamnquma ikhanda, uvusiwe.”
17 UHerode uqobo nguye owayethumele ukuba abanjwe uJohane, wayesemfaka ejele, ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wamthatha wamgana.
18 Phela uJohane wayethe kuHerode: “Awuvunyelwe ukungena umkamfowenu.”
19 Ngakho-ke uHerodiya wambambela igqubu, wafuna ukumbulala, kodwa akabanga nawo amandla.
20 UHerode wayemesaba uJohane, emazi ukuthi uyindoda elungileyo, engcwele, futhi wayemvikela. Lapho uHerode emlalela uJohane wayesala ekhathazekile kakhulu, nokho wayethanda ukumlalela.
21 Ekugcineni lwafika olungaliyo, lapho uHerode ngosuku lwakhe lokuzalwa wenzela izikhulu zakhe idili; izinduna zempi nabanumzane baseGalile;
22 kwase kungena indodakazi kaHerodiya; yasina, yajabulisa uHerode nababehleli naye. Inkosi yathi entombazaneni: “Cela kimi noma yini oyithandayo, ngizakukunika yona.”
23 Yafunga kuyo yathi: “Noma yini oyicelayo kimi ngizakukunika yona, noma ngabe yingxenye yombuso wami.”
24 Intombazane yaphuma, yathi kunina: “Ngizakucelani na?” Yena wathi: “Ikhanda likaJohane uMbhabhadisi.”
25 Yabuyela enkosini ngokushesha, yacela yathi: “Ngithanda ukuba ungiphe, khona manje ngomcengezi, ikhanda likaJohane uMbhabhadisi.”
26 Inkosi yadabuka kakhulu, kodwa ngenxa yesifungo eyayisenzile nangenxa yalabo ababehlezi nayo esidlweni, ayithandanga ukwenqaba.
27 Inkosi yayisithuma masinyane ozokwenza lokhu, yamyala ukuba alethe ikhanda likaJohane. Wasuka, wamnquma ikhanda ejele.
28 Waliletha ikhanda lakhe ngomcengezi, wayinika intombazane, yona yalinika unina.
29 Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho, beza, bathatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni.
30 Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela konke ababekwenzileyo nabakufundisileyo.
31 Wayesethi kubo: “Wozani ngasese, nina nodwa, siye endaweni eyihlane, nihlabe ikhefu.” Ngokuba babebaningi abezayo nabahambayo, abaze balithola nethuba lokuba badle.
32 Base behamba ngomkhumbi, baya ngasese, endaweni eyihlane.
33 Abaningi bababona behamba, baqonda ukuthi baya kuphi, base begijima ngezinyawo, besuka kuyo yonke imizana, bafika lapho kuqala kunabo.
34 Esehlile uJesu, ephuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu, wasihawukela, ngokuba sasinjengezimvu ezingenamelusi; wayeseqala esifundisa okuningi.
35 Kwathi isikhathi sesihambile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, futhi seliyozilahla kunina.
36 Bahambise ukuba baye ezindaweni eziseduze nasemizaneni ukuze bazithengele ukudla.”
37 Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Sihambe yini siyothenga izinkwa zodenariyu abangama-200, sibaphe badle na?”
38 Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki? Hambani niyobheka.” Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.”
39 Wabayala ukuba bonke bahlale phansi otshanini obuluhlaza, izigaba ngezigaba.
40 Base behlala phansi amaqoqo ngamaqoqo, amanye ngekhulu, amanye ngama-50.
41 Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazabele abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke zona.
42 Bonke badla, basutha.
43 Babutha imvuthuluka yezinkwa neyezinhlanzi, kwagcwala iziqabetho ezili-12.
44 Abadla izinkwa lapho kwakungamadoda ayizi-5 000.
45 UJesu wayesephoqa ngokushesha abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni, bamandulele ukuya phesheya eBhethsayida, aze yena ahlakaze isixuku.
46 Esevalelisile esixukwini, wahamba waya entabeni ukuyokhuleka.
47 Kwathi sekuhlwile, isikebhe siphakathi nolwandle, Yena esele yedwa emhlabathini,
48 wababona ukuthi banobunzima obukhulu lapho begwedla, ngokuba umoya wawuphambana nabo. Kwathi ngomlindo wesine wobusuku, weza kubo ehamba phezu kolwandle; kwaba sengathi uyadlula kubo.
49 Kepha bambona ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi ngumungcwi; bakhala.
50 Phela bonke bambona, bethuka. Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yiMina, ningesabi.”
51 Wayesekhwela esikebheni ababekuso, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo.
52 Ngokuba abakuqondanga okwenzeke ezinkweni, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni.
53 Kuthe sebewelile, bafika eGenesaretha, babophela isikebhe lapho osebeni.
54 Kwathi bephuma nje esikebheni, abantu bambona uJesu.
55 Bagijimela kuzo zonke izifunda, baqala ukuletha abagulayo ngezinhlaka, babayisa lapho bezwe kuthiwa ukhona.
56 Kwathi noma kuphi lapho engena khona, emizaneni, emizini, nasemakhaya, babeke abagulayo ezigcawini, bamncenge ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthintayo baphiliswa.