Bible

Simplify

Your Church Tech & Streamline Your Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Mark 5

:
Zulu - 2020
1 Bafinyelela ngaphesheya kolwandle, ezweni lamaGerasa.
2 Kwathi lapho esephumile esikebheni, wahlangana masinyane nomuntu ovela emathuneni, onomoya ongcolileyo.
3 Lowo muntu wayesehlala emathuneni, kungasekho muntu owayengambopha ngeketango,
4 ngokuba wayeseboshwe kaningi ngozankosi nangamaketango, kodwa ewagqabula amaketango, futhi ephule nozankosi. Kwakungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa.
5 Wayesehlala njalo ubusuku nemini esemathuneni nasezintabeni, ememeza, futhi ezilimaza ngamatshe.
6 Wathi ukuba ambone uJesu esebuqamama, wagijima, wakhuleka kuye;
7 wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Ufunani kimi Wena Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke na? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.”
8 UJesu wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo!”
9 Wayesembuza ethi: “Ungubani igama lakho na?” Waphendula wathi kuye: “NginguLegiyona igama lami, ngokuba sibaningi.”
10 Wayesemncenga kakhulu ukuba angabaxoshi kulelo lizwe.
11 Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube owawuklabile.
12 Yamncenga imimoya engcolileyo, yathi: “Sithumele ezingulubeni ukuze singene kuzo.”
13 Wayivumela. Yaphuma-ke imimoya engcolileyo, yangena ezingulubeni. Umhlambi wakhalakathela eweni, waphonseka olwandle; lowo mhlambi wawuyizi-2 000 zezingulube, ezaminza olwandle.
14 Ababezelusile babaleka, bayobika emzini nasemaphandleni. Abantu beza ukuzozibonela ngawabo okwakwenzekile.
15 Bafika kuJesu, bambona obenamadimoni ehlezi embethe, futhi esesangulukile engqondweni, lowo owayenoLegiyona; base besaba.
16 Labo ababezibonele ngawabo, babalandisa ukuthi kwenzekeni kulowo muntu owayenamadimoni, nokwenzeka ezingulubeni.
17 Base beqala ukumnxenxa ukuba aphume aphele ezweni lakubo.
18 Kuthe lapho uJesu engena esikebheni, lowo owayenamadimoni, wamncenga ukuba ahambe naye.
19 Kepha uJesu wamnqabela, kunalokho wathi kuye: “Hamba uye ekhaya kwabakini, ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi ekwenzele khona, yakuhawukela.”
20 Wahamba-ke, waqala ukulanda ngalokho emizini elishumi konke lokho uJesu ayemenzele khona; bamangala bonke.
21 Kuthe uJesu esewelele ngaphesheya futhi ngesikebhe, kwabuthana izindimbane zabantu kuye, engasolwandle.
22 Kwafika omunye wabaphathi besinagoge, ogama lakhe nguJayiru. UJayiru wathi angambona uJesu, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe,
23 wamncenga kakhulu, ethi: “Indodakazi yami isiyalayela, ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isinde, iphile.”
24 UJesu wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samminyanisa.
25 Kwakukhona owesifazane owayenomopho iminyaka eli-12.
26 Wayehluphekile kakhulu, ehla enyuka ezinyangeni eziningi, futhi esechithe konke ayenakho, kodwa kunhlanga zimuka nomoya; kubhebhetheka okwakumphethe.
27 Esezwile ngoJesu, waya esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo kaJesu,
28 ngokuba wathi: “Uma nje ngingathinta izingubo zakhe, ngizakusindiswa.”
29 Masinyane, umthombo wegazi lakhe wanqamuka, wezwa emzimbeni wakhe ukuthi usesindile esifeni ebesimhlupha.
30 Kwathi uJesu angezwa kuye ukuthi amandla aphumile, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?”
31 Abafundi bakhe bathi kuye: “Ingani uyabona ukuthi isixuku sikuminyanisile. ‘Pho ubuzelani ukuthi ngubani okuthintileyo na?’
32 Waqalaza ukuba abone ukuthi ngubani owayenze lokho.
33 Kepha owesifazane ekwazi okwakwenzekile kuye, wesaba, wathuthumela, weza waziphonsa phansi phambi kukaJesu, wamtshela lonke iqiniso.
34 UJesu wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile, hamba ngokuthula; uphulukisiwe enhluphekweni yakho.”
35 Kuthe uJesu esakhuluma, kwafika abanye bevela endlini kaJayiru, umphathi wesinagoge, bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?”
36 Kwathi ukuba uJesu akuzwe lokho abakushoyo, wathi kumphathi wesinagoge: “Ungesabi, kholwa nje kuphela.”
37 Akavumelanga muntu ukuba amlandele ngaphandle kukaPhethro, uJakobe, noJohane, umfowabo kaJakobe.
38 Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge. UJesu wabona isiyaluyalu; abakhalayo, nababelila kakhulu.
39 Esengenile wathi kubo: “Niyaluzelani, futhi nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.”
40 Bamhleka usulu. Kepha esebakhiphile bonke ababesendlini, wathatha uyise nonina womntwana nababenaye, wangena nabo lapho umntwana ayekhona.
41 Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha khumi,” okungukuthi uma kuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!”
42 Masinyane intombazane yavuka, yahamba, ngokuba yayineminyaka eli-12. Khona lapho bamangala ngokumangala okukhulu.
43 UJesu wabadonsa ngendlebe ukuba lokhu kungaziwa muntu, futhi wabatshela ukuba bayiphe ukudla intombazane.